Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

 

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Fakude

Umlando ngesibongo sakwaFakude (Fakudze): -Kuloba uErnest Lulama Nxasana. Umlando womlomo usitshela ukuthi isibongo sakwaFakudze savela ngesenzo sendoda eyayihlala ezintabeni zaseSwazini. Kuthiwa ngesikhathi inkosi uSobhuza wokuqala efika ezweni laseSwazini wathola indoda eyayihlala ezintabeni ezaziwa ngokuthi izintaba zaseMdzimba. Kuthiwa lendoda yayithi uma ibona abantu ibaleke iyocasha emigedeni. Kuthiwa le ndoda yayingafuni ukuzihlanganisa nabantu. Kuthiwa abantu babikela inkosi ngalendoda yasithi inkosi mayilandwe leyo ndoda ilethwe esigodlweni sayo sakwaZombode wamagugu. Isifikile leyo n... qhubeka ufunde »

Dithoko tsa Bafula

read more

Umlando ngomPhrofethi Mudliwamafa Shembe

Umlando ngoPhrofethi uShembe Kuloba INtungwa Lasenhla KwaSokhumalo. Abantu bakwaShembe ngabaNtungwa bakwaDonsa. Endulo sibathola bakhe ngasezintabeni zakwaCeza, umuntu owayedume kakhulu ngaleso sikhathi nguMzazela ka Sokhabuzela ka Nyathikazi. UMzazela waphila iLembe (iSilo uShaka) lingazihlanginisi... qhubeka ufunde »

Izibongo zenkosi uZwide ka Langa Ndwandwe

Izibongo zenkosi uZwide ka Langa Ndwandwe: UZwide ka Langa! UNonkokhel’abantu bahlatshwe, Kuhlatshw’iminyango enesisila, Yena bangamhlabi . Ezindleleni ufana nayiphi na? Ufana nevundlayo . Emithini ufana ufana namuphi na? Ufana noMnyamathi. Ezinyokeni lapha ufana nayiphi na? Ufana neNyan... qhubeka ufunde »

Izibongo zenkosi uZihlandlo ka Gcwabe Mkhize

Izibongo zenkosi uZihlandlo ka Gcwabe Mkhize. ISibhene sikaNdaba! Esimnhlan’unezindlela Inkomo ka Somncinci ! Ezitho zinhlanu, Isigubudo wakithi saseSijibeni EsiMntwanga lonzima Ongasaziyo angasibalekela Thina Mngenela some, Thina Sijiba singahleka silale phansi, Sithi: ‘Bawuboneni umond... qhubeka ufunde »

Umfulakazi uZambezi

read more

Umlando ngoNdunankulu uMnyamana ka Ngqengelele Buthelezi

Umlando ngenkosi uMnyamana ka Ngqengelele Buthelezi. Kuloba INtungwa Lasenhla KwaSokhumalo Inkosi uMnyamana ka Ngqengelele Buthelezi yabe inguNdunankulu kaZulu ngesikhathi sokubusa kweSilo uCetshwayo, yayibuye ibuse nesizwe samaShenge eMahlabathini. Yayizalwa yinkosi uNgqengelele ka Mvulana  eyabe ... qhubeka ufunde »

Uhla lwamabutho eziNgonyama zakwaZulu

  Uhla lwamabutho eziNgonyama zakwaZulu: Kuloba INtungwa lasenhla kwaSokhumalo. Nina beMbube nantu uhla lwamabutho abuthwa iziNgonyama ,zakwaZulu. Kukhona amagama amabutho ayelokhu ephindaphindeka . Isibonelo uDlambedlu. Lelo yibutho elabuthwa yiSilo uDingane ngo 1828, kanti neSilo uMpande sabu... qhubeka ufunde »

Umlando ngoNdunankulu uMasiphula kaMamba Ntshangase

Umlando ngoMasiphula ka Mamba Ntshangase Kuloba INtungwa lasenhla kwaSokhumalo UMasiphula ka Mamba wakwaNtshangase wayeyiqhawe leziNgonyama oDingane noMpande. Wabuthwa yiSilo uDingane simbuthela ebuthweni loMkhulutshane okuyibutho okwakukhona kulo inkosi uSigananda ka Zokufa Shezi nenkosi uMnyamana ... qhubeka ufunde »

 

error: Akuvumelekile lokho !!