Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ukulandelana kweziNgonyama zakwaZulu

ISilo sakwaDukuza, uShaka ka Senzangakhona Nina beSilo ake sibheke ukwelamana kweZilo zakwaZulu. Lo Mdwebo eniwubonayo ngoweSilo uShaka ka Senzangakhona. ISilo uShaka yisona esakha uZulu , kuthiwa sawakha kusukela ngowe 1816  kuya ku1828. ISilo uShaka sahlala eSihlalweni soBukhosi ngo1816 ngemuva k... qhubeka ufunde »

Umlando ngeNdlovukazi yaseMkhindini , iNdlovukazi uNandi Mhlongo

Nina abakaMgengi phez’izitha kuseHlobo utshani bude buzokugabanisa! UZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela! #ISilo uShaka leso ! ISilo sakihi KwaDukuza . Nina beSilo ake sibheke umlando weNdlovukazi uNandi , uNina weSilo uShaka. *INdlovukazi uNandi yayizalwa yiNkosi yaseLa... qhubeka ufunde »

Umlando ngoMntwana uMbixambixa ka Mpande

Nina abeNdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kumaHashanga #ISilo uDingane leso ! iSilo sakithi eMgungundlovu. Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade. Ake ngiphose itshana elingatheni eSivivaneni ngoMntwana uMbixambixa ka Mpande . UMntwana uMbixambixa wayebuthelwe eButhweni loMkhandandlovu ... qhubeka ufunde »

UMlando ngoMntwana uMkhungo ka Mpande

Nina abakaNowelamuva wawoShaka uMdayi sabela kwephesheya , uZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni! USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu! #ISilo uMpande leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade . Thina sisabanyayisa abasizondayo. *Nina beSilo ake ... qhubeka ufunde »

Umlando ngeSilo uMpande (ISilo sakwaNodwengu)

Nina abakaMsimude wakithi eMlambongwenya uMsimude owavela ngeSiluba phakathi kwamaNgisi namaQadase! UNowelamuva wawoShaka uMdayi sabela kweliphesheya uZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni! USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu! #ISilo uMpande leso! Nina... qhubeka ufunde »

Umlando ngeSilo uShaka ka Senzangakhona(ILembe)

  Nina abakaHlabahlungu bazashumayezana abesezitheni nabasemakhaya! UZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Nina beSilo ake sibheke umlando weSilo sakwaDukuza , iSilo uShaka ka Sen... qhubeka ufunde »

Umlando ngoMntwana uDabulamanzi ka Mpande(uMntwana waseZulwini)

Nina beSilo ,nina abakaMdayi sabela kweliphesheya ! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba nisaphila nina beSilo. Cha, thina sisaphila eMantungweni. Ake sibheke umlando ngoMntwana uDabulamanzi ka Mpande *Kuthiwa uMntwana uDabulamanzi wazalwa ngowe 1839 , kuthiwa wazalwa ngesikha... qhubeka ufunde »

Umlando ngeSilo uMdlokombane (iSilo uZwelithini ka Bhekuzulu)

Kuloba uZoza Shonge: Umlando ngeSilo uMdlokombane ISilo uBhejane phum’esiqiwini sazalwa ngomhlaka-27 kuNtulikazi ka-1948.  Sizalwa yiSilo uBhekuzulu kaPhumzuzulu neNdlovukazi uThomo Jezangani kaThayiza  Ndwandwe. Kuthiwa ngenkathi iNdlovukazi isasimumethe iSilo yayijuluka noma  liguqubele, ... qhubeka ufunde »

Izitho zenkomo (ezangaphandle)

Nina abeNdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga! IBhaka lamanzi lakoNdikidi , lisibekele izinkomo zamaSwazi zanyamalala! UMancwaba wezwe lamaphethelo lona lincwaba ngemikhemezelo!#ISilo uDingane leso!  Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgadabe , ngethemba basaphila abeZulu el... qhubeka ufunde »

Izitho zenkomo (Ezangaphakathi )

*Isitho -Incazelo Nina abakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe! UGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbule amaGawu abebesi! Inkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! #ISilo uShaka leso! Enh... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!