Incazelo ngamasimba eNyanga

AMASIMBA ENYANGA..

 

Nina bakaGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbule amagawu abebesi! IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abaSini bengoma! Uklebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! #ISilo uShaka leso ,iSilo sakithi KwaDukuza. Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo , cha thina sisaphila eMantungweni.
***Lokhu enikubona esithombeni kuthiwa  aMasimba enyanga, noma uThuvi benyanga ,umuthi omkhulu wamehlo lona . Wumuthi omila oLwandle lona ,ubukeka njengeKhowa . Uma uwuhwaya phezulu uphuma impushana emhlophe . Yiyona kanye leyo mpushana eyelapha emehlo. Ifakwa endwangwini bese kucwiliswa indwangu emanzini. Bese kuconsiselwa ehlweni elibuhlungu. Kungaba elomuntu noma elesilwane. Kunconsiselwa amanzi ahlangene naleyo mpushana. Liphila qingqo ihlo ngisho noma kuthiwa belingasaboni nhlobo. Lo muthi ubuye ugeze neDlozi,kwazise amandla okugeza iDlozi uwathola amanzini, oLwandle. Uyangena eGobongweni elimhlophe lokuhlambulula iDlozi noma iSithunywa . Uye uqhathwe kakhulu neziNduku ezifana noNgibonisele, uMhlahlandlela , iPhakama lasoLwandle , iVungulomoya kanye neminye imithi . AMasimba eNyanga ayangena kwezokudonsa , kuMabhizini , ayangena nakwezokudonsa iNhlanhla . Le Nduku nina beSilo iyathokala eMakhemisi eSintu ibizwa ngalo elaMasimba eNyanga.

Khumu!


Niphile nina beSilo . Vakshela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi .

 

 

 

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo