USotobe ka Manyelela wakwaGazu(Sibiya) Esithombeni nguKay Sibiya,uMlingisi.Nina abakaNomakhwelo iNgonyama uhlanya olusemehlweni amadoda!Ake sibheke umlando weqhawe lakwaSibiya uSotobe ka Mpangalala.Nawo sizowukha phezulu kuhle komuntu ekha amasi ngoba mude kakhulu.Abantu bakwaSibiya nabo bawuzalo lw... qhubeka ufunde »
Isikole iPhalane Primary School Nina abeMpunzi ka Ndaba abayibambe ngandlebende phezu kukaLangakazi yadlamuluka yadla amadoda!UGuqabadele iNhlambamasoka iSinakanaka sezincwadi ebezibhalwa uMalimade kwabamhlophe abeLungu!UJininindi lowo,iSilo sakithi oNdini.Esithombeni nina beSilo izingane zeSkole iP... qhubeka ufunde »
Izibongo zeLembe ezithinta abakwaNgcobo Nina abeGwalagwala likaMenzi elisuke eNtumeni kwabhej’iShowe kwabhej’iNdulinde kwaze kwaya kwabheja noLwandle noThukela(iSilo sakithi oNdini leso iSilo uCetshwayo).Esithombeni umfowethu uKwenzokuhle Ngcobo(Kwenzo Ngcobo) onguMlingisi.Nina beSilo ake sibhek... qhubeka ufunde »
UNtshiphi ka Shangane Mthethwa Nina abakaSongobese wamakhanda inkomo yanganene,izothengana nayiphi na enenekazi?Izothengana noMbangambi woVuma eMashobeni.UNkomo zabantu zinenkelenkele zikhungela izingobe emashobeni!UNdlovu yakoDelwase abayihlabe ngenjongolo bayibangela amanxeba okuluphala!UZulu ladu... qhubeka ufunde »
UMxhamama ka Soshaya Sibisi Nina abakaGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbule amaGawu abebesi!Ngethemba nisaphila nina beSilo.Esithombeni umfowethu uMhlonishwa Sibisi oyiNtatheli.Ngokusho komlando obhalwe phansi abantu bakwaSibisi kuthiwa badatshulwa nguMlotshwa obuye abe uKhokho wabantu baseMa... qhubeka ufunde »
IKlwa (iJozi) Nina abakaGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbule amaGawu abebesi.UHlabahlungu bazoshumayezana abasezitheni nabasemakhaya.Inkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila.Ngethemba basaphila abeSilo.Ake sixoxe kancane ngohlobo lomkhonto olubizwa ngokuthi yiKlwa,olubuy... qhubeka ufunde »
Mthethwa UMthethwa kwakuyindodana ka Nyambose kaKhubazi . UMthethwa wayebuye abizwe ngoMbekane .Yena wazala uNdunakazi owayebuye aziwe ngelikaNdlovu kepha ongeyena oKhokho wabakwaNdlovu . UNdunakazi wazala uMadango owazala uXaba owazala uKhayi owazala uJobe owazala uDingiswayo nokungenye yezinsizwa ... qhubeka ufunde »
Umlando ngoMande noMagaye Cele Abantu bakwaCele baphuma kubantu bakwaMthethwa , uCele ozala abantu bakwaCele wayengowakhona kwaMthethwa . Ngesikhathi sokubusa kwenkosi uDingiswayo ka Jobe kwaMthethwa , abantu bakwaCele babebuswa yinkosi uDubandlela ka Mkhokheli . Inkosi uDubandlela yayinomuzi lapho ... qhubeka ufunde »
Umlando ngoNdunankulu uNdlela ka Sompisi Ntuli(iNtontela) U-Ndlela ka Sompisi Ntuli wabe eyiqhawe elikhulu leziNgonyama oShaka noDingane, wayebuthelwe eButhweni leNtontela ebuthwa yiNkosi uSenzangakhona ka Jama.Uyise ka Ndlela uSompisi wabe eyiNsila yeNkosi uSenzangakhona,wayenekhono lokuganzinga iz... qhubeka ufunde »
Umlando ngeNdlovukazi uNomvimbi Mzimela INdlovukazi uNomvimbi Mzimela ingomunye wabantu besifazane ababamba elikhulu iqhaza ekuvikeleni umbuso wakwaZulu ekucekelweni phansi ngabamhlophe,ikakhulukazi amaNgisi. Le Ndlovukazi yiyona ezala iSilo uDinuzulu ka Cetshwayo ka Mpande.Uyise wayo kwakunguMswe... qhubeka ufunde »