Umlando ngoMntwana uZibhebhu Zulu

UMntwana uZibhebhu kaMaphitha kaSoyisa kaJama Zulu unina kwakunguKhundlase kaSothondose Nxumalo . Wayebuthelwe ebuthweni loMxhapho . Imizi yakhe kwakuseBhanganomo ,eNkalakuthaba neminye. Imizi kayise uMaphitha kwakuseNkungwini, eKuvukeni, eKuxedeni, oPhanyekweni,kwaMandlakazi nemiye. Yena-ke uMntwana uZibhebhu kwabo kwakuseNkungwini. Wayeganwe ngamakhosikazi angale kwama 80,nesingabala kuwo okaMasiphula, okaMathanda ,abakaMatshana (babebathathu ), okaNdengezi , okaMdlume nabanye . Ngesikathi sempi yaseSandlwane uMagasa (uMntwana uZibhebhu) walwa ngasohlangothini lukaZulu ,futhi walwa ngobuqhawe obukhulu. Kukhona lapho adubula abulala idlanzana lamaNgisi ayelifice ligeza esizibeni eMfolozi eMhlophe. Ngesikhathi sempi yaseNdondakusuka uMandlakazi walwa ngasohlangothini lukaJininindi (uMntwana uCetshwayo) . UMandlakazi wawuholwa nguMntwana uHhayiyana kaMaphitha umnawakhe kaMagasa owayezalwa ekhohlo . Kwathi ngemuva kokwehlulwa kukaZulu ngamaNgisi ,eseshise nesigodlo sasoNdini ngowe 1879 ,ngenyanga kaNtulikazi mhla zingama 4, kwathathwa isinqumo sokuthi iSilo uCetshwayo siyobhaciswa ehlathini laseNgome. Ngaphambi kokuba ahambe uJininindi wathatha wonke umdlunkulu kanye nezingane zakhe ezazimbandakanya iWundlu uMntwana uDinuzulu wazisa eBhanganomo kuMntwana uZibhebhu ukuba asale nazo kanye nabo bonke omndlunkulu ngenkathi sona iSilo sisekubhaceni.  UMntwana uZibhebhu wanikwa izinkomo enikwa iSilo uqobo ukuba ondle ngazo umdlunkulu kanye nezingane. IWundlu uDinuzulu lahlala izinyanga eziyisithupha kuphela eBhanganomo. Ngemuva kwalokho walandwa ithimba laBantwana elaliholwa nguMntwana uNdabuko ,elakhala ngokuthi iWundlu laligqilazwa ,lisengiswa izinkomo. Eqinisweni iWundulu uDinuzulu lalingagqilazwa eBhanganomo,uMntwana uNdabuko waba nesikhwele ngoba phela yena wayelama iSilo uCetshwayo emhlane, bezalwa indlovukazi yeSilo uJininindi uNgqumbazi kaMbondi Zungu . Eqinisweni wayelindele ukuthi iSilo sasizocela yena ukuba asale ebheke izingane zaso njengoma wayeshiyelane naso ibele.

Wathukuthelwa wathelwa ngamazwi uMntwana uZibhebhu ngokulandwa kweWundlu ngaBantwana . Waqala lapho-ke uZulu noma ngithi uSuthu ukunganambitheki kahle kuMntwana uZibhebhu . UMntwana uDinuzulu wagcina ethathwe wayiswa eKushumayeleni esigodlweni senkosi uMnyamana kaNgqengele , nokuyilapho akhulela khona waze wathombela khona.

Izindaba zokunganambitheki kukaZulu kuMntwana uZibhebhu zasabalala zaze zafinyelela kumaNgisi oColenbrander,Saunders no Dunn . Ukunganambitheki koSuthu kuMntwana uZibhebhu amaNgisi akubona njengethuba elihle lokugxambukela embusweni kaZulu,badale izinxushunxushu. Nembala bazidala izinxushanxushu ngokuxhasa uMntwana uZibhebhu ngezibhamu ukuba ahlasele ngazo uSuthu. Nembala waqala ukuluhlasela uSuthu uMntwana uZibhebhu.

