Izibongo zenkosi uZwide ka Langa Ndwandwe:
UZwide ka Langa!
UNonkokhel’abantu bahlatshwe,
Kuhlatshw’iminyango enesisila,
Yena bangamhlabi .
Ezindleleni ufana nayiphi na?
Ufana nevundlayo .
Emithini ufana ufana namuphi na?
Ufana noMnyamathi.
Ezinyokeni lapha ufana nayiphi na?
Ufana neNyandezulu .
Isikhova sikaMkhonto noLanga!
UMashesh’afike kuMashobana
NoYis’uLanga engazang’afike
Iqili abahlabe lishon’ilanga,
Zingakahlatshwa izibhabhayiyana.
Amakhubalo adliwa ngangubo yankomo,
Adliwa ngengubo yeNgonyama.
Izibuko elimadwal’abushelelezi,
Lishelele uMalusi waseNgoleleni,
Lashelel’uDingiswayo wasoYengweni.
#Ulibinda Nkosi!
Inkosi uZwide ka Langa yabe ingenye yamakhosi ayenamandla kakhulu ngesikhathi soMfecane. Yayidume ngokushumpula amakhanda amakhosi bese iyohlobisa ngawo iLawu likaNina iNdlovukazi uNtombazi ka Ndlangamandla Ntshalintshali.
Imizi yenkosi uZwide-
-KwaNongoma
-EKuqobokeni
-EManyandane
-KwaDlovunga
-OPhiyaneni
-KwaLindizwe
-ESikhwishini noma ESigwegweni , kanye neminye.
#Khumu!