Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Umbango phakathi kwamadodana enkosi uMapholoba Ngcobo(oSihayo noMgabhi)

Umbango phakathi kwamadodana enkosi uMapholoba Ngcobo -Kuloba INtungwa lasenhla kwaSokhumalo Inkosi uMapholoba ka Mbhele yabakwaNyuswa yabusa isikhathi eside yaze yaba ndala kakhulu , ingayibekile inkosana eyayizobusa isizwe sakwaNyuswa uma yona isikhotheme. ENdlunkulu yayizale indodana yaba yinye , igama laleyo ndodana  kwakunguMiswayo owayezalwa yindodakazi yenkosi uGcwabe yaseMbo . Ngesikhathi sokubusa kweSilo uShaka abantu bakwaNgcobo sibathola bakhe kusukela eMpaphala eNtumeni kuze kuyofika oThukela , babebuswa yinkosi uMapholoba . Inkosi uMapholoba yakhothama ngaso isikhathi sokubusa kw... qhubeka ufunde »

Umlando ngenkosii yaBathethwa inkosi uDingiswayo ka Jobe

Umlando ngenkosi uDingiswayo ka Jobe Mthethwa Kuloba ***INtungwa lasenhla kwaSokhumalo*** Inkosi uDingiswayo ka Jobe yaBathethwa ingenye yamakhosi ayenamandla futhi ihlonishwa kakhulu ngesikhathi seMfecane( izimpi ezadlanga kakhulu ngeminyaka yama 1800). Uyise kwakuyinkosi uJobe ka Khayi , nayo yabe... qhubeka ufunde »

Umlando ngoSikhobobo Sibiya nempi yakwaMthashana

Umlando ngoSikhobobo ka Mabhabhakazana Sibiya iqhawe lempi yakwaMthashana ***Kuloba INtungwa lasenhla KwaSoKhumalo*** USikhobobo ka Mabhabhakazana Sibiya wayayiqhawe leZilo oCetshwayo ka Mpande noDinuzulu ka Cetshwayo .Wayebuthelwe ebuthweni uNokhonke ebuthwa yiSilo uMpande ka Senzangakhona. Wayebuy... qhubeka ufunde »

Khanyile

Umlando ngesibongo sakwaKhanyile ***Kuloba INtungwa lasenhla kwaSokhumalo*** (Lo mlando ucashunwe encwadini ka Solwazi J Maphalala esihloko sithi ‘Izibongo zamakhosi akwaZulu uMqulu 3) Abantu bakwaKhanyile bawuzalo lwenkosi uMalandela njengabantu bakwaQwabe, abakwaZulu, abakwaSibiya, abakwaGaz... qhubeka ufunde »

Umlando ngeMbongi uMagolwana Jiyane

Kuloboba INtungwa Lasenhla KwaSokhumalo.. UMagolwana ka Mkhathini Jiyane wayeyimbongi enkulu ka Zulu ngesikhathi sokubusa kweZilo oDingane noMpande . Abantu bakwaJiyane baphuma kubantu bakwaMtshali. Ukhokho wabo nguJiyane wakhona eMantshalini owaxoshwa esizweni ngoba ekhulelise udadewabo. UJiyane wa... qhubeka ufunde »

Umlando ngoZwangenda Jele iqhawe lenkosi uZwide

Umlando ngoZwangendaba Jele iqhawe leNkosi uZwide Kuloba uBongukholo Khumalo UZwangendaba Jele wayeyiqhawe lenkosi uZwide ,wayeyinduna enkulu yebutho lenkosi uZwide elalaziwa ngokuthi yibutho laMaphela . Imbongi uMxhamama ka Soshaya Sibisi iyalithinta ibutho laMaphela ezibongweni zeSilo uShaka uma i... qhubeka ufunde »

Umlando ngoNozishada ka Maqhoboza Nzuza

Umlando ngoNozishada ka Maqhoboza Nzuza Ibhalwe ngu Kholo Khumalo   UNozishada ka Maqhoboza Nzuza wayeyiqhawe elikhulu leSilo uDingane , wayebuthelwe ebuthweni uDlambedlu ebuthwa yisona iSilo uDingane , uyise uMaqhoboza wabe engenye yezinduna zebutho uDlangezwa okuyibutho elabuthwa yiSilo uShak... qhubeka ufunde »

Umlando ngoSotobe ka Mpangalala

Umlando ngoSotobe ka Mpangalala Sibiya Kuloba uBongani Kholo Khumalo USotobe ka Mpangalala wakwaSibiya wayeyiqhawe elikhulu leZilo oShaka noDingane. Wayebuthelwe ebuthweni iNtontela ,okuyibutho okwakukhona kulo oNdlela Ntuli , uHlathi Ntshangase kanye namanye amaqhawe. USotobe wayekhona empini yaseM... qhubeka ufunde »

Mpontshane

Umlando ngesibongo sakwaMpontshane Kuloba iNtungwa lasenhla kwaSokhumalo Lo mlando ucashunwe encwadini ka Senzo Maswidi Mbatha ethi ‘Ziphuma eguleni’ Abantu bakwaMpontshane kusengabantu bakwaButhelezi, baphuma kuJeqe Buthelezi owabe eyiNsila yeSilo uShaka . Ngenkathi uJeqe eyiNsila lapha... qhubeka ufunde »

Njilo

Umlando ngesibongo sakwaNjilo Kuloba iNtungwa lasenhla kwaSokhumalo *Lo mlando ucashunwe encwadini ka Senzo Maswidi Mbatha esihloko sithi ‘Ziphuma eguleni’ Abantu bakwaNjilo bangamaDebe Nguni ngokwezigaba zabaNguni. Endulo sibathola bakhe ngasemfuleni uMlaza , kodwa ngenxa yezimpi ezazid... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!