Ukuchazwa kwezibongo zeSilo uShaka , iLembe

UMdwebo weSilo uShaka , ucashunwe eKhasini loMsakazi uTshatha umfoka Ngobe . Siyabonga Makati

Nina abeNkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini abengoma! UTeku lwabafazi bakwaNomgabhi betekula behlezi eMlovini bethi uShaka akayikubusa akayikuba nkosi! #ISilo uShaka leso ! ISilo sakithi KwaDukuza! Nina beSilo ake sibheke izibongo zeSilo uShaka , uMbumbi weSizwe samaZulu.Kuyaziwa nina beSilo ukuthi iLembe uZulu lawakha ngeKlwa, ngakho iningi lezihasho zalo zithinta kakhulu iMpi , noma ukuhlasela . Ngizokha nje phezulu , ngeke ngizichaze zonke kwazise ngenqena neZinswelaboya ezintshontsha umsebenzi wami ziyowufunda koTikTok..

*(Izibongo )

-(Incazelo)


*UDlungwane ka Ndaba , uDlungwane woMbelebele odlunge emanxulumeni kwaze kwase amanxuma esibekelana .

-Lapha egameni elithi uDLungwane iMbongi yayisho sona iSilo uShaka. Kuthiwa ukudlunga kusho ukukhankasa ngolaka . Amanxuluma imizi emikhulu , esingayifanisa neyamakhosi . Ukusibekelana lapha  kusho ukubhidlika kwemizi ngenxa yokuhlaselwa .

*UMjokwana ka Ndaba , uSalakutshelwa usala kunyenyezela

-Lezi izibongo zikaYise , inkosi uSenzangakhokha .Endulo kwakwejwayelekile ukuba indodana ibongwe ngezibongo zikaYise.

*UNodumehlezi ka Menzi

-UMntwna uShaka waba sematheni engakabusi nokubusa.Unina wahlupheka kakhulu naye , ewa evuka naye. Ukuhlupheka kwakhe okwamenza waba sematheni. Yena noNina be lethwa nguMntwana uMudli kwaZulu ngokumnyenyisa kanti bazofike baphathwe kabi. Okwaholela ekutheni bagcine esedlulele kwaQwabe , nakhona kuthiwa abakaphathekanga kahle .Okwalandela lapho kwaba ukuya kwabokwaMthethwa lapho uMntwana uShaka afunda khona yonke imininingwane yezeziMpi, efundiswa inkosi uDingiswayo.Kukho konke kuhlupheka koMntwana uShaka ebuntwaneni bakhe uNina wayelokhu enaye.Kuyileso sizathu izibongo zakhe ziqhubeka zithi………

“UMbebe kaMama beba simuke , abanye basemhlane koNina babelethwe” ..

Ziqhubeka zithi—

*ILembe eleqa amanye amalembe ngokukhalipha

-Lezi zihasho kuthiwa zakhe mhla uMntwana uShaka ebulala uhlanya okuthiwa lwaseluqede izinkomo zenkosi uDingiswayo .Kuthiwa lolo hlanya lwalwaziwa kakhulu ngelikaLembe , kuthiwa lwaluhlala ehlathini.Igama lalo langempela kwakunguNsimbana ka Lugaju. Kuthiwa lwalusatshwa kabi lolo hlanya, lusatshwa nangamadoda amadala..

*UTeku lwabafazi bakwaNomgabhi , betekula behlezi eMlovini , bethi uShaka kayikubusa kayikuba nkosi kanti ilapho azakunethezeka khona .

-Nazo lezi zisasho khona ukuba sematheni koMntwana uShaka. UMlovu kuthiwa isihlahla esikhulu esisekhona namanje endaweni yaseMthinemide . Ukutekula kusho ukuxoxa.

*Umlilo wothathe kaMjokwane , umlilo wothathe ubuhanguhangu .Ushise izikhova zaseDlebe, kwaye kwasha nezaseMabedlana

-Lezi zihasho zichaza indlela iSilo uShaka esahlasela ngayo futhi esashesha ngayo ngenkathi sakha uZulu. Imbongi isifanisa nomlilo oshe ubuhanguhangu

*ILanga eliphume linsizwa, lathi liphezulu lansansa

-NgokukaBaba uNyembezi encwadini yakhe ethi “Izibongo zamakhosi” uthi igama elithi “linsizwa” lisho ukungabi nemisebe , kanti elithi “ukunsasa “ lona lisho ukuba nemisebe . Uthi iNsansa uhlobo lwenkayezi ekhanya kakhulu . Lezo zibongo zichaza ukuthi akekho owayekulinde ukuthi uMntwana uShaka uyokhula adlondlobale abe yiNkosi enamandla eyakha isizwe esikhulu esingangoZulu.

*ILanga eliphandle elinye ngemisebe ngoba liphandle elaseMthandeni

-Igama elithi ukuphandla lisho ukuxhopha . ILanga laseMthandeni okukhulunywa lapha yinkosi uPhakathwayo ka Khondlo yakwaQwabe. Nayo yaba ngenye yamakhosi anqotshwa yiSilo uShaka.

*UZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela , uDunjwa yedwa limkhandanisile.

-Nazo lezi zihasho zeSilo uShaka zisakhuluma ngakho ukuhlasela kweSilo uShaka sihlasela ezinye izizwe ngenkathi siseMkhankasweni wokwakha uZulu. Asinaso isiqiniseko sokuthi kahle-hle umuphi uDunjwa okukhulunywa ngaye kulezi zihasho zeLembe ngoba kuthiwa babebabili oDunjwa ngesikhathi seLembe.Kuthiwa omunye wayengowaseMambatheni , omunye engowakwaXulu, kuthiwa bobabili yabahlaselwa yiMpi yeLembe.

 

*IMamba edl’umuntu bathi iloyelwe

-ISilo uShaka ize sasibathanda abantu baso kodwa kuthiwa sasibuye sibe nolaka, ingakho sifaniswa neMamba.Phela iMamba uma ungayisukelanga ngeke ikwenze lutho .

*Ondande ngankalo wabuya ngankalo

-Phela kuthiwa esikhathi esiningi iSilo uShaka sasiphuma nayo iMpi yaso , siyokwelekelelana noNdunankulu uMdlaka ukuyididiyela .

 

*Ubhiyoze kuNomangci phezulu! Eyakunqamula umbango wakwaNyuswa .Eyakunqamula umbango wakwaNyuswa. Kwakungabangwa nalutho kwaNyuswa , kwakubangwa izinhlakuva emanxiweni.Bethi nteke! Nteke! -lindani amaJuba.

-Lezi zihasho zimayelana nokunqamula kweLembe umbango wakwaNyuswa phakathi kwamadoda enkosi uMapholoba oSihayo kanye noMgabhi.UNomangci okukhulunywa ngaye kulezi zihasho yintaba eseNkandla. Kuthiwa amadodana enkosi uMapholoba oSihayo noMgabhi  babebanga iSihlalo soBukhosi bakwaNyuswa ngemuva kokukhothama kwenkosi uMapholoba.Kuthiwa lowo mbango iLembe lawunqamula ngeNja okuthiwa yahamba inuka abantu ababebuthanyiswe yiLembe , kuthiwa yathi uma ifika kuSihayo ayabe yamnuka , kuthiwa yafike yalala phansi eduze kwakhe.Leso senzo seNja iLembe lasihumusha ngokuthi uSihayo . Kuthiwa iLembe lakhipha umyalelo owawuthi kubalawe uMgabhi, kodwa umnewabo uSihayo wamncengela umnawakhe eSilweni uShaka wathi ucela ukuba angabulawa, wathi ubebanga nje uBukhosi. Kuthiwa iSilo uShaka sehlela ngezansi , samxolela uMgabhi. Kuthiwa iSilo uShaka saqoka uSihayo ukuba abe yiNduna yaseBhadaneni. Sabuye samyalela (uSihayo) ukuba asilethele ugwayi minyaka yonke .Kwahamba kwahamba kwasekusuka uMgabhi ngasese waqonda eSilweni uShaka wafike wasihlebela ukuthi uSihayo uye ahlambele ugwayi ngaphambi kokuba awuthumele…Kuthiwa iLembe lawakholwa wonke amaphosiso kaMgabhi **Kuthiwa layiphaka iMpi eyaphikelela kwaNyuswa yayobulala inkosi uSihayo , aligcinanga ngokuhlasela inkosi uSihayo kepha labuye lahlasela namanye amakhosi akwaNyuswa nenkosi uMafongosi yakwaNgongoma ka Bhovungane. Inkosi uMafongosi yasala enkundleni kulokho kuhlaselwa ….Izihasho zeLembe ezithinta ukuhlaselwa kwaMaNyuswa zithubeka zithi—-

*Okhangele ezansi namaDungela, izinkomo zawoSihayo zaphuma zamlandela , kwaze kwalandela nezawoMafongosi

-UMafosi lona wabe eyinkosi yakwaNgongoma njengoba bengishilo ngenhla, abantu bakwaNgongoma bayingxenye yamaNyuswa. Ziqhubeka zithi ——

*Udabule emathanjeni abantabakaTayi, ebebegodola beya kuMacingwane eNgonyameni.

-Kuthiwa ngemuva kokubulawa kwenkosi uMafongosi iSilo uShaka sathumba ingxenye yakwaNgongoma. Kepha kuthiwa leyo ngxenye ayihlalanga kahle KwaZulu ngoba kwanda kakhulu izinkulumo ezazikhombisa ukuyijivaza . Yase yakha isu lokuba babeleke baye enkosini yasemaQadini uDube ka Silwane*Kuthiwa yenqaba inkosi uDube ukubafukamela ngoba isaba iSilo uShaka…..Ngemuva kokuchithwa kwabo yinkosi uDude banquma ukuba behlukane phakathi, abanye baphikelela enkosini uZihlandla ka Gcwabe Mkhize, abanye baphikelela enkosini uNzombane ka Ndlovu yaseMabomvini bayokhosela khona. Kanti amaBomvu abafihlele iNduku emqubeni. Kuthiwa bathi bengazalele amaBomvu abangenela ngomkhonto .Kuthiwa kwaba khona ingcosana eyaphulukundlela yasingisa amabombo enkosi uMacingwane yaseMachunwini . Kuthiwa leyo ngcosana kwabe kuyizingane zikaTayi noThondolozi. Kuthiwa yathi isendleleni lakithika , yashona yonke leyo ngcosana ibulawa ngamakhaza. IMbongi isuke isho yona kule ngxenye yezihasho zeLembe ethi “ ebebedola beya kuMacingwane eNgonyameni”. ENgonyameni iSigodlo senkosi uMacingwane .

 

Enye inkosi eyahlaselwa yehlulwa yiLembe inkosi uPhungashe yamaShenge . Izibongo zeLembe ezithinta yona zithi—

*“UKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala” ziqhubeka zithi —-UGasane lukaNdaba ,uGasane kade lubagasela!,  lugasele uPhungashe wakwaButhelezi , lwagasela uSondaba woMthanda ehlezi eBandla, lwagasela uMacingwane eNgonyameni , lwagasela uNxaba ka Mbekane, lwagasela uGambushe eMampondweni , lwagasela uFaku eMpondweni”!

UKlebe yinyoni ehlupha ngokudla amatshwele, kuthiwa yi-Hawk ngesiLungu.

-Wonke laMakhosi athintwa lapha iLembe lawahlasela . USondaba woMthamba kushiwo inkosi uPhakathwayo yaseMthandeni , kwaQwabe. Inkosi uMacingwane eyaseMachunwini. Inkosi uNxaba eyakwaMsane . Inkosi uGambushe eyaMabomvana ,abantu bakwaChonco bayingxenye yaMabomvana. Inkosi uFaku eyaMaMpondo .

Enye futhi  inkosi ethintwa kakhulu ezibongweni zeLembe yinkosi uZwide ka Langa yamaNdwandwe ,nazi izibongo ezithinta yona—–

*USishayandlondlo ka Mjokwane , ubusika nehlobo bahlukane m nobakwaNtombazi nobakwaLanga.

-INdlondlo okukhulunywa ngayo lapha inkosi uZwide uqobo ngoba yayinkulu futhi isatshwa.UNtombazi unina wenkosi uZwide , kuthiwa wayemuhle kakhulu ekuhlanganiseni amaKhathakhatha .Kuthiwa wabe eyiNyanga eyayibuye ibe nguMthakathi. Kuthiwa wonke amakhosi ayehlulwa inkosi uZwide ayeshumpulwa amakhanda , lawo makhanda ayephanyekwa eLawini likaNtombazi , kuhlotshiswe ngawo.

*Inkonyane ekhwele phezu kwendlu kwaNtombazi , bathi iyahlola. Kanti yibona bezaz’ukuhlola

-Nazo lezi zihasho zisemayelana nokwehlulwa kwaMaNdwandwe. Kuthiwa iSilo uShaka kwathi lapho siyehlule iMpi yenkosi uZwide saphikelela kwaDlovunga eSigodlweni senkosi uZwide , lapho kwakuhlala khona uNtombazi, safike sashisa uDlovunga , noNtombazi naye kuthiwa washiselwa phakathi eLawini lakhe. (Sisazochaza kahle ngoNtombazi)

*Izulu elidume emuva komuzi eKuqobokeni , laduma lazithatha izihkangu zamaPhela

-Izulu leli okukhulunywa ngayo yilona iLembe uqobo. AmaPhela kwabe kuyiButho le nkosi uZwide . UZwangendaba wakwaJele wabe engomunye weziNduna zamaPhela. EKuqobokeni umuzi wenkosi uZwide. Eminye imizi yenkosi uZwide kwakukwaNongoma , kwaDlovunga, kwaLindizwe, oPhiyaneni , kwaNdwalaza, eNgoqongweni kanye neminye. Lezi zibongo ziyaqhubeka zithinte namadodana enkosi uZwide asala enkundleni kulelo Mpi. Ziwathinta uma zithi “Wamudla uNqabeni ezalwa nguZwide emaPheleni , wamudla uMpepha ezalwa nguZwide emaPheleni, wamudla uDayingubo ezalwa nguZwide emaPheleni…… Maningi amadodana enkosi uZwide asala enkundleni , amanye awo ayavela ezibongweni  zeLembe .. Ake siqhubeke ngezibongo ezithanta inkosi yabakwaNdwandwe..

*UZwide umphebdul’isigcwelegcwele , namuhla futh’uphendul’indodana

-Indodana okukhulunywa ngayo lapha ezibongweni nguSikhunyana ka Zwide.Kuthiwa kwathi ngemuva kokwehlulwa kwamaNdwandwe uSikhunyana wazama ukuqoqa abantu bakaYise , ngenhloso yokuvusa uBukhosi .Ngeshwa naye wabuye wahlaselwa yiMpi yeLembe ngowe 1826 .Kukuleyo kwasala enkundleni uMgobhozi Msane iQhawe leLembe .

*UMxoshi womuntu amxoshele futhi   , nanku lapha ngimthanda khona ! Ngimthanda exosha uZwide ezalwa nguLanga . Emthabatha lapho liphuma ngakhona , emsingisa lapho lishona ngakha! UZwide wampheq’amahlonjan’omabili….

-Kuthiwa kwathi lapho inkosi uZwide isibona ukuthi iMpi yayo yayehluliwe yiMpi yeLembe yaphulukundlela yabaleka yabheka enkakatho .Akwaziwa ukuthi yashonaphi , kuhlawumbiselwa ukuthi yabheka eNdlovukazini yaBalobedu , uMujaji okuthiwa yabe inobudlelwane ubuhle nayo.

*Indlovu ethe imuka babeyilandel’abakwaLanga

-Kwathi lapha seyehluliwe inkosi uZwide , kwasuka indodana yayo uSomaphunga yayokhonza KwaZulu. Kuthiwa uLembe lamemukela uSomaphunga , lamganisela namakhosikazi , lamnika neqambi lezinkomo

Kanti kuthiwa yayibukeka iNgonyana uShaka,    futhi ithandeka

 

 

 

*Ngqayingqayi ka Phunga noMageba , engiyibuke ngaze ngayojwayela! UMasengomahle inkonyane yenkomo!

 

Kuthiwa ukugqaya kusho ukubhekisisa . OPhunga noMageba ngoKhokho beLembe   ..  Lezi zihasho zichaza ukubukeka kahle kweLembe. Ziqhubeka zithi ———— 

 

*UVemvane lukaPhunga noMageba , olumabala azinze sengathi abekiwe

Lezi zihasho zichaza ukubukeka kweLembe .

*Amanazi omthombo wakwaNobamba , engiphuze kuwo ngaze ngagangatheka

-Nazo lezi zisasho khona ukubukeka nobulomo beLembe , kuthiwa sasithandeka iSilo uShaka. Ziqhubeka zithi —

*UNdaba ngiyameba ngimuke naye, ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi , kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe

-Lalithandeka iLembe , linogazi

Cha nina beSilo ngenxa yokwebizwa kakhulu komsebenzi wami ngizoma lapha okwanamuhla . Niphile nina beSilo

 

 

 

 

 

 

 

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo