Incazelo ngoHalibhoma  ( uKhalibhoma\ uRhalibhoma)

UHalibhoma

Nina beSilo sakithi oSuthu uCala lathethwa ngomkhonto kithi kwaMalandela amanye amacala ethethwa ngezindukwana! USomkhanda wakithi eMkhontweni okhande abezindlu nabezindlwana abezindlu bayikhexa imilomo! UMkhumbi gudluka sibone amaMgumgedlela!#ISilo sakithi oSothu leso iSilo uDinuzulu ka Cetshwayo .Nina beSilo lo muthi eniwubonayo umuthi esiwejwayele cishe sonke. Kuthiwa uHalibhoma igama lawo . Lolu hlobo lomuthi luwela emndenini wemithi ebizwa ngama-Sisal Plants okuyimithi okwenziwa ngayo uhlobo lukaKotini oluqinile , olusetshenziswa kakhulu uma kufulelwa ngotshani phecelezi thatching . Kuleli qoqo lemithi lama Sisal kubuye kube khona noManzamhlophe okuwumuthi ocishe ufane noHalibhoma , umehluko wukuthi uManzamhlophe unemigqa emihlophe ekugcineni kwamakhasi .UMavulakuvaliwe nawo usondelene naleli qoqo le mithi kodwa wona ubizwa ngeYucca plant ngesiLungu..  Njengawo uManzamhlophe noMavulakuvaliwe , nawo uHalibhoma uyatshalwa ekhaya , kubiyelwe ngawo ikhaya ngenkolelo yokuthi usuke ulivikela ikhaya uma ulizungezile.

Yenzani le Nduku ?

Nina beSilo le Nduku yinhle kakhulu ekuvikeleni ikhaya emimoyeni emibi , kanye nakuMphezulu. Iyangena le Nduku kwezokubethela izulu.  Ikhasi lale Nduku libuye lishiswe uma kuduma izulu . Liyangena futhi eNdukwini yokuchela ikhaya , iNduku exosha imimoya iphinde ivikele ikhaya. Kanti futhi ikhasi lale Nduku liye igxotshwe bese kukhanyelwa umhluzi walo  enxebeni le silwane noma elomuntu .IUmhluzi noma inkovu yalo ibulala  amagciwane ngisho nezimphethu imbala. Ikhasi le Nduku lihle nakwiMibhulelo . Ikhasi lale Nduku liye ligxotshwe bese lifakwa emanzini kuchelwa ikhaya uma kuzoba noMcimbi, kuphinde kuchelwe futhi uma usuphelile, ukuze kuhlakazeke zonke izinto zabakhunkuli . Ikhasi lale ndawonye nameva alo kuyangena kwezokucupha umthakathi.


Khumu !!

Niphile nina beSilo .Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi oluthe xaxa ……………………

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo