Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Izibongo zenkosi uZwide ka Langa Ndwandwe

Izibongo zenkosi uZwide ka Langa Ndwandwe: UZwide ka Langa! UNonkokhel’abantu bahlatshwe, Kuhlatshw’iminyango enesisila, Yena bangamhlabi . Ezindleleni ufana nayiphi na? Ufana nevundlayo . Emithini ufana ufana namuphi na? Ufana noMnyamathi. Ezinyokeni lapha ufana nayiphi na? Ufana neNyan... qhubeka ufunde »

Izibongo zenkosi uZihlandlo ka Gcwabe Mkhize

Izibongo zenkosi uZihlandlo ka Gcwabe Mkhize. ISibhene sikaNdaba! Esimnhlan’unezindlela Inkomo ka Somncinci ! Ezitho zinhlanu, Isigubudo wakithi saseSijibeni EsiMntwanga lonzima Ongasaziyo angasibalekela Thina Mngenela some, Thina Sijiba singahleka silale phansi, Sithi: ‘Bawuboneni umond... qhubeka ufunde »

Izibongo zeSilo uBhekuzulu kaSolomoni

INkunzi elukhanda lubanzi YakokaMathathela Evimbel’uNgenetsheni Yavalel’uButhelezi Kwathiwa ivimbeleni bafana Ingangen’ekhaya Ngoba iyoth’ingangen’ekhaya Ifik’zone izithole INsingisi kaNdaba Ebanga izul’ukuphendula UMnguni wakithi Itshe elehle phezulu Kubo e... qhubeka ufunde »

Izibongo zeNkosi uMnguni kaGumede

INkwenkwezi yakithi oHlangeni Eyaphuma umthala wadabuka IZilo zonke zomhlaba zabikelana Ukhaba lemikhonto Elamila ezifubeni zamadoda UMashwila ongasihlahla somdlebe INkonyane yoHlanga Iyadla iyaphindelela UMagwanda aziyeke zibulalane UNonjilwayo onjengesiphepho UMningi omakhandakhanda UMnguni omnyam... qhubeka ufunde »

Izibongo zeNkosi uMaphitha kaSojiyisa

Izibongo zoMntwana uMaphitha kaSojiyisa kaJama::: INyosi ::UGwebisa kaMandondo wakwaDlamini:: IMbenekazi engayinyathi yokhalo Ukhalo luvel’abantu Luvel’uZihinqi KwaMandlakazi IMvukazi eyenyise Amaxhum’amabili Yenyis’uDomba Yenyis’uTokotoko UMdiliza qoqo lazitha INyathik... qhubeka ufunde »

Izibongo zeNkosi uSenzangakhona ka Jama

IMbongi ::uTholudaba wakwaNdlovu >>>> UMjokwane kaNdaba Usalakutshelwa usalakunyenyezelwa Ubhid’elimathetha ngezinyembezi LinjengelikaPhiko waseBulawini Inyath’ehamba Isengama amazibuko Injengomzingeli kumaMfekwane Ozothebe zinhle uMjokwane Ezidliwa ngamancasakazi Udle umfazi... qhubeka ufunde »

Izibongo zamakhosi aseSwazini

Izibongo zeNgwenyama u-Somhlolo ka Ndungunya . Elinye igama leNgwenyama u-Somhlolo kwakunguSobhuza.       USobhuza wamaSwazi Usifuba sinengceke sinamanzi UBhuza kwezinde UMasibekela Imizi emncane angayisibekela Inyathi empondo zimnkenkenene Yadla umuntu Kwanga bamhlabe ngehloka Wadla ... qhubeka ufunde »

Izibongo zeNkosi uMageba kaZulu

UKhozi lwakith’eMakheni Olunzipho zinde zingumjingolo Luhlezi laph’emnduzini Luqaphel’imizi yamadod’ukweluka Ugwija bathokoze Nabasemuva kwaNkomonye IThole likaGumede Elehle ngamandla eSihlangu Lingesabi nakwephuka Ginqika Thol’elimahwanqa Lakith’eMakheni Wehle ng... qhubeka ufunde »

Izibongo zeNkosi Malandela kaLuzumana

INgagal’emabala Inyoni ezibuka ukuphenduka Ibuke iningizimu Yagqugqa yezanemvula Umthala oshay’iznhlu Phakathi kwezintaba ezimbili IThala neBabanango Unkomo zinogagu Zithwel’iningizimu Nangezimpondo Imamba enamanxeba Emikhonto nawezinhlendla UMalandela ngokulandela Izinkomo zamadod... qhubeka ufunde »

Izibongo zeNkosi uJama ka Ndaba

UJama kaNdaba UJama omvukuzi zimonya Ziyenqab’ukuwela Emfuleni lingani Inga zingumhlambi zingabhudla Isiduli esiphahlwe Ngamakhand’amadoda Ubhoqol’omakhandakhanda Nabalimi bensimu bangawusiphula UJama kabongwa ngabalandakazi Ubongwa yinjeye yaseMqekwini Abongwe yinjeye yaseMabhulen... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!