Umlando ngenkosi uPhakathwayo ka Khondlo Qwabe

Esithombeni ngabaculi bakhona kwaQwabe , abazibiza ngelamaQwabeTwins

Nina abeLanga eliphandle elinye ngemisebe ngoba liphandle elaseMthandeni !! UGasane luka Ndaba olugasele uPhungashe wakwaButhelezi , lwagasela uSondaba woMthanda ehlez’eBandla!! #ISilo uShaka leso .ISilo sakithi KwaDukuza ! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Cha, sisaphila thina eMantungweni . Nina beSilo ake sibheke umlando wenkosi uPhakathwayo ka Khondlo Qwabe.

INkosi uPhakathwayo ..

Kuthiwa ngesikhathi iSilo uShaka , iLembe , sihlanganisa izizwe iSizwe sakwaQwabe sasiyisizwe esikhulu futhi esizimele, esasibuswa yinkosi yaso uPhakathwayo ka Khondlo. Kuzokhumbuleka ukuthi isizwe sakwaQwabe siphuma kuQwabe indodana yenkosi uMalandela okuthiwa yabe ineHlalankosi layo lakwaNkomonye ngaphezu koMfula iNgwegweni okungumfula ongenela eMhlathuze .UQwabe wabe engumnewabo ka Zulu , naye owazala abakwaZulu. Ngakho-ke singasho impela sithi abakwaQwabe nabakwaZulu bayizihlobo zegazi . Kuthiwa ngemuva kokukhothama kwenkosi uMalandela kwaba khona ukungaboni ngaso linye phakathi kukaQwabe kanye noNina uNdlunkulu uNozinja, owakuholela ekutheni uQwabe agcine edube ikhaya ayokwakha ngaphansi kwezintaba zasoNgoye .Kuleyo ndawo kuthiwa umuzi wakhe awubiza ngokuthi kuseMthandeni .Ethi abezizwe bazomthanda ,ngoba abakwabo babengazange bamthande. Kuthiwa naye waziphembela obakhe ubukhosi , kwazise kuthiwa wayenabalandeli abaningi impela. Kuthiwa wonke amakhosi akwaQwabe alandela inkosi uQwabe  nawo aqhubeka nokubizwa amaHlalankosi awo ngoMthandeni . Nenkosi uPhakathwayo nayo kuthiwa iSigodlo sayo sasibizwa ngokuthi kuseMthandeni . *Kuthiwa inkosi uPhakathwayo yabusa ngesikhathi iLembe limatasa lihlanganisa izizwe ukuba zibe isizwe esisodwa esinguZulu. *Kuthiwa ngaso leso sikhathi kwaqubuka ingxabano phakathi kweLembe nenkosi uPhakathwayo. Kuthiwa imbangela yengxabano kwaba ukunqaba kwenkosi uPhakathwayo ukuba yelekelele iLembe ngamabutho ayezobhekana neMpi yenkosi uZwide  .Lowo mlando usencwadini ka Baba uMoses Ngcobo esihloko sithi “Qhude Manikiniki” . Kuthiwa iLembe lakubona kuhle ukuba amabutho liwacele ngeKlwa. Kwagcina kulwe iMpi enkulu phakathi kwalezi zizwe ezimbili, uZulu noQwabe. Kuthiwa walugoba uphondo uQwabe .Kuthiwa kwathi uma inkosi uPhakathwayo izwa ngokwehlulwa kweMpi yayo yamelwa inhliziyo eSigodlweni sayo , yakhothama .  Kulokho kudla umhlanganiso iLembe lazitholela izihasho ezithi “ LiwuGasane lukaNdana olugasele uPhangashe wakwaButhelezi , lwagasela uSondaba woMthanda ehlez’eBandla…Ilanga eliphandle elinye ngemisebe ngoba liphandle elaseMthandeni”….. USondaba woMthanda kushiwo yona impela inkosi uPhakathwayo , uMthanda kushiwo umuzi wayo waseMthandeni. Inkosi uPhungashe nayo yalwa neLembe. Impi yabakwaButhelezi nabakwaZulu kuthiwa yiyona eyandulela ekaZulu noQwabe . Nayo inkosi uPhungashe yalugoba uphondo. Kuthiwa inkosi uPhakathwayo yakhothama isazele ingane eyodwa , intombi uHeshephi . Abafowabo benkosi uPhakathwayo kwakungo Nomo , Nqetho , Godolozi , Godide , Sophane, Vubulukwana kanye nabanye . Ngemuva kokukhothama kwenkosi uPhakathwayo kwaba khona enye ingxenye yamaQwabe eyaphikelela lapho sekuseMthandeni khona namuhla , ngakwaMaphumulo . Kwagcina kudaleke obunye uBukhosi . Ngesikhathi seMpi kaBhambatha ngowe 1906 amaQwabe aseMthandeni kwaMaphumulo ayebuswa inkosi uMeseni ka Musi ka Godolozi Qwabe . Inkosi uPhakathwayo yayibongwa ngokuthi


“” USodlehlezi wakoMkhweyeya

Obizwe kwaBhekisa wavuma

Kanti amakhosi abizwe iminyakanyaka

UNgqwashiy’obomvu wanguGodolozi

Omabala azizinge sengathi abekiwe.

Odl’izinkomo engafuni nxaba

Inxaba nguMazansi waseNhlanzini

UGqigqi abambuyey’ezindlwaneni

UNofukuthwayo omnyama

Abamfukuthe ezinhlangeni.””

#Inkosi ayiqedwa!!

Khumu!

Niphile nina beSilo . Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngamanye amaqhawe …

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo