Umlando ngeSilo uDinuzulu

INgonyama uDinuzulu yabusa ngemuva kokukhothama kukayise iSilo uCetshwayo kaMpande. INgonyama uDunuzulu yabusa isencane kakhulu ngokweminyaka ngoba yabusa ineminyaka eyishumi nesithupha(16) ,yayizalwe ngowe 1868 ,kanti yaqala ukubusa ngowe 1884 mhla zingama 20 kuNhlaba kwaze kwaba wumhla zingama 18 kuMfumfu 1913 . Unina weSilo uDinuzulu kwakuyiNdlovukazi uNomvimbi indodakazi kaMsweli Mzimela . UMsweli Mzimela wayelwe ngasohlangothini lweZigqoza empini yaseNdondakusuka.Impi yaseNdondakusuka yayiphakathi kwaBantwana oCetshwayo noMbuyazwe bakaMpande kaSenzangakhona. Abalandeli bakaMntwana uCetshwayo babebizwa ngokuthi bawuSuthu ,kanti abakaMntwana uMpuyazwe kwakuyiZigqoza . USuthu olwadla umhlanganiso kuleyo mpi .Le mpi yaseNdondakusuka yalwa iSilo sakwaNodwengu iSilo uMpande sisawadla anhlamvana.
Ngokomthetho wasebuNguni uMntwana ozalwe uyise engakabi yinkosi akakwazi ukubusa isizwe uma uyise esekhotheme ngisho noma kungathiwa lowo uyindodana endala kuwo wonke amadodana enkosi kodwa uma ezalwe uyise engakabi yinkosi naye akakwazi ukuba yinkosi . UMntwana  uDinuzulu naye wazalwa uyise uCetshwayo engakabi yinkosi .Kodwa ngesizathu sokuthi uMntwana uDinuzulu wayezalwe waba nguye yedwa ingane yomfana  kwaphoqeleka ukuba abekwe  njeNgonyama kwazise uMntwana uManzolwandle wazalwa iNgonyama uCetshwayo isikhotheme . Unina weSilo uDinuzulu wayengenye yezintombi zesigodlo ezathunjwa kwesinye sesigodlo zoMntwana uMbuyazwe zithunjwa yimpi yoMntwana uCetshwayo empini yaseNdondakusuka. Lezo zintombi zathathwa zayiswa oNdini oluMnyama eduze kwemifudlana uBhicana naaMatheku .Lowo muzi kwakungokaNdlunkulu  uSanguza ka Nsiyane Gumede  unina kaMntwana uDabulamanzi kaMpande . UMntwana wayesengeniswe kuwo lowo muzi ngokuhlelo lokwelanyaniswa izindlu.Kuyilapho-ke uMntwana uCetshwayo asobonga khona noNomvimbi kwalwa uMntwana uDinizulu.
ISilo uDinuzulu sabusa sisesincane kakhulu ingakho lapho ezihashweni zaso kunomugqa othi “IThole lakokaMsweli elenyisa liguqile” . Sabusa ngesikhathi esibi kakhulu lapho kwasekudlange amaphumalimi ayeseqalile ukulidla elakwaZulu, ayesebenzisana namambuka .  Singakabusi iSilo uDinuzulu  kusabusa uyise uCetshwayo uZulu wayeselwe izimpi eziningana namaNgisi .Ngowe 1879 kuMasingana uZulu wanqoba amaNgisi empini yaseSandlwana . Impi yaseSandlwana yalandelwa izimpi eziningi lapho amaNgisi ayesebenzisa khona abantu abansundu ekuhlaseleni uZulu . Kulabo bantu abasetshenziswa ngamaNgisi singabala inkosi uZibhebhu kaMaphitha Zulu, UMntwana uHhamu kaMpande(kaNzibe) ,inkosi uHlubi kaMotha Molefe uPhandandawo Shange ,uNgoza kaLudaba Majozi nabanye . Labo  bantu amaNgisi ayebahlomisa ngezibhamu ngenhloso yokuqotha imbokodo nesisekelo kubantu bakwaZulu ababengabalandeli beSilo uCetshwayo .