Ngowe 1883 iSilo uCetshwayo sisanda kubuya ekudingisweni uMntwana uZibhebhu wayelokhu ebahlasele njalo abalandeli boSuthu, ethumba nezinkomo zabo . Ngaleso sikhathi kwakwakhiwa kabusha isigodlo sasoNdini esasishiswe ngamaNgisi ngowe 1879 . USuthu lwagcina lunqume ukuthi kuhle athathelwe izikhali uMntwana uZibhebhu , ahlaselwe. Ngempela yaphakwa impi mhla zingama 29 kuNdasa 1883 ,yawela umfula iMona yaphikelela eBhanganomo. Yathi uma iwela umfula uMsebe yazithela empini kaMntwana uZibhebhu eyabe ilalele ekaZulu uyendle emhlangweni waseMsebe,ihlome iyizingovolo ngezibhamu. Kusobala ukuthi uMntwana uZibhebhu wayesezwile ngezinhloli zakhe ukuthi uSuthu lwaluhlele ukumhlasela ngalolo suku. USuthu lwalungazi ukuthi impi yoMntwana uZibhebhu yayihlome ngezibhamu ihlonyiswe ngoColenbrander . Yakhwela yadilika impi kaMntwana uZibhebhu kweyoSuthu, zaqhuma ziqhumile izibhamu zalala uyaca izinsizwa zoSuthu ezabe zethembele ezihlangwini nasemaklweni ,zingenazo izibhamu . Afa amabutho kaIninndi amaningi,nembongi yakhe uMahlangeni kaGawozi Khumalo wasala enkundleni . Ize yayincane ngesibalo ekMagasa kodwa yakwazi ukudla umhlanganiso ngesizathu sokuhloma ngezibhamu.

Kwathi ngemuva nje kwesikhashana ilwile impi yaseMsebe uMntwana uZibhebhu waphinde wasabisa ngokuthi wayezohlasela ashise isigodlo sasoNdini . Ngempela wasihlasela ngoNtulikazi 1883 , waqotha imbokodo nesisekelo , kwafana amaduna amaningi eSilo uCetshwayo esingabala kuwo uNtshingwayo kaMahole ,Godide kaNdlela ,Dilikana kaHlakanyana,Simukanaye kaDilikana ,Sekethwayo kaNhlaka namanye ayezokotha iSilo .

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

Izibongo zoMntwana uZibhebhu kaMaphitha :

Izibongo zoMntwana uZibhebhu kaMaphitha:INyosi :UGwebisa kaMandondo wakwaDlamini:

UMsongi wensimbi
Ayibek’ekhanda
Athi yikhona
Amagwal’ezakumbalekela

Usima ngandonga bangamhlabi
Bahlab’umbhantaka
Intak’eduke nabalandakazi
Ngoba iduke naBaqulusi

UMagwaz’ayiqhube
Ayis’ekhakonina kwaSothondose
UMngun’uyathentesa
Ufana nabasiki bebunda

Umfishan’ongubo ziyanyathela
Ingan’ezabade
Ziyalubuth’udaka
Umabatshazwa yimvubu yaseMzinyathi
Kwath’izingwenya zayikhex’imilomo

Umhlang’oshaya
Izinkomo zikaMaphitha
Usiyephuyephu siyimbube yakwaSekane
Emakhal’avuth ‘umlilo
Usinikiniki silishoba lenkunzi yezingonyama

UGwavumane waMasotsha
Umudli wezidid’ezimbili
Esinye singaphansi kweHlobane
Esinye singaphansi kweZungeni

Usibindi gidi
Usibindi simnyama
Simnyama nenyongo yaso
UMnumzan’ozihlabanelayo
Ingan’ abany’ abamnumzane
Bayasab’ukuhlatshw’emkhabeni

Uthukuthele mtakaNdaba
Walokuth’uMsebe
Wath’uyakugcwala
Nezingazi zamadoda***

Ungalo zimqingo
Ngokugwedl’ibhosho
Ngaphansi kweTshana
Ugwedlel’oMgazi noButhelezi.

IZul’elidume
Phezu koMzibomvu
Ugod’olukhwela
Amakhwent’eMzinyathi

Unkomo zinembedle
Zine mbedlelele
INkunz’ eMnyama
Yakithi kwaMandlakazi

Inzima lemnyama iyesabeka
Imnyama nezimpondo zayo
Iyesab ‘ukuthiba
Ngoba yesab’ukushelela

UNonqayiza bemthibela*
Uthitshelwa ngaMasotsha
NaMagumgedlela

Obhukudis’ abelungu kwaNolele
Bengasathand’ ukubhukuda
Usibhamu sadl’uMlungu
Sadl ‘ingwenya kwaNolele

UGqamu kwabad’ abelungu
Usihawuhawu ‘ungayinkondlo
Bayivumile
Ivunywe nguPhunga
Yavunywa nguMageba

Umudli wenguyazana
Yedwa kwaNolele
Lwalal ‘USuthu*
Lunga yidlanga

Ugxamalaza kuphum’ umbayimbayi
Ngaphansi nangaphezulu
Mjaheni Masotsha
Mjaheni Magumgedlela

OkaNdaba wayengasenakwephuka
KwaNolele
Ukuba wayephuka
Waye yokwephuk’eSANDLWANA*

Gijimani ngezindlela zonkana
Niyobikela abangakezwa
Nifike nibatshele ukuthi:
Lukhulu luyeza luyanyelela
Silufanisa noZibhebhu kaMaphitha**

Ubuhle bakho Ndaba
Ngiyabesaba, ngibusolile
Ngithe uma ngibuqaphelisisa
Ngabufanisa namehlw’entethe
Won ‘asemhulubulweni

Bamethwes’ isicoco
OkaNdaba samfanela
Bamgibez’ ehhashini
OkaNdaba lamfanela
Bamnik ‘isihlangu
OkaNdaba samfanela

Nani maSwazi khawulani
Ukufunga uMahlokohla
Nith ‘uMahlokohla
Ngowakini kwaNgwane::

Ngob’uMahlokohla ngowakithi
Laph’eBhanganomo
Ohlokohl’izimbub’eGujini
Zaphum’ubusabalala

Zaze zashay’umtsheke
Zathi ngqu! Washesha!
Mhla uzakuza
NeZimbidl’ezimashoba

Unkomo zashaya
Ingwaqa ngwaqa kwelasoSuthu
UMngun’oMnyama
Wakithi kwaMandlakazi
UMngun’ovimbele
Abany’abeNguni
Engibaziyo bakoFebane

Mhla abeNguni
Beza ngothul’eNgxongwane
Wabuyisel’amagwal’emuva

Ujojo luvikel’amaklele
Khona lapha eNdimhlane
UNondondo welanga

UMababal’ahlome
Akadinwa ukuhloma
UNgqongqo yemikhonto
Uyazibang’izililo
Ngob’uyazibang’izinyembezi

USiguda mnyama nonyezi
UNompangisa kuyihlomisa
USihlangu sikaShaka noJama

Wamudl’uGodide kaNdlela
Emadunen’akwaZulu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wath’uyababa
Akananyongo akanamhlehlo
Wamnik’izinyoni zeZulu

Wamudla uNdwandwe kaMdlaka
Emaduneni akwaZulu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wath’uyababa
Akananyongo akanamhlehlo
Wamnik’izinyoni zeZulu

Wamudl’uSihayo kaXhongo
Emadunen’akwaZulu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wath’uyababa
Akananyongo akanamhlehlo
Wamnik’ izinyoni zeZulu

Wamudl’ uSekethwayo kaNhlaka
Ezikhulwini kwaZulu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wath’uyababa
Akananyongo akanamhlehlo
Wamnik’iznyoni zeZulu

Wamudla uNtshingwayo kaMahole
Emadunen’ akwaZulu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wath’ uyababa
Akananyongo akanamhlehlo
Wamnik ‘izinyoni zeZulu

