ISilo sakwaDukuza, uShaka ka Senzangakhona
Nina beSilo ake sibheke ukwelamana kweZilo zakwaZulu. Lo Mdwebo eniwubonayo ngoweSilo uShaka ka Senzangakhona. ISilo uShaka yisona esakha uZulu , kuthiwa sawakha kusukela ngowe 1816 kuya ku1828. ISilo uShaka sahlala eSihlalweni soBukhosi ngo1816 ngemuva kokukhothama kukaYise , iNkosi uSenzangakhona. ISilo uShaka sasizalwa yiNtombi yaseLangeni iNdlovukazi uNandi ka Bhebhe . Kuthiwa sakhothama ngoMandulo we1828 , ngesandla saBafowabo aBantwana oMbopha ka Sithayi waseGazini
ISilo saseMgungundlovu, uDingane ka Senzangakhona
Lo Mdwebo wona ngoweSilo uDingane . ISilo uDingane sahlala eSihlalweni soBukhosi ngo1828 ngemuva kokusocongwa kweLembe. Sabusa kwaze kwaba u1840 okuwunyaka esakhothama ngawo . Sakhothamela lena eNgwavuma ngemuva kokwehlulwa kwaso yiMpi yoMntwana uMpande eMaqonqo. ISilo uDingane sizalwa uNdlunkulu wenkosi uSenzangakhona uMpikase ka Mlilela Ngobese . ISilo uDingane salwa namuBhunu eNcome ngowe 1838 , mhlaka 16 Zibandlela.
ISilo sakwaNodwengu, uMpande ka Senzangakhona
ISilo uMpande naso sasizalwa inkosi uSenzangakhona kuNdlunkulu uSongiya ka Ngotsha wakwaHlabisa . ISilo uMpande sahlala eSihlalweni soBukhosi ngo1840 ngemuva kokudla umhlanganiso eMaqonqo, kwaze kwaba unyaka ka 1872 okuwunyaka esakhothama ngawo. Sona salendelwa yindodana yaso uMntwana uCetshwayo ka Mpande owayebusa uZulu ngenkathi uhlula amaNgisi eSandlwana.
ISilo sasoNdini, uCetshwayo ka Mpande
ISilo uCetshwayo ka Mpande yisona esasibusa mhla uZulu uhlula amaNgisi eSandlwana ngowe 1879 , mhlaka 22 Masingana . ISilo uCetshwayo sasizalwa uNdlunkulu weSilo uMpande uNgqumbazi wakwaZungu,sabusa kusukeka ngowe 1872 kuya kowe 1884 okuwunyaka esakhothama ngawo. ISilo uCetshwayo salandelwa yindodana yaso uMntwana uDinuzulu owabusa kusukela ngowe 1884 kwaze kwaba sekukhothameni kwakhe , ngonyaka ka 1913 .
ISilo sasoSuthu , uDinuzulu ka Cetshwayo
ISilo uDinuzu sasizalwa uNdlunkulu weSilo uCetshwayo uNomvimbi ka Msweli wakwaMzimela . Kuthiwa iSilo uDinuzulu sasizalwe saba yisona sodwa ingane yoMfana . Ngokumthetho wakwaZulu kwakungafanele sibuse ngoba sazalwa iNgonyama uCetshwayo ingahlali eSihlalweni soBukhosi. Sabusa ngoba sabe siyisona sodwa ingane yoMfana kwazise uMntwana uManzolwandle wazalwa ngo1884 iSilo uCetshwayo sisanda kutshalwa. ISilo uDinuzulu sabusa kusukela ngowe 1884 kuya kowe 1913 okuwunyaka esakhothama ngawo. Yisona esasibusa uZulu ngesikhathi kulwa eyaMakhanda ngo1906 .
ISilo sakwaDlamahlahla , uSolomon Maphumzana Phumuzuzulu ka Dinuzulu
ISilo sakwaDlamahlaka sabusa ngemuva kokukhothama kukaYise ngowe 1913 kuya kowe 1933 , okuwunyaka esakhothama ngawo. Salandelwa yindodana yaso uMntwana uBhekuzulu
ISilo sakwaKhethomthandayo , uBhekuzulu Cyprian Nyangayezizwe ka Solomon
ISilo uBhekuzulu sizalwa uNdlunkulu weSilo uSolomon uNtombembi ka Mathathela Sibiya . Kuthiwa okaMathathela ngenkathi ebeletha uMntwana uCyprian wabelethiswa uDokotela woMlungu ogama lakhe kwakunguCyprain. Kuyileso sizathu wetha uMntwana uBhekuzulu ngegama likaCyprian , wathi ngibelethiswe yiNyanga yezizwe , esho uDokotela omhlophe . ISilo uBhekuzulu sabusa kusukeka ngowe 1948 kuya ku 1968 okuwunyaka esakhothama ngawo . Kusukela ngonyaka ka 1968 kuya ku 1971 kwabamba uMntwana wakwaNxangiphilile , uMcwayizeni Zulu.
ISilo saseNaleni , uZwelithini ka Bhekuzulu
ISilo uZwelethini sabusa kusukeka ngowe 1971 kwaze kwaba wunyaka esakhothama ngawo u2021. Sazizalwa uNdlunkulu weSilo uBhekuzulu uThomozile Ndwandwe
ISilo uMisuzulu ka Mdlokombane
Esithombeni yiSilo esibusa manje iSilo uMisuzulu ka Mdlokombane . Sizalwa uNdlunkulu weSilo uMdlokomnbane uMantfombi Dlamini waseBukhosini baseSwazini.