Empini yaseSandlwana uMntwana uZibhebhh wayelwe ngobuqhawe kangangokuthi kukhona lapho adubula abulala khona amaNgisi ayewafice egeza esizibeni kwaNolele eMfolozi eMhlophe.   Ibutho lakhe kwakunguMxhapho.  Kwathi lapho amaNgisi eshisa isigodlo sasoNdini ngoNtulikazi ngowe 1879 mhla zingama 4 izikhulu zakwaZulu zathatha isinqumo sokuthi iSilo uCetshwayo siyobhaciswa ehlathini laseNgome . Ngaphambi kokuba siyobhaciswa sabonana noMntwana uZibhebhu kwavunyelwana ukuthu iWundlu uDinuzulu laliyosala kwaMandlakazi kanye neminye yeMidlunkulu ngaphansi kweso likaMntwana uZibhebhu.  Ngempela kwenzeka lokho kodwa kwedlula isikhashana esincane aBaNtwana oNdabuko balilanda iWundlu uDinuzulu kwaMandlakazi bekhale ngokuthi lalihlukunyezwa ,lisengiswa izinkomo.  Kuyilapho-ke uMntwana aqala ukugqisha namaNgisi . ISilo uCetshwayo sagcina sibuyile ekubhaceni sabuyela esigodlweni saso sayosakha kabusha.
Kwathi mhla zingama 21 kuNtulikazi ngowe 1883 uMntwana uZibhebhu wahlasela isigodlo sasoNdini kungazelele muntu wacishe waqotha imbokodo nesisekelo . Impi yakhe yayihlonyiswe ngamaNgisi ngezibhamu . Ngenhlanhla iSilo uCetshwayo sakwazi ukuphulukundlela sibaleke siyobhaca ehlathini laseNkandla lapho sakha isigodlo esasiyifihlo . Kulokho kuhlasela kwempi kaMntwana uZibhebhu kwasala enkundleni izikhulu zoMbuso kaZulu esingabala kuzo uGodide kaNdlela Ntuli , uMbopha kaWolizibi Hlabisa ,nabanye .
Ngenkathi iNgonyama uDinuzulu ihlala esihlalweni sobukhosi kwadingeka ukuba iphindisele noma ibuyise izinduku kuZibhebhu ngakwenza kuyise iSilo uCetshwayo . Ngempela salwa nenkosi yakwaMandlakazi empi yaseTshaneni neyakwaNdunu lapho iSilo uDinuzulu sadla khona umhlanganiso .
Ngesikhathi seSilo uDinuzulu amaNgisi ayelokhu eqhubeke njalo ehlukumeza uZulu kangakothi kwagcina kuqubuke izimpi ezazingaphikiwe yiSilo uDinuzulu . Izimpi ezifana neyaMakhanda kanye nayekwaMtshashana nezinye. EyaMakhanda ibuye yaziwe ngokuthi yimpi kaBhambatha .UBhambatha wayeyinkosi yabakwaZondi eyaba ngenye yamakhosi ayengahambisani nokukhokhwa kwentela . Impi yaMakhanda yalwa ngowe 1906 eyakwaMthashana yona yalwa ngowe 1902 . EyakwaMthashana yaphakwa nguSikhobobo Sibiya owabe engenye yezinduna zaseBaqulusini .  KwaMthashana intaba eseduze nedolobha laseFilidi .
Umlando uveza ukuthi iSilo uDinuzulu sakhothama sesiyikholwa ,sesikholelwa kuKhrestu . Lokho kufakazelwa ukuthi ngenkathi sidunguzela sagcina sidube imithi yodokotela abamhlophe nabansundu ,sabeka wonke amathemba aso kuKhrestu . Kuthiwa kukhona namahubo esawaqamba ngoKhrestu . ISilo uDinuzulu sahlupheka kakhulu sihlushwa ngamaNgisi ,esibopha singone lutho .Kanti naso njengoyise u iNgonyama uCetshwayo naso sake sadingiselwa eSt Helena .Sasingekho isizathu sokudingiswa kwaso ,kwakuyizinhlelo zamaNgisi zokuhlumeza iziNgonyama zakwaZulu ngenhloso yokuwushwabadela umbuso wakwaZulu.
ISilo sakhothamela kwaThengisangaye nokungumuzi waso esasiwakhe eMpumalanga eMiddleburg epulazini elalithengwe yibhunu uBotha  ,lilithengela sona iSilo uDinuzulu ngoba uZulu wayekhale ngokuthi kwakukude kakhulu eSt Helena lapho amaNgisi ayethi asidingisela khona ihlandla lesibili.

ISilo uDinuzulu sakhothama ngowe 1913 khona kwaThengisangaye . Ngemuva kokukhothama kwaso kwabusa indodana yaso iSilo uMaphumzana Solomon kaDinuzulu. ISilo uMaphumzana sona salandelwa indodana yaso iSilo uCyprian Bhekuzulu owayezalwa iNdlovukazi uChristine Khelethina Sibiya indodakazi kaMathathela Sibiya . ISilo uBhekuzulu sona salandelwa indodana yaso iSilo samabandla wonke iSilo uZwelithini kaBhekuzulu ozalwa uNdlunkulu uMaNdwandwe

Izibongo zeSilo uDinuzulu kaCetshwayo

 

 

INyosi uSehla kaNdengezi wakwaZungu

>>

UMamonga woSuthu
UMamonga kabulali uyasizila
Uqotha imbokode nesisekelo
Ufana neNdlovu emnyama yasOndini

Usilwa nankunzi mbili
Enye ngeyakwaNgenetsheni
Enye ngeyaseBhanganomo
UMgwazi kadinwa zinqapheli
Isikhomo esikhomo esimazinga

Umuzi bawuphume ehlathin
Bawulabalabela
Ithole lakokaMsweli
Elanyisa liguqile
Indaba engiyizwe ngimncane
Ngaze ngakhula ngayibona ngamehlo
Usifuba sigungu sigungubele
Nyakane sabhoboka
Umuntu uyakuzizwa izindada

Usikhipha mbila ehlathini kwaCeza*
Kulale yena esixhotsheni
UNdaba uhlomehlathini
Ube njengohlanya

UMashesha njengezulu*
Ephikelele kwaNdunu
UMphangela langa
Lingaphumi kwaNdunu
Lithe liphuma
Laliphuma ngezingazi zamadoda

Wazithatha  izihlangu zikaMandlakazi
Waziphonsa eMkhuze
Wamudla uMcwasimbana kaMaphitha
Wamshaya phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wamudla uXukwana kaMaphitha
Wamshaya phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho

Wamudla uNdlovu kaMaphitha
Wamshaya phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wamudla uPhuzukumila kaMaphitha
Wamshaya phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho

Wamudla uSiwana kaMaphitha
Wamschaya phansi lokudumayo
Akwabindaba zalutho
Wamudla uSikhizane kaNomageje
Wamshaya phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wamudla uSomfula kaMaphitha
Wamshaya phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho

Isikhova sikaMaphitha
UMgwagwa wezulu
Umpondo zamil’enjeni
Engab’enkomeni zesabani
Lokhu sasiyokwenza
Amagudu okubhema

UDlothovu kabhekeki uyesabeka
Ufana nemisebe yelanga
UDlotho’onjengebhubesi
Uliso lifana noyazi lwezulu
Sengathi ngelengwe
Sengathi ngelengonyama

UMamba yeVuna
Umaqhamusela
Ngoba uqhamusele
Ezihlangwini zabasEkuvukeni

UMalokotha izizwe zilokotheke*
Usihhawuhhawu siyinkondlo bayivumile
Ivunywe ngabaMhlophe
Ivunywe ngabaphansi nabaphezulu

Uphaph’oluphezu kwendlu kaKhotho
Umathathel’ahlome onjengezulu
Lalela luntu omemezayo
Ungathi uyakhala
Ukhal’isililo

INkosi yensizwa
UMaphikelela
Ngob’ephikelel’amadod’akwaZulu
Esagunda izicoco azibeka emseleni

Mlomo ongawodwa
Suk’ukhulume
Uyayibon’imilom’eminingi
Iyavunana phakathi kwezwe
Kuvunana uZibhebhu benoHamu
Kuvunana uZiwedu benoMnyamana

Izulu elidume
Emva komuzi eNkalakuthaba
Lazithatha izingane
ZikaMaphitha zonkana
Lazithela eMkhuze

Gijimami ngazo zonke izindlela*
Niyobikela abakwaSidladla naNtini
NabakwaVuma
Nithi amanzi oMkhuze ningawaphuzi
nGoba uDinuzulu indaba uyenzile
Ulile ngomkhonto kwelakubo kwaZulu
Ngoba udadewabo enguSililo
Wagwaza impi yema
Yanjengegama likadadewabo uSimiso
Wagwaza umntu wameya
Ngoba udadewabo enguBeyisile

Ohlasele nemikhonto
Njengemuzi waeMkhontweni
Ohlasele ngamahhashi
Njengomuzi waseMahhashini

UMagagamela!
Ogagamele izinkomo zamaBhunu
Inkunzi yakith’eMkhontweni
Unophumuza abant’amaphika
Unonhlahl’amazibuko akwaSekane

UNongqayiza bayakuthibela*
Uthitshelwe nguMalimade
Kwabamhlophe abelungu
UMgwazi kaqaqi
Uqaqelwa zinyoni

Umkhonto kaShaka noDingane
INgweny’edlel’ogunjini lomfula
Ngaphezulu yesab’ukuhlatshwa,
Yimisebe yelanga
Ugubuzel’uCeza noHlathikhulu

Unhlamvu zamdeka kwaCeza
Zashaya amagatsha emithi
Umgwadlaza nqola ziyakwethuka
Ziyakushon’eNkonjeni

UPhondo lwendlovu
Luyenqaba ukungena
Ezindlini zamankengane

INgqungqul’egoq’amaphiko
Enhla komuz’Ekuvukeni
UKhozi lukaNdaba
Olweqe luphindelela kwaMandlakazi

IziNgqungqulu zibethene phezulu
NgekaMaphitha enye
NgekaCetshwayo enye
Angiqondi nezokubhabhalala
Kwathi ekaMaphitha yabhabhalala

UMkhangela jozi ngaphansi kweTshana
Ulikhangele ngoFalaza
UFalaza wathukuthela
Uzitho zimbombo zimbombonono*
Zifana nezikadadewabo uSililo

USomkhandi wakithi eMkhontweni
Okhand’abezindlu nabezindlwana
Abazindlu bayikhex’imilomo
Ucala lathethwa ngomkhonto kwaMalandela*
Amanye amacala  ethethwa ngezindukukwana

ISidlova kasidinwa nayikuhoma
Ingan’oButhelezi badiniwe
Abasematheni badiniwe
Indaba yenziwe ngabakwaNgenetsheni
Umkhosi bawuhlaba eBhanganomo

UNobhanaza ngendlela ezenyukayo
Eziqond’oThaka kuNkosiluhlaza
Wathi ukubufike oThaka
Kwathi iBhunu uPotolozi
Wakuthwesa isigqoko
Kwathi isigqoko sakufanela
Wena Nkonyane kaPhunga noMageba
Inkunzi kaShaka
Babethi iyahlaba
Kant’ithibela imihlambi yamadoda

Izizwe zonke ziyambuza
Zithi uMamonga ungakanani
Umthent’ohlab’usamila
Insimu yakwabo kaKhambi
Ivum’amanhla
Yavuma amazansi

Uthukuthele wayophuma ngesikhala
seNgonyama
Eyakudabula kuMlandu ezalwa uNkungu
Waphuma ngesikhala seHlobane neZungeni
Eyakudabula kuNdabankulu ezalwa
nguLukhwazi
Wayikhipha eyomnyatheliso

Wakhethelwa nguLevisa
Kwabamhloph’abelungu
Wakhethelwa nguLukhwasi
Kwabamhloph’abelungu
Wakhethelwa nguNkosiluhlaza
Kwabamhlph’abelungu

Ngomkhumbi wakho phansi kukaCeza
Wawakha wayithukulula
Eyakuyibhekisa kuMantanga
Ezalwa nguMkhanyile
La kwakheth’amathns’esilimela

Eyakuyidlulisa kuSinquma ezalwa uMvamane
La kwakheth’amathons’esilimela
INtukuzo yakithi
Ibithukuzwe ngabakithi eKushumayeleni
Ngomkhumbi wakh’omnyama

Eceleni kwabafana bakMlonyeni
Uye wadabula emaNtungweni
Izalukazi zasemaNtungweni
Kawabe usazinika mlomo

Eyakudabula kuSonkeshana
Ezalwa nguNgqengelele
Nanamuhla lokhu
Abafana bakaSonkeshana bangavuma
Bathi yedlule lapha insizwa yeNkosi
Ipheth’ibhosho
Ipheth’ihawu

Unxeba laphum’intunthu yesibhamu
UMngenuli wamaguma
Kusal’izmpahla
Ziyakusala zibadabula
Nanamuhla lokhu
Abanini Mpembeni basamangele

UMagalel’agase
NjengeNkosi yaMantshali
Ugasel’uZibhebhu kwaNdunu
UMavel’ajahe
OnjengeBhunu lakoPhewula

USitshongo  siyithuntu yamabhosho
Abedutshulwa ngoNongqayi
ESikanekisweni kwaNongoma
Umashishiliza ongazindlovu

Ziyakudl’amaganu kwaNongoma
Ujame ukuhlangabeza
Uhlangabez’izihlangu zaMankentshane
Okhalweni kwaNongoma
Usibamba nkunzana bayesabayo
UMathang’adabululwandle
Ngemvula yezinyembezi

Uyajabula mfazi waphesheya kolwandle
Wen’obon’iThole lakokaMsweli
Liyoke liwaphul’amany’amathole

Gqabula Thole !!!
Amany’amathol’akonona asakhulekiwe
USinakanaka sezincwadi zabamhlophe
abelungu
Beziloba bezinakazisa kakhulu
Zilotshwe ngamSotsha
Zalotshwa ngamaGumgedlela

Ibinda Nkosi !

Kulobe INtungwa lasenhla kwaSokhumalo

084 098 4016 khumalobonga.m@gmail.com

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo