Umlando ngeSilo uCetshwayo

Umlando ngeSilo uCetshwayo kaMpande:

ISilo uCetshwayo sabusa ngesikhathi esinzima kwaZulu ngoba sabusa ngesikhathi abeLungu sebefike baze banethezeka , sebeqala nokushaya imithetho ezweni likaMthaniya ngoba eqinisweni ngaleso sikhathi basebeqalile vele ukulidla elakwaZulu . Empeleni abeLungu bafika kudala ngesikhathi iLembe lihlanganiswa izizwe ukuba zibe yisizwe esisodwa esinguZulu.  Kuzokhumbuleka ukuthi uHenry Fynn nebandlana lakhe bafika kwaZulu kusabusa lona iLembe , yilona elabasikela indawo yokwakha lapho sekuseThekwini khona namuhla.  Labo beLungu babengamaNgisi .Kwahamba kwahamba lelo dlanzana lamaNgisi lajikeka uZulu ,laba isitha esikhulu. Kuyakhumbuleka ukuthi uHenry Fynn wesibili nguyena owayexhasa uMntwana uZibhebhu ezinduku zamagwala ukuba ahlasela uMbuso kaZulu ngaphansi kweSilo uCetshwayo nangesikhathi seSilo uDinuzulu.  UFynn wesibili wayezalwa nguFynn okuqala yena kanye owayekhonze ngaphansi kweLembe , owasikelwa indawo lapho sekuseThekwini khona.
Sesibuyela eNgonyameni uCetshwayo kaMpande:
INgonyama uCetshwayo yayizalwa yiNgonyama uMpande kuNdlunkulu uNgqumbazi Zungu(okaMondi) .UMntwana uCetshwayo nguyena owayemdala kuBantwana beSilo uMpande . Esiswini sikaNina uNgqumbazi wayezalwa noMntwana uMbixambixa noMntwana uNdabuko. UMntwana uNdabuko wahlupheka kakhulu neNgonyama uDinuzulu ewa evuka nayo ,kwazise yabusa isencane kakhulu , ineminyaka engama 16 kuphela . Ngakho-ke uMntwana uNdabuko neNdlovukazi uNomvimbi Mzimela baphoqeleka ukuba babe ngaBeluleki abakhulu beNgonyama uDinuzulu . UMntwana uMbixambixa kaMpande yena wagana uMgojana kaSomaphunga Ndwandwe owasala empini yakwaNdunu elwa ngasohlangothini lwenkosi yakwaMandlakazi inkosi uZibhebhu kaMaphitha. Impi yakwaNdunu yayiphakathi kukaZulu nenkosi yakwaMandlakazi inkosi uZibhebhu eyayisihlubuke uZulu .Yadla umhlanganiso ekaZulu .
INgonyama uMpande yayizele kakhulu izinsizwa . Kwathi ngemuva  kwempi yaseMaqonqo amabhunu abuza iNgonyama uMpande ukuba phakathi kwaBantwana bakhe njengoba babeningi nje umuphi owayezoba yiNgonyama uma yona iNgonyama uMpande isikhotheme .  Kuthiwa iNgonyama uMpande yakhomba uMntwana uCetshwayo . Kuthiwa amabhunu akhala ngokuthi aBantwna beNgonyama uMpande babefana futhi bebaningi , abe ecela eNgonyameni uMpande  ukuba ize noMntwana uCetshwayo enkanjini yawo ukuze azoshaya uMntwana uCetshwayo uphawu, ukuze ambone kahle ngalo lolo phawu uma esekhulile. Ngempela amabhunu agcina emshaye ngempela uphawu uMntwana uCetshwayo ,amshaya ngensingo endlebeni . Okuyisona sizathu asenza ukuba amabhunu afake kakhulu amakhala awo eMbusweni kaZulu ngesikhathi seNgonyama uMpande wukuthi amabhunu ayesize uMntwana uMpande ngenkathi elwa neSilo uDingane empini yaseMaqonqo . UMntwana uMpande owadla umhlanganiso . Ngokusho koSomlando bakwaZulu kuthiwa empeleni amabhunu awazange alwe eMaqonqo . Yebo kuthiwa ayekhona empela kodwa akukho okutheni akwenza.  Kuthiwa kwathi lapho isizodumelana amabhunu adubula phezulu ngehlonso yokufaka itwetwe emabuthweni eSilo uDingane. Ngaphandle kwalokho akukho okunye okutheni akwenza.  Esenqobile-ke uMntwana uMpande amabhunu aqala ukugaxeka ezindabeni zakwaZulu .
Kwahamba kwahamba amabhunu aqala ukungamthandisi uMntwana uCetshwayo . Aqala ukuthanda  umnawakhe uMntwana uMbuyazwe owayezalwa uNdlunkulu uMonase kaMntungwa Nxumalo . NeSilo uMpande saqala ukungamthandisisi uMntwana uCetshwayo . Kwakuthi uma kuncindwa odengezini kwakuba uMntwana uCetshwayo owayelandela iNgonyama uMpande ekuncindeni odengezini . Kwahamba kwahamba zaguquka izinto kwasekuba uMntwana uMbuyazwe owayesencinda ngemuva kweSilo uMpande. Wafunda kwezakhe uMntwana uCetshwayo , wazibonela ukuthi wayengasathandwa . Yaqala ngalezo zikhathi-ke impi eyaziwa ngokuthi yimpi yaBantwana esingasho sithi yayiwhathwe yiSilo uMpande luqobo. Le mpi yalwelwa eNdondakusuka nokwabe kuyigama lomuzi kaZulu Ncwane. Ingakho ibuye yaziwe ngokuthi impi yaseNdondakusuka, yalwa ngowe 1856 .  Lempi yayiphakathi kwaBantwana oCetshwayo noMbuyazwe . Abalandeli  bakaMntwana uCetshwayo babezibiza ngokuthi bawuSuthu nokwagcina kuyigama lomuzi weSilo uDinuzulu umuzi wasoSothu. Abalandeli bakaMntwana uMbuyazwe bona babezibiza ngokuthi bayiZigqoza . Kuleyompi zagoba uphondo iZigqoza .
  Amabutho kaMntwama uCetshwayo ayeholwa yinduna enkulu yoMntwana uCetshwayo uMgamule kaNzobo kaSobadli Ntombela.  UNzobo kaSobadli wayeyiqhawe leSilo uDingane kaSenzangakhona .  Inyanga yempi yoMntwana uCetshwayo kwakunguManembe kaGagamela Gcwensa .Nguyena uManembe owayalela uMntwana uCetshwayo ukuthi aguqe phezu kwesihlangu soMntwana uMbuyazwe lapho impi isibambene phezulu . Leso sihlangu sikaMbuyazwe sasebiwe ngiMfinyeli kaNguzalele Xulu endlini eyayigcina izihlangu kwaNodwengu wabe esesinika inyanga uManembe ukuba isisebenze ngemithi yayo.  Kuthiwa kwathi lapho isizodumelana izulu laguquka , laduma kakhulu, kwaqubuka inkungu eyisimanga kakhulu kangangokuthi amabutho eZigqoza awakwazanga ukubona ikhala lempi yoSuthu . Konke lokho kwakudalwa izintelezi zenyanga uManembe wakwaDumisa .  Impi enkulu yaseNdondakusuka yalwelwa eNdondakusuka . INdodakusuka kwakuligama lomuzi kaZulu kaNogandaya Ncwane owabe iyiqhawe elikhulu keSilo uShaka.
