Awu sukanini madoda nanso-ke indodakazi kaMfundisi uJohn William Coleso uHarriette Emily Coleso owabe engumngane omkhulu weSilo sasoSuthu iSilo uDinuzulu kaCetshwayo . Empeleni wonke nje umndeni wakwaColeso wawuyikhonze kabi iNdlunkulu yakwaZulu ikakhulukazi ngesikhathi seziNgonyama oCetshwayo noDinuzulu. UMfundisi uJohn William Colenso uyena okwaqanjwa ngaye idolobha laseKholeso . UHarriette Colenso wayezalelwe kwelaMangisi nokuyilapho umndeni wakhe wawuqhamuke khona . Wayezalwe ngowe 1847 ,washona ngowe 1932 nokuchaza ukuthi washona eseneminyaka engama 85 . Le ntokazi yakwaColenso yawa ivuka neSilo uDinizulu ngenkathi amaNgisi akubo esihlukumeza ,esibopha esivalela ejele singone lutho . Yiyona lentokazi kanye neNdlovukazi yaseNyokeni uNomvimbi Msweli abaqoqa imali yolukhulula iNgonyama uMamonga ngenkathi iboshiwe . Ayigcinanga lapho yaqhubeka yaloba nezincwazi izilobela umbuso waMaNgisi eNgilandi ku21 Dowinings Street ikhalaza ngokuhlukunyezwa kweNgonyama uMamonga woSuthu . Le ntokazi uHarriette yayisondelene kakhulu neNdlunkulu yakwaZulu ,isondelene futhi noNdunankulu uMankulumana owake waboshwa neSilo uMamonga. INgonyama uMamonga nayo yabe iyikhonze kakhulu le ntokazi yamaNgisi kangangokuthi yaze yetha noMntwana uPhikisile Harriette