Incazelo ngeMbuya .

IMbuya

Nina abakaNowelamuva wawoShaka uMdayi sabela kweliphesheya uZalukazi zosola eManxiweni amaXhegu ayosala eMizileni! #ISilo sakithi kwaNodwengu leso , iSilo uMpande ka Senzangakhona. Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba nisaphila nina beSilo. Sisaphila thina kwaKhumalo. Nina beSilo lesi Simila enisibonayo kuthiwa yiMbuya igama laso , bayasazi abaningi , sivamise ukumila eduze kweSibaya, noma lapho kwake kwaba neSibiya khona. Imnandi iMbuya nina beSilo , iyiMfino, kanti futhi inoMsoco omuhle kakhulu . Bathi umuntu uma edla kakhulu  iMbuya uphila eside isikhathi , futhi namathambo akhe ahlala eqinile. IMbuya imnandi kakhulu uma uyidla noPhuthu. Kunezinhlobonhlobo zeMbuya , kukhona lena esiyejwayele emila eduze neSibaya , bese kuba khona nezinye izinhlobo ezimila nasehlathini emhlabeni ovunde kahle , uma umhlaba ungavundile azimili. . Kukhona olunye uhlobo olutholakala ngapha koLimpompo olukhulayo impela luze lwedlule emadolweni omuntu .Nalo lunoMsoco omuhle futhi lumnandi lwehla esiphundu . Zonke izinhlobo zeMbuya  zibizwa nge-Amaranthus retroflex ngesiLungu ……………..*Igama leMbuya liyavela eSishweni sesiZulu esithi “Ukudla iMbuya ngothi “ okuchaza ukuhlupheka . Uthi lolu okukhulunywa ngalo yi”Ntshengula” . INtshengula ukhezwana olude olwenziwe ngokhuni , eNdulo kwakukhiwa ngalo uGwayi eShungwini. Kuthiwa kudala kwakuthi uma lomisile iZulu, neMbuya nayo iyimvela kancane, kuthiwa iMbuya yayidliwa ngeNtshengula ukuze yanele wonke uMndeni. KuneHubo lakwaZulu elithi”Sobashaya aBadli beNtshengula” , aBadli beNtshengula kushiwo abeLungu, ngoba babehlala befake iziNqawe emilonyeni , bebhemba *IMbuya kuthiwa iqukethe inqwaba yeZakhamzimba esingabala uVithamini A olekelela kakhulu amaSosha omzimba , owapha amandla , obuye futhi ulekelele izitho zomzimba ezifana neNhliziyo, iPhaphu kanye neSibindi. Esinye iSakhamzimba esitholakala eMbuyeni uVithamini K oyiSakhamzimba vele esitholakala eMfinweni . UVithamini K ushisa izilonda ngaphakathi , uqinisa namathambo , wenza umuntu ahlale enguMqemane , kuyileso sizathu abantu abadla kakhulu iMbuya bephila isikhathi eside kunabanye abantu. Esinye iSakhamzimba esitholakala eMbuyeni uVithamini B okuthiwa muhle kakhulu ekuloleni noma ekucijeni umqondo womuntu , uqeda noKhwantalala, muhle kakhulu naseNhliziyweni egulayo .IMbuya nina beSilo kuthiwa yehlisa neHlungwane (acid) emzimbeni womuntu , yinhle kubantu abaphila nezifo ezangaMahlalakhona. IMbuya nina beSilo isiyatsheleka ekhaya , iyatholakala iMbewu yayo izitolo.

Khumu!

Niphile nina beSilo sicela nivakashele uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” nithole olunye ulwazi …………………………….


 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo