Awu sukanini madoda nanso-ke iNkosi yaMachube akwaShezi iNkosi u-Sigananda kaZwekufa . Kulesi sithombe inkosi yaMachube yabe isineminyaka elinganiselwa ekhulwini(yebo 100) . Leli qhawe layibamba kwathula umoya emahlathini aseNkandla empini kaKhandapondo ebuye yaziwe ngokuthi yimpi kaBhambatha . Futhi leyompi ibuye yaziwe ngokuthi yimpi kaMakhanda . Kuleyo mpi uZulu wavukela amaNgisi umbhejazane ngemuva kwesimemezelo sikaNgqongqoshe wezezimali wamaNgisi(Minister of finance) u-Charles Smythe esasithi uZulu kwakudingeka akhokhe futhi enye futhi intela ngaphezu kwezimbili ezabe vele sezikhona . Zanqikilana emahlathini aseNkandla emhosheni waseMome (Mome Gorge) kwathula umoya . Yaqhubeka yagcina isisabalele kulo lonke elakwaZulu. Kukuleyo leyo mpi lapho kwasala khona uSibindi gidi wakwaNgobese iNgobamakhosi u-Mehlokazulu kaSihayo . Kulesi sithombe inkosi u-Sigananda yayisanda kubanjwa ngamaNgisi eseyolilengisa kodwa yavuka isizikhothamele ngobusuku obabandulela usuku eyayizolengiswa ngalo. Yayizinikele yona uqobo kumaNgisi ngemuva kokuba amaNgisi esebophe indodana yayo. Le nsizwa endala yayibone lukhulu kwaZulu ngoba yayizalwe ngeminyaka yama 1820s nokuyiminyaka lapho iSilo uShaka sasimatasa sihlanganisa izizwe ukuba zibe uZulu .