Izibongo zenkosi uZwide ka Langa Ndwandwe

Izibongo zenkosi uZwide ka Langa Ndwandwe:

UZwide ka Langa!
UNonkokhel’abantu bahlatshwe,
Kuhlatshw’iminyango enesisila,
Yena bangamhlabi .
Ezindleleni ufana nayiphi na?
Ufana nevundlayo .
Emithini ufana ufana namuphi na?
Ufana noMnyamathi.
Ezinyokeni lapha ufana nayiphi na?
Ufana neNyandezulu .
Isikhova sikaMkhonto noLanga!
UMashesh’afike kuMashobana
NoYis’uLanga engazang’afike
Iqili abahlabe lishon’ilanga,
Zingakahlatshwa izibhabhayiyana.
Amakhubalo adliwa ngangubo yankomo,
Adliwa ngengubo yeNgonyama.
Izibuko elimadwal’abushelelezi,
Lishelele uMalusi waseNgoleleni,
Lashelel’uDingiswayo wasoYengweni.

#Ulibinda Nkosi!


Inkosi uZwide ka Langa yabe ingenye yamakhosi ayenamandla kakhulu ngesikhathi soMfecane. Yayidume ngokushumpula amakhanda amakhosi bese iyohlobisa ngawo iLawu likaNina iNdlovukazi uNtombazi ka Ndlangamandla Ntshalintshali.

Imizi yenkosi uZwide-

-KwaNongoma

-EKuqobokeni

-EManyandane

-KwaDlovunga

-OPhiyaneni

-KwaLindizwe

-ESikhwishini noma ESigwegweni , kanye neminye.

#Khumu!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo