Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

INkosi uMtubatuba yaBakhwanazi 

  Nanso-ke iNkosi u-Mtubatuba yaBaKhwanazi . Ibutho layo kwakuwuFalaza ,kanti elikayise u-Somkhele kwakungaMamboza/uThulwane . NgokweZazimlando kuthiwa ayikho inkosi eyabusa kahle abantu bayo njengeNkosi u-Mtubatuba . Kuthiwa yayidume ngokwephana,inogazi kubantu bayo futhi icebe kakhulu inezinkomo ezibulala inyoka,uchibidolo uqobo . Kanti kwake kwaba khona isikhathi lapho inkosi u-Mtubatuba yafuna ukuthenga khona isitimela kodwa abelungu badlala ngayo ,bamane beyishonisa lena nalena . Kuthiwa kwakuthi nxa isigebengu sonile esikhundleni sokuthi isijezise yona yayivele isixoshise ngomhlambi wezithole nenkunzi yazo bese ithi esigebengwini ‘Nazi izinkomo ungaphinde futhi wone’ . Kuthiwa kwathi ngenkathi kuzokwakhiwa kabusha isikole sokuqala kwaZulu.     Inkosi u-Mtubatuba ka Somkhele (esesithombeni)     Amazimtoti asasishe sangqongqa kwacelwa abantu ukuba baqoqe imali yokwakha leso sikole. Kwakukhishwa u25p umuntu emunye kodwa yona inkosi u-Mtubatuba yavele yadedela ikhulu lezinkomo . Isikole Amanzimtoti manje sibizwa ngokuthi yiAdams College .Inkosi u-Mtubatuba yabusela emzini kayise wakwaNomathiya nokwathi ngokuhamba kwesikhathi waguqulwa igama wabizwa ngokuthi kukwaNkomokayixoshwa ngesizathu sokuthi kwakuthi uma inkomo

Umlando ngoMntwana uBhokwe kaZibhebhu Zulu 

Nansi isithombe soMntwana u-Bhokwe kaZibhebhu kaMaphitha Zulu . Nguyena owalandela inkosi u-Zibhebhu esihlalweni sobukhosi . Empeleni indlalifa yoMntwana u-Zibhebhu kwakunguMntwana u-Msenteli owayezalwa yiNkosikazi u-Cikose Biyela okaMvundlana owamuzalela udadewabo u-Nomvula ongazange athole abantwana.Imind eni yavumelana ngokuthi u-Cikose owabe engudadewabo omncane kaNomvula ayogana u-Mntwana u-Zibhebhu ukuze amzalele indlalifa. Lelo kwakuyisiko lasebuNguni. Emgcagcweni kaCikose u-Cikose wagcagca ephethe umkhonto kaMntwana u-Zibhebhu wobukhosi nokwakusho khona ukuthi uzozala indlalifa. U-Cikose wakhulelwa wazala u-Msenteli . Wabuye wazala nentombazane u-Nomangxenge owashona eqala ukuthomba . Ngakho-ke nguMntwana u-Msenteli okwakumele alandele uyise esihlalweni sobukhosi kodwa amaNgisi amchitha abe eseqoka u-Mntwana u-Bhokwe ongazange abonwe nanguYise kwazise wayenezinyanga eziyi 18 ngenkathi iKhomishane yamaNgisi eyayiholwa nguCharles Saunders imuqoka ukuba abe yindlalifa yakwaMandlakazi. Inhloso yamaNgisi kwabe kuwukuqhubeka nokudala izinxushunxushu , ngoba ayazi kahle ukuthi uMntwana u-Msenteli wayesondelene neNdlunkulu yakwaZulu ngoba ilobolo loNina ingxenye yalo enkulu yayikhishwe yiSilo uMpande . Ngakho-ke vele ayengeke aze amamukele njenkosi yakwaMandlakazi . UMntwana u-Bhokwe wayezalwa yinkosikazi u-Geja kaMatshana Sithole

Incazelo ngeKlwa 

     

Izaga nezincazelo

1. Umlungu angathungwa isicoco – Kusuke kufungwa. Uma umuntu ethi into ethile ayisoze yenzeke usebenzisa sona lesi saga. Incazelo yaso iyefana neyesaga esithi “inkomo ingazala umuntu” 2. Wande ngomlomo kuhle kwesiqebetho – Wande kakhulu ngokukhuluma kepha uma sekuyiwa ekwenze... qhubeka ufunde »

Izisho nezincazelo

1 .Ukuzithela kumalunda uzichome Lesi sisho sichaza ukuphaka impi noma ukuphuma uyolwa ngethemba lokuthi uyofike udle umhlanganiso kulowo osuke uyolwa naye, bese leso sitha sakho sizilwela ,nishayane nize nibukane , noma ugcine kuhlehle wena ophake impi  Ukuzithela kumalunda uzichome -ke lokho . Is... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!