Impi yeZigqoza yayiholwa nguNongalaza kaNondela Mnyandu nokwathi ngemuva kokwehlulwa kweZigqoza uNongalaza wabaleka kwaZulu wayokwakha lapho sekuseMlaza khona. INxanxatheka yezitolo ebizwa ngokuthi kukwaMnyandu ngakwa N yaqanjwa ngaye uNongalaza  . AbakwaMnyandu bayingxenye yabantu bakwaQwabe .  IZigqoza zazelekelelwa ngamaNgisi oJohn Dunn(uJanonti) ,  uCaptain J Wamsely ( uMantsonga)  no Mfundisi uEF Rathbone ( uGqelebana) .Kwathi lapho isidle umlanganiso impi yoMntwana uCetshwayo yaphikelela emzini woMntwana woMbuyazwe eNtengweni nakwaKhiya yayothumba isigodlo nemfuyo. Kulabo bantu eyabathumba kwakukhona nezintombi zeSigodlo . Lezo zintombi zathathwa kwaywa nazo eMangweni kwabo Cetshwayo . Kulezo zintombi kwakukhona noNomvimbi Mzimela uyise okwabe kunguMsweli wakhona kwaMzimela owayelwe ngaso hlangothini lweZigqoza . UMsweli wasala enkundleni empini yaseNdondakusuka . UNomvimbi wagcina egane iSilo uCetshwayo , wazala uMntwana uDinuzulu nokunguyena owalandela uyise uCetshwayo esihlalweni sobukhosi .
AmaNgisi athukuthela kakhulu lapho ezwa ngokudla umhlangaso kwempi yoSuthu. Amfuna phansi phezulu uMntwana uCetshwayo ngenhloso yokumbulala ngoba wayebulale intandokazi yawo enguMntwana uMbuyazwe. UMntwana uMbuyazwe alaziwa idlinza lakhe , akhothamela oThukela ebulawa yimpi yoSuthu .  UMphezeni kaNodade wakwaBiyela wamthatha uMntwana uCetshwayo wayomthukusa ehlathini uMaphatha , wamakhela amadlangala . Leyo ndawo ayemfihle kuyona yayaziwa nguye ydwa vo uMphezeni , nguyena yedwa vo owayemhambisela ukudla . Kwakuthi noma sekuzwakale umoyana othi uMphezeni wayazi ukuthi uMntwana ukuphi yena aphike alale ngomhlane. Athi akazi lutho ngoMntwana uCetshwayo . Savela kanjalo isisho noma inkulumo ethi ” Phika Mphezeni icala liyaphikwa”
UMntwana uCetshwayo wagcina ephumile ehlathini uMaphatha  wayokwakha umuzi wakhe wasoNdini olumnyama ngaseNdlayangubo eduze komfudlana uBhicana naMatheku angenela eMhlathuze .
Kwathi ngemuva kokhothama kweSilo sakwaNodwengu ubukhosi bathathwa nguyena uMntwana uCetshwayo , waba yiSilo sasoNdini.  AmaNgisi awazange asinikeze ukuthula iSilo sasoNdini. Ayelokhu eqhubeke njalo egxambukela ezindabeni zoMbuso wakwaZulu .
Aqhubeka amaNgisi ngokuhlumeza uZulu kangangokuthi uZulu wagcina esesukumile wathatha izikhali kwaliwa impi enkulu eyaduma umhlaba wonke jikelele . Leyompi yalwelwa ngasentatshaneni iSandlwana mhla zingama 22 kuMasingana  ngowe 1879. Kuleyompi uZulu wazidlela amahlanga emaNgisini  . Ngemuva kwaleyompi amaNgisi aqhumuka nesu elisha lokulwa noZulu. Lelo su kwakuwudala uqhekeko phakathi kukaZulu.  Lelo su lawasebenzela kakhulu amaNgisi ngoba kwagcina sekwande amabhuka kwaZulu. AmaNgisi abuye asusa isizwe senkosi uHlubi kaMotha Molefe esasakhe ngaseNtabazwe(Harismith) azosisikela indawo kwaZulu.  Konke lokho amaNgisi ayekwenza ngenhloso yokudala izinxushunxushu kwaZulu.  UMntwana uZibhebhu owayelwe ngasohlangothini lukaZulu eSandlwana naye wagcina ebe ngomunye wabantu abasetshenziswa ngamaNgisi .  Empini yaseNdondakusuka uMntwana uZibhebhu walwa ngasohlangothini loMntwana uCetshwayo .