Wamudla uDikane kaHlakanyane
Emaduneni akwaZulu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wath ‘uyababa
Akananyongo akanamhlehlo
Wamnik ‘izinyoni zeZulu

Wamudla uBhulangethe kaMagidi
Emaduneni akwaZulu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabinda zalutho
Wath ‘uyababa
Akananyongo akanamhlehlo
Wamnik ‘izinyoni zeZulu

Wamudla uVumandaba kaNqethi
Ezikhulwini zakwaZulu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wath ‘ uyababa
Akanonyongo akanamhlehlo
Wamnik’ izinyoni zeZulu

Wamudla uHayiyana noMakhoba
Kwaba kwenu
Wamaqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wathi bayababa
Abananyongo abanamhlehlo
Wabanik’ izinyoni zeZulu

Wamudla uNhlanganiso kwabakwenu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wath ‘uyababa
Akananyongo akamhlehlo
Wamnik ‘izinyoni zeZulu

Usehla ngohologo
Kwelase Madletsheni
Abanye behla
Ngogongolo lwentaba

Wamudla uMsushwana kaMfusi
Kwezinkulu izindengezi zasoSuthu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho

Wamfimfitha wamkhafula
Wath ‘uyababa
Akananyongo akanamhlehlo
Wamnik’ izinyoni zeZulu
Yasuka kwaNdunu

Mjulel’ abantu
Onjengo lembu
Ngob’ ujubele
UMsushwana kwabaseMdletsheni

OkaNdaba ugwaz’iduna
Kwazond’eliny’iduna
Nibabi maduna
AkwaZulu ngokuzondelana

Ube ngulamula mtakaNdaba
Ungemuthi wabeLungu
Ngob ‘ulamlele
USitheku kwabakaMpande
Wamnqumel’ezingamakhulu amathathu

Ndab’ uyalamlela
Lo munt’omemezayo
Umemeza njalo
Sengath ‘uyakhala
Ukhal ‘isililo

Uth ‘umtanakh’akendelanga lutho
Kwela kwaMandlakazi
Ngoba wendel’utho
Luka mbayi mbayi

Usal’ukutshelwa
Usal’ukunyenyezelwa
Ngonyama Nduna
Vuka bakuhlanganisile

Mbala wezinkomo nabantu
Awusabulali mtakaNdaba
Usuyasizila
Uqoth’ imbokode nesisekelo

Usimelele ngomkhonto
Phezu kweTshana
Wadondolozela ngenhlendla
KwaMthununtengayo
UMagasa emini libalele
Zonk’ izintaba zimbhekile
Izingwazi zamagwala zabola

Umkhumb’othi
Uyakhiwa wahlakazeka
Umkhont ‘oqed’amadoda
Ihhash ‘elimhlophe
Elinqand ‘amakhala

Uzungez’izintaba
ZaseMphelandaba
Kwaze kwazamazama
Izintaba zoBombo

Ithol ‘elingamqembu
Kwamany ‘amathole
Thole gqabula !
Kade lalizigqabul ‘izinsinga

Izul ‘elimnyama
LikaMaphitha
Elihlome laphindelela
NakwaNdunu
Ladl ‘amadoda

Uphehl’ itshe lingenambolo
Ngaphansi kwaGodlankomo
Laze labhoboka

Ithole elanyisa kuqala
Kwamanye amathole
Inkomo kaNdaba
Abayisengel ‘ethusini
Iye yakhab’ umbambi
Yakhab ‘umshayi

Ivondwe likaMaphitha
Eligend ‘amany ‘amavondwe
Lithe liyawagenda
Lawagendel ‘entendelezini

Impala eyasala
Kwezinye izimpala
Bezigumula bezibhoncula
Bezenz ‘amagudu
Okubhem ‘aBashokobezi

Umahlal ‘ehlomile
Ubenjengonhlanya
Ngoba nanamuhla
Usahlomile

Uhlany ‘oluze lugijima
Zalukhonkoth’ izinja zakoManqayