INdlovukazi uNomvimbi Mzimela (uNina weSilo uDinuzulu) INdlovukazi uNomvimbi (okaMsweli) Mzimela yayinguNina weSilo uDinuzulu kaCesthwayo iSilo saseMkhontweni . Kusuke kushiwo yona ezibongweni zeSilo uDinuzulu uma kuthiwa ‘Ithole lakokaMsweli elenyisa liguqile’. Uyise weNdlovukazi uNomvimbi kwakunguMsweli Mzimela owakhothamela empini yaseNdondakusuka nokuyimpi eyabe iphakathi kwaBantwana oCetshwayo noMbuyazwe bakaMpande . Wayelwe ngasohlangothini lukaMntwana uMbuyazwe nokunguyena uwehlulwa kuleyo mpi , ehlulwa ngumfowabo uMntwana uCetshwayo . Kwathi ngemuva kokudla umhlanganiso kwempi kaJininindi (uMntwana uCetshwayo) uNomvimbi wathathwa kanye namanye amantombazane kuleyo mpi ethathwa yimpi kaJininindi kwayiwa esigodlweni saseMangweni. Kulapho uMntwana uCetshwayo wahlobonga naye khona kwazalwa uDinuzulu. Ngamanye amazwi uDinuzulu wazalwa ngenkathi uMntwana uCetshwayo engakabi yiNgonyama . Ngokomthetho wasebuNguni uMntwana ozalwe uyise engakabi yiNgonyama akabi yiNgonyama . UDinuzulu naye wazalwa ngenkathi uJininindi engakabi yiNgonyama .Ngakho-ke ngokomthetho wasebuNguni uDinuzulu kwakungamele abe yiNgonyama . Kodwa-ke ngesizathu sokuthi uyise wakhothama ngowezi 1884 kusenguDinuzulu yedwa ingane yomfana kwazise uManzolwandle wazalwa ngemuva kokukhothama kweSilo uCetshwayo . ISilo uDinuzulu saqala ukubusa sineminyaka eyi 16 ubudala