Abanye abasetshenziswa ngamaNgisi ekudaleni izinxushunxushu kwaZulu zingabala kubo uMntwana  Hhamu kaMpande , inkosi uYamela kaPhangandawo Shange , inkosi uMshinana Khanyile nabanye abaningi .
UMntwana uZibhebhu wayelokhu ewuhlasele njalo uMbuso kaZulu ,enhlonyiswa ngezibhamu ngamaNgisi . Ehamba ehlasela bonke abantu ababengabalandeli boSuthu ethumba izinkomo zabo .   Abantu beSilo bagcina sebakhathele ukuhlukunyezwa nguMntwana uZibhebhu , bagcina behlomile nabo baphikelela kwaMandlakazi ukuyohlasela uZibhebhu .Kanti bayothi besendleleni bazithele phezu kwempi kaZibhebhu eyayibalele uyendle emihlangeni yomfula uMsebe . EyoMntwana uZibhebhu yayihlome ngezibhamu ,ekaZulu yona yahihlome ngamaklwa. Ukuqhuma kwezibhamu  kwadla umunyu kumabutho kaZulu . Yadla umhlanganiso eyoMntwana uZibhebhu , kwasala amaqhawe amaningi eSilo uCetshwayo kuleyompi . Kwathi ngawo owezi 1883 ngoNtulikazi waphinde wagadla futhi uZibhebhu ,wahlasela isigodlo sasoNdini esasingapheli nokuvuselelwa ngemuva kokushiswa kwaso ngamaNgisi ngowe1879 . Kulokho kuhlasela uZibhebhu wabulala izikhulu eziningi zoMbuso kaZulu . ISilo uCetshwayo sasinda ngokulambisa , saphulukundlela sayo bhaca ehlathini laseNkandla nokuyilapho sagcina sikhothamele khona . Kusolakala ukuthi sadliswa ushevu . Satshalwa khona eNkandla . Idlinza laso libhekwe isizwe saseMachubeni .
Izibongo zeSilo uCetshwayo ka Mpande
(IMbongi u-Mahlangeni kaGawozi Khumalo)

UZulu eladum’obala
Lapho kungemunga, kungemtholo
UHlamvana bhul’umlilo eNdulinde
Ubaswe uMantshonga benoGqelebana
Inzima lemnyama
Engabunde bezingwe nezingonyama
Ibiqhutshwa uMseleku benoNongalaza
Bethi ifanele ukuyosikwa izihlangu
EMkhweyantaba
Bathi iyekeni
Ubumnyama bayo buyesabeka
Ifanele ukuyocela imvula
KuNkosinkulu
Unqabel’abantu ukudonsa
Umanz’aphum’ezimbotsheni zoMtshezi
Isiguqa esizifulele ngamahlamvu
AseNdodakusuka
Umsindo wobuntilingwe ngowani
Ubangwe ngabaseNtingweni
benabakwaKhinya
Bathi baxokozelela iNdlondlo yakokaTshana
Bathi Ndlondloni lena engabhuli amaphiko
Izindlondlo ziyabhula amaphiko
Ozingel’izwe laseNhlungwana ngobhumbuluzo
Amavaka aseNgwengweni nawaseNdlondlweni
Abaleka abhangalaza
Zingel’ugcine nganeno koThukela mtakaNdaba
Ngaphesheya kukhon’abamhlophe abelungu
USigwembe esal’ukulanyulwa ngabamhlophe
USinakanaka sezincwadi
ebezibhalwa uMalimade
Kwabamhloph’abelungu
Eziloba bezikaza kakhulu


IKhaba elimile lodwa ngaseNhlungwana
Amany’amakhaba emila izixexelegu
Thambekeka mfazi owaliwayo
Thambekeka wewuse iNtambanana
Nangezinyembezi
Mhla eyakudabula ngakwaNgxangaza
Abafazi bakwaNgxangaza
Bazakulal’ezibayeni njengamathole
Kazi amathole azakulalaphi
Uye wadabula kuMlaba
Obezalwa nguKhwani
Wafike wamnika
Inyanda yemikhonto
Wathi MtakaNdaba
Uz’ubahlabe nasemehlweni
INyathi kaNdaba
Empondo zimakhenkenene
Bayivimbele ngamaphanda emikhonto
Bethi uMhlathuze kayikuwuwela
Uthe esewuwela
Wasewuwela ngamakhanda amadoda
Washikizela umashikizel’omnyama
Edondolozela ngenhlendla yakhe ebimithatha
Impi yakhe eyakuyibuthisa eNdliwayini
Wazihlaba kanye namathole azo
Kwathiwa ziyeke lezo Mtaka Ndaba
Ngezikanyokokhulu,
NgezikaLangazana
Washikizela umashikizel’omnyama
Edondolozela ngenhlendla yakhe
Eyakushona ngesikhala
SikaMpehlela noMaqhwakazi
Eya ngoNohadu ezalwa nguMsweli
Uyakuwukhokha umnyatheliso
Iqabi lakwabo lezinkabi elimpunga
Uya ngoMpepha obezalwa nguNdengezi
Uyakulikhokha iqabi lakwabo
Elimnyama lezinkabi
Uya ngoGawozi obezalwa nguSilwane
Uyakuwukhokha umnyatheliso
Iqabi lakwabo elinkone lezinkabi
Washikizela umashikizela omnyama
Eyakushona ngesikhala
Samahlathi amabili
IShowe kanye neDlinza
Eya ngoSikhonyana
Obezalwa nguNgqungqulu
Uyakuwukhokha umnyatheliso
Iqabi lakwabo elixube imibala
Udondolozela ngenhlendla
Ngoba umuzi wakhe kuseziNhlendleni
Uye wedlula kuMankayiyana
Obezalwa nguMenziwa
Uyakuwukhokha umnyatheliso
ISilo esimaDuna sakokaTshana
Esikhangel’abantu baduka nolwandle
Nanamuhla basadukile
Abafana ababili
Baphonseke kwesinezimvumu nezingwenya
UNdaba kazimudli zimbukani?
Zimbona ngoba ekhafulwe yiNdlovu

ISilo esimaDuna
Esimenyezwe nguMzwili
Ezalwa nguSiniswayo
Wathi ningayihlabi leyo Ndlovu
Ningayihlaba niyobe niyibangile
Iyakuvusa imilando emidala
Eyayenziwa ngoyihlo
Uhlohloloza ngeNdlovu enohlanya
INdlovu ethi imuka babeyixokozelela
Uzitho zimagwegwe
Ngokugwegwa abakayise
UJininindi omnyama
Ongabubende bezingwe nezingonyama
Ongangamabuya eziziba
Zolwandle noThukela
Usakha lukhalweni enhlanganisweni
Lapha kuhlangana khona imifula
Kanye neyabafo
Kanye neyabafokazana
UGaqa libomvu lawoBathoyile
Isibuko sikaMaphitha benoNzibe
Abebezibuka ngaso beya kwaNkosinkulu
Ohlathi limnyama
Limnyama konke nemizi yalo
Ebelinjengebelihlala izindlovu
EzikaMakhehle
Igwalagwala likaMenzi
Elisuke eNtumeni kwbhej’iNdulinde
Kwaze kwaya kwabheja
Ulwandle noThukela
ISiguqa sikaNdaba
Abasifulele ngamashoba
Sath’ukuvuka sadl’amadoda
IZulu elidume phezulu eNdulinde
Lazithatha izihlangu zamadoda
Indaba yenziwe nguManqina
Obezalwa nguNkontshela
Nguyena othathe izinkomo zaseMangweni
Waye wayozithela ndawonye
NezaseMkhweyantaba
Ngoba ethathe uNxaba kamkhonto
Isiziba sikaHhamu benoZiwedu
Esibhukudise izihlangu zaseMkhweyantaba
Ilanga liyakushona
Abantu baseNtengweni
Ngiyabesaba ngibasolile
Bazibukule itshe
Itshe linemamba
Imamba yathi ukuvuka
Yangena ehlathini
Ihlathi linembube
Yamaphula uBusobengwe kaNongalaza
Ungalo ezinjengezengonyama
IMbube elishoba liyisilikithi
UMthunduluka ovuthwe eNdulinde
IZigqoza ziyawulabalabela
Udl’uNomsimekwana
Obezalwa nguBhikwayo
Wamshaya phansi koludumayo ezinqungeni
Akwaze kwaba ndaba zalutho
Wamudl’uMashayayishukule
Obezalwa nguSiphingo
Wamshaya phansi eziqungeni
Koludumayo
Akwaba ndaba zalutho
Wamudl’uSigombe
Obezalwa uMatshana
Wamshaya phansi ezinkambeni
Koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wamudl’uFaku
Obezalwa uMatshana
Wamshaya phansi ezinkambeni
Koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wamudl’uBambelela
Obezalwa nguSotobe
Ngasezinkambeni
Wamshaya phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Uwaba lenkomo zakwaMshweshwe
Udunusel’uNdi noKhahlamba
UMzingela kaShaka benoDingane
Uz’uzingele ubuye nganeno MtakaNdaba
Ngaphesheya kukhona abaMhlophe
Uzuyesab’imilando emidala
Eyayenziwa ngoYihlo

IBululu likaPhunga noMageba
Elidonde ukusuka
Kwaze kwasuka awezindlwana
OShela kaDolofu kuMaqadasi
OZitshani kuMaqadasi
OSomtswewu kaSozica kuMankinsimana
Amabululwana ezindlwana
UMagwaz’eguqile njengethole
USinikiniki singamashoba oSuthu
INgqamungqamu likaShaka
Elingamlil’oshayo
Bathi kush’umlilo
Kanti kuvuth’umuzi wasEKuweleni
Izinhlansi zabaqhashela
Ziqhashele oMthondo
Ubhukudise abantu
Bengasathandi ukubhukuda
Ngoba ebhukudise amadoda amadala
Ngoba ebhukudise uNongalaza
Obezalwa nguNondela
Wabhukudisa uThemana
Obezalwa nguNohaye
Wabhukudisa uMgebisi
Obezalwa nguJokwe
Wabhukudisa uMatshekana
Obezalwa nguMaqhoboza
Umamba yeVuna
Umaqhamusela
Umamba eth’ukuvuka
Yadla abakaYise
Wamudla uMbheduka kwabakaYise
‘UMbheduka njengesona
UPhaqa njengelanga
UTakasa njengebhoyi
INyathi yaseNhlakanhlakeni
INdlovu enezihlonti
Ikhwani elisikwa lihluma
Ngenxenye linguPhunga
Ngenxenye linguMageba’
Amakhubalo adliwa nguCetshwayo
KwabakaMpande
Wamudla uShonkweni
Obezalwa nguMpande
Amakhubalo adliwa nguCetshwayo
KwabakaMpande
Wamudla uMantantashiya
Obezalwa nguMpande
Amakhubalo adliwa nguCetshwayo
KwabakaMpande
Wamudla uSomklawana
Obezalwa nguMpande
Amakhubalo adliwa nguCetshwayo
KwabakaMpande
Wamudla uMdomba
Obezalwa nguMpande
Amakhubalo adliwa nguCetshwayo
KwabakaMpande
Wamudla uDabulesinye
Obezalwa nguMpande
Amakhubalo adliwa nguCetshwayo
KwabakaMpande

UNozila kudla kwamagwala*
Amagwala adl’ububende
ILanga elaphuma endlebeni yeNdlovu
Nyakamumbe liyakuphuma kweyeNgonyama
IMpunzi kaNdaba
Bayibambe ngandlebenye
Phezu kukaLangakazi
Yadlamuluka yadlamadoda
IZulu likaNdaba lithukuthele
Liyokwehla ngoMagula
Laqumb’isichotho
Layakwehla ngoMagula
Laphakwehla khona elinye
Izulu elidume phezu kweSandlwana
Umbane lawuhlaba eMankamane
Bayamemeza bathi nans’iNdlovu
Belengu ningayishayi ngesibhamu
Noba niyibangile
Anoyiphathela amaphanda
Angawezinhlendla
Yaphel’imibhobho yamaphoyisa
Yaphuk’ubumohlomohlo
Yaphulwa yiJaha elidala
Yebo thambeka MtakaNdaba
Wen’ongasilambalala
Ngimfumane egeza kwelamadwala
Ubenzipho zimhlophe njengeNgonyama
Uguqa badele
Inhlambamasoka
Odl’uMvemve oncokazi kwabaMhlophe
Wadl’uZithi obezala nguSotobe
Wadl’uSigwabugwabu ezinyangeni
Wadl’Gqoboyiya kwabathwal’imvokwana
UNtaka yeVuna
Zala umhlanga zikhothame
Oze noNdumundumu ezalwa nguNotatela
Weza noQhongolo ezalwa nguNgede
Unsusi wezigebengu eNdodakusuka*
UGuqa bathokoze! INhlambamasoka
USigenyana somqubula
Odl’uKhathaza ezalwa nguSiyabandiya
Wadl’izibunu zizibili zaseMkhweyantaba
Esinye singuMunci
Esinye siguMdeyi khona eMkhweyantaba
Odl’uZangwana kaMgunyana ngaseMaphiseni
Wadl’uNhlanhlanhla ezalwa
NguNgudumana ngaseMaphiseni
Undondela kuyalwa
Ingani nabanoyise bayayalwa
Ngoba udlule kuMpande ekuyala
Wadlula kuSomtsewu ekuyala
Washo uMpande wathi
”Kuze wabusa
Mfana kaNgqumbazi
Liyohanjwa zinkonjane
Lokhu udlula ukuyalwa kokubusa”
Usakha mizi ngemikhonto
Abanye beyakha ngokunikezelana
Uguqa badele iNhlambamasoka
Onjengeziziba zomfula
Sengathi ngamabuya
Olwandle noThukela
Oshise owakwaSibatha
Ingani owakwaSibatha
Kawungenwa ngasango
Wawufohlwa ngecele
Zethuk’izibhaxa
Zaphonseka kwabaMhlophe
WawushisaowaSenzanazo
Hawu washa owaseKuweleni
USofukuzelwa oyinsonyama
INgonyama enohlonza emhlane
INsukamini kaMjokwane
Esuke ilanga liphezulu
Wadl’uPhoyiuphoyi ngaNdondakusuka
Wadl’uMzimuzimu ngaseNdondakusuka
Izingwazi zabola ngakwaNyoka
Usal’ukutshelwa usal’ukunyenyezelwa
Mshisi wesikhotha esiseDlebe
Kuze kushe esiseMalaleni
Uzandla zimnyama
Ngokuphatha imisebe yelanga
Wamudl’uHabana kuMaphoyisa
Wamudl’uMahlangwana ngaseMkhweyantaba
Wamudl’uMagazukaza eSwazni
Wamudl’uMdumela ngaseSwazini
UMvuleli wezinkomo
Zingakwazi ukuvulelwa
Ngoba uphume nezinkomo
Onke aMakhosi aKwaZulu
Engakaze azikhiphe

Uze noMajumba kaLugagane ngaseSwazini
Weza noMhlanganiso ngaseSwazini
Ukhande amaSwazi
Akhawula ukudla izinkomo zaKwaZulu
Usenzele amanqe ngaseSwazini
UMbhubhulo!
Obhubhule zonke izinkomo zaMakhosi
Ngoba ebhubhule izinkomo zanaSwazi
Wabhubhula izinkomo zakwaMzilikazi
UMzilikazi kabe esahlasela
Oze nobhelu NgakwaMzilikazi
Odle uSenzenje ngakwaMzilikazi
Wadla uQabana ngakwaMzilikazi
UDlamvuzo!
Bayede!
Ungangezintaba!

IBinda Nkosi !

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo