Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

 

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Mdlalose

AbakwaMdlalose: Inzalabantu yalesi sizwe sakwaMdlalose kwabe kunguDikane owazala uNhlaka,uGada, uZililose[intombazane] kanye noNjomela,Abantu bakwaMdlalose bagqama kakhulu ngesikhathi sebephethwe uNhlaka indodana kaDikane..Izwe lika Nhlaka lisuka eMziyathi kuze e Utrecht kuqonde eMbilane ngaseHlabane kuqonde ePhondwane kuhambe kwehle ngoMnyathi kwehlele eLenjane . Lonke-ke leli ngelakwa Mdlalose lika Nhlaka.uNhlaka wahlasela (nge Negisa) ehlasela aMangwane okuyiwona ayebusa leli lakwa Mdlalose engakanikwa uNhlaka.Impi ka Nhlaka yaqhamuka ngesikhala seNhlangwini yahlangabezana phesheya kweShoba... qhubeka ufunde »

Sikhakhane

Abantu bakwaSikhakhane bavele ngoSikhakha wakwaXulu. Bathi uSikhakha lona welelesa watholakala encinda odengezini olwaluncinda amakhosi akwaXulu kuphela. USikhakha yena wayengesiye owendlu yasebukhosini , ngakho wayengafanele ukuncinda kulolu dengezi . Lokhu kwakusho umbango . Ngakho-ke indlela yoku... qhubeka ufunde »

 

error: Akuvumelekile lokho !!