Nina abakaMsimude owavela ngeSiluba phakathi kwamaNgisi namaQadase, uNowela muva wawoShaka! #ISilo uMpande leso . Le Nsizwa endala eniyibona esithombeni uMntwana uMthonga ka Mpande. Oka Ndaba wabuthelwa ebuthweni loMbonambi ebuthwa kanye noMnewabo uMntwana uNdabuko . UMntwana uNdabuko wayelamana neS... qhubeka ufunde »
Nina abeMamba eyath’ukuvuka yangen’ehlathini ,ihlathi lineMbube ! Yamaphul’uBusubengwe ka Nongalaza ! UNgalo zinjengezeNgonyama ! IMbube eshoba liyisilikithi !#ISilo uCetshwayo leso! Lezi zihasho iSilo sasoNdini sazithola eMpini yaseNdondakusuka mhla zimbili kuZibandlela 1856. Impi yaseNdondak... qhubeka ufunde »
Nina abakaVezi ngimfumane bemzila ngafike ngamudla kanti ngizifaka iLoyi esiswini! UMbombosh’omnyama uMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo! UMancwaba wezwe lamaphethelo lona lincwaba ngemikhemezelo! Inkomo eyabuya yodwa kawaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! Enhla nasezansi ngiyayi... qhubeka ufunde »
Nina abaQangabhodiya wawoMkabayi uQabi kwezameva eNtendemuzi! UMenzi kabongwa ngabalandakazi ubebongwa ziNjenje zaseMqekwini! USingqila nganhloko zond’intamo! INakazi emnyama yakithi kwaNobamba , uSisanhloko kanti abanye bas’izinyawo! Enhla nasenzi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethe... qhubeka ufunde »
UMntwana uMkabayi wayezalwa yinkosi uJama ka Ndaba , inkosi uJama yiyona ezala inkosi uSenzangakhona uyise weLembe , iSilo uShaka. Lokho kusho ukuthi uMntwana uMkabayi wabe enguDadewabo wenkosi uSenzangakhona , kanti kuphinde kusho ukuthi wabe enguBabekazi weLembe. UMntwana uMkabayi wabe eyiw... qhubeka ufunde »
UMntwana uMshiyeni okwaqanjwa ngaye iSibhedlela esiseThekwini iPrince Mshiyeni Hospital wayezalwa yiSilo sasoSuthu iSilo uDinuzulu , kwiNdlovukazi uSilomo ka Ntuzwa Mdlalose . INdlovukazi uSilo yaba ngenye yamakhosi eSilo uDinuzulu eyakanye neSilo uDinuzulu ngenkathi sidingiselwe eSt Hele... qhubeka ufunde »
Inkosi uTshanibezwe yayizalwa inkosi uMnyamana ka Ngqengelele Buthelezi . Inkosi uMnyamana yagqama kakhulu ngezikhathi zokubusa kweziNgonyama oCetshwayo kanye noDinuzulu. Ngesikhathi sokubusa kweSilo uCetshwayo inkosi uMnyamana yabe inguNdunankulu ka Zulu. Ngesikhathi sokubusa kweSilo uMpande... qhubeka ufunde »
Isizwe samaNdebele namuhla sisithola esifundazweni saseMpumalanga , endaweni ebizwa ngaso , okuthiwa kukwaNdebele. INzalabantu yesizwe samaNdebele kuthiwa uNdebele , owabe engenye yamadodana enkosi uMnguni ka Ntu, okuthiwa nguyena odabula wonke amaNguni. Lesi sizwe samaNdebele asihlobene naba... qhubeka ufunde »
ISilo sakwaKhethomthandayo , iSilo uBhekuzulu Cyprian Nyangayezizwe ka Solomon ka Dinuzulu kuthiwa sazalwa mhlaka zizine{4} kuNcwaba 1924 , sakhothama mhlaka 17 kuMandulo 1968, sakhothama sineminyaka engamashumi amane nane{44}. Ibutho laso kwabe kunguManukelana {INgangakazane eyanukela iziz... qhubeka ufunde »
Izithakazelo, kweleNgabade jikelele: Wena weSilo nazi zezinye zezithakazelo zezibongo ezitholakala lapha KwaZulu -Natal , nakwezinye izingxenye zezwe. Ake ucoshe nawe . Izithakazelo : Bhembe – {Mashinini, Guliwe, Ntozimandla} Bhengani- {Singo, Nyambawu} Bhengu –{ Ngcolosi, Shongololo, Dlabazane,... qhubeka ufunde »