Inkosi uHlubi Molefe yayibusa abaTlokwa bakwaMolefe ababezinze endaweni yaseNtabazwe(Harrismith) ngesikhathi saminyaka yama 1800. Yayikade iqale ukubusa ngemuva kokwehlulwa kweNkosi uSekonyela kaMokotjo ihlulwa yiNkosi uMushweshwe . Kwathi lapho isihluliwe iNkosi uSekonyela yabaleka yaphikelela eKoloni nokuyilapho yagcina ikhothamele khona. Ngemuva kokwehlulwa kweNkosi uSekonyela abaTlokwa bazithola sebeyisizwe esingenayo iNkosi . Ngakho-ke izikhulu zakwaMolefe zagcina ziqoke uHlubi kaMotha owayezalwa eKhohlo lakwaMolefe. Uyise weNkosi uHlubi wayezalwa eKhohlo , engumfowabo weNkosi uSekunyela . Igama likhe kwakunguMotha ka Mokotjo . Wabusa-ke uHlubi ebusela endaweni yaseSefate khona eNtabazwe nokuyilapho kwakwakhe khona umuzi weNkosi uSekonyela waseJwalabhoholo . Kwakuyiminyaka yama 1870s ngaleso sikhathi nokuyisikhathi lapho amaNgisi ayemise kabi iSilo uCetshwayo . AmaNgisi agcina agcina esesikele iNkosi uHlubi indawo eSinquthu ngenhloso nje yokudala izinxushunxushu , kuphazamiseke uMbuso weSilo uCetshwayo . Ngakho-ke iNkosi uHlubi yagcina engenye yamakhosi ahlonyiswa ngezibhamu ahlasela uZulu. Ngamanye amazwi lawo makhosi ayeyizimaku zamaNgisi . Kulawo makhosi singabala inkosi uYamela kaPhangandawo Shange,uMntwana uHhamu kaMpande(kaNzibe) , uMntwana uZibhebhu namanye . Kwathi ngenkathi kuzolwa impi yaseSandlwana nokuyimpi lapho uZulu azidlela khona amahlanga kuMaNgisi iNkosi uHlubi yanikela ngamabutho angama 800 ukuba ayolekelela amaNgisi eSandlwana. UMntwana uZibhebhu walwa ngasohlangothini lukaZulu eSandlwana. Kodwa kwathi ngemuba kwezinyanga ezimbalwa waqalwa ukudla ngakhezo lunye noHenry Fynn wesibili nokunguyena owayehamba phambili ekumiseni uZulu kabi enobhululu bakhe oSaunders , Theo Shepstone, Melmoth , Jantoni nabanye .
Umlando ngeNkosi uHlubi Molefe
(Esithombeni iNkosi uHlubi (owembethe ingubo yemgwe)neNkosikazi yayo bakakwe amaNgisi kanye nezikhulu zakhona kwaMolefe)
Esithombeni ezinye zezinsizwa zeNkosi uHlubi Molefe ezazihlome ziyizingovolo ngezinduku zamagwala .