Incazelo ngoLude  ( Cleome gynandra )

ULude

Nina abakaMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani? USomkhanda wakithi eMkhontweni okhande abezindlu nabezindlwana abezindlu bayikhexa imilomo! #ISilo sakithi oSuthu leso ! ISilo uDinuzulu ka Cetshwayo . Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo. Nina beSilo lesi sitshalo enisibonayo asinalo igama lesiZulu , sibizwa ngokuthi yiMfino ngoba sayadliwa siyiMfino. Ngisibiza ngesitshalo ngoba siyatshalwa ekhaya uma unawo amanzi anele okusichelela ngoba asikwazi ukumelena neSomiso noma nokushisa kwelanga okukhulu. NgesiNdebele  sibizwa ngoLude , uLude lumila eHlobo uma kuna izulu , lukhulu kahle kakhulu ngaphansi kweKhaba, ngaphansi kwezihlahla zoMmbila, sizwana kakhulu noMthunzi. Luyadliwa uLude luyiMfino, kudliwa amakhasi alo , ayababa acishe asondele kwaweNtshungu . Kuthiwa lubuye lube wumuthi uLude , lwehlisa amandla ezifo ezingaMahlakhona. NgesiLungu lubizwa ngoCleome gynandra , okuyiBotanical name. NgesiBhunu kuthiwa yi-Oorpeulttjie. Ka se Pedi le ka se Sotho bare ke Lerotho. NgesiVenda kuthiwa yi-Murudi. Lena kwaSoshangane lubizwa ngeBangala, noma Rirudzi. Alubabi umhlola, ikakhulukazi uma selukhule kakhulu. ULude luqakaza izimbali ezimhlophe kanye nezinombala obomvu .

Lwenzani uLude ?

Nina beSilo amakhasi oLude ayadliwa ayiMfino, ayababa , ukubaba kwawo kuthi akusondele kancane kokwamakhasi eNtshungu . IMfino yoLude kuthiwa yihle kubantu abaphila nezifo ezingaMahlakhona, izifo ezifana noShukela , iHayihayi, isifo seNhliziyo , iNgculaza kanye nezinye . Amakhasi oLude abuye abiliswe enziwe iSiphungo esehlisa amandla ezifo ezingaMahlakhona , esehlisa neNhlungwane ( acid) emzimbeni womuntu . Lesi Siphungo simandla kakhulu nina beSilo kangangokuthi siyazelapha ezinye zizinhlungu zezinyoka , phela ubuthi bezinyoka abulingani . Lesi Siphungu siyazelapha izindawo ezidumbele ngaphakathi eSiswini , amaphashini , ezinsweni , njalo njalo . ISiphungo samakhasi oLude sihle nakwiTB , isifo soFuba kwazise lesiSiphungo siyazishisa izilonda futhi sibohlisa nokudumba ngaphakthi


Khumu!

Niphele nina beSilo . Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi .

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo