Izibongo zenkosi uZihlandlo ka Gcwabe Mkhize

Izibongo zenkosi uZihlandlo ka Gcwabe Mkhize.

ISibhene sikaNdaba!
Esimnhlan’unezindlela
Inkomo ka Somncinci !
Ezitho zinhlanu,
Isigubudo wakithi saseSijibeni
EsiMntwanga lonzima

Ongasaziyo angasibalekela
Thina Mngenela some,
Thina Sijiba singahleka silale phansi,
Sithi: ‘Bawuboneni umondli okaNongamulana’?
UMondli wamakhos’abuy’abhembeze.

Wondl’uBaleni obezalwa nguNomagaga wabhembeza.
Wondl’uPhakade wabhembeza,
Wondl’uMbazwana wondl’uBhidla babhembeza(ukudakwa ngukusutha)
Indons’ebonwe ngabavuki bokusa,
Ibonwe nguMlotshwa wakwaMgubhele
Bathi yimbaxamatsheni injengekaMgabhi

uBadli bekhokhwane,
Bazowusinda ngokudl’izibiba
UNomashingili ka Ndaba!
Inkom’ezaz’ishoba yakoMncinci
Imbabal’emhlathi mide!
Engibhebh’emhlane ngaze ngayehlisa,
NgeyawoLuzalo ngeyawoSambela ngeyawoZelize.

Uhlol’oPhisweni ngemvula yezinyembezi,
Ebalekelwe zinkomo zikaNomagaga,
Zibalekele phansi kweMvelweni,
Abanikazi Mvelweni basamangele
Okhwele ngoBhacu lungenandlela(intaba)
Eyawukhiph’ezikaDlaba(inkosi yakwaShezi).
Sebequphisen’izinkani benoShaka,
Wazidla!

Udl’uSondonzima ngaseMdakeni,
Amakhabal’azak’udliwa nguMacingwane waseNgonyameni(inkosi yakwaMchunu)
Muthi lo siyenge ngaseMphezulu
Wadl’uShishi ka Phinda ngaseMaphephetheni(kwaGwala)
Wadl’uZiphundulu ezalwa nguMatomela
Amakhubal’adliwa nguNzombane
Wadl’uSoshenge,
Amakhubal’adliwa khon’emaBomvini(kwaNgubane)
Wadl’uNguza ka Ngonyama

Amakhabal’azak’udliwa nguBhidla(wakwaDlamini)
Wadl’uBhodeyana ka Dlomo
Amakhubal’adliwa nguMzongwe
Wadl’uMashakumbele kwabakwaGcwabe(kwabo)
Amakhubal’adliwa nguZelize adliwa nguNsele

Wadl’uLudonga kwabakwaMashukumbele
Amakhubal’adliwa nguMsengi kwabakwaSambela
Wadl’uSibabili kwabakwaMashukumbele
Amakhubal’azak’udliwa nguZembe kwabakhe
Wadl’uNtithi kwabakwaGcwabe
Amakhubal’azak’udliwa nguZinkwindi
Wadl’uNomagwayi waseMazolweni
UMdubelele odubel’uDube wakwaNgcobo
Ngob’ubesidla ngesandla yena
Yen’edla ngokhezo

USozice indlov’edla ngonokhondo(ngokunakekelisa)
Uzoba mkhon’ungonondo
Abafo bazawuzondela
Ulobole ngezinkomo kuNzombane umntaka Matomela
Wazilanda ngemikhonto,
Kanti ubelobole ngazo inkosikazi yakhe
Unina ka Ndabezitha(inkosana yaseSimahla)
Wathi zihambe nelungakazi zahamba nencokazi
Zahamba newasakazi

Laduma laqaqamba kwendis’uKhwishikazi
Lithi kaligaye lihlanganise
Induk’emnyama ka Ndaba ishay’iziziba,
Kwaze kwaphethuk’udaka phansi

Uyithethe kabana ngaseMphezulu,
Wayiweza ngelikaDumudumu,
Izimvubu nezingwenya zayikhe’imilomo
Wayiweza ngelaseMfumbeni
Wayibuthis’ebuyeni likaMyimbana
Wathi kadl’amabele
Bawadl’engathiwe eluhlaza

Wawushis’owaseSokeni(kaMsholozi)
Wawushis’owaseNguga
Wawushis’owaseNguga
Laduma laqaqamba lakhukhula,
Wash’ingoma eshub’esebuya
Odl’uSali ka Sibenya
Amakhubal’adliwa nguMbonjeni
Wadl’iMbonjeni ngaseMawusheni
Owal’ukubunda kabili
Wathi ngeze ngavund’amabele
Ngivund’izinkomo,
Ngivund’abantu.

Ivila liwadlil’amabel’ezikhuthali
AwoNomdwena wakwaXhongo
Owal’isiqikela senyama
Siphuma kokaMqikela
Wanqum’uGwenimbuya,
Indiana ka Gayeni endlini kwaMsholozi

Isithatha kancane sikamaDibandlela
Singathatha siphakamise,
Uma sikhuluma noBhambatha umntaka Shabase
Sikhuluma noGebhula umntaka Shabase

#Ulibinda Nkosi!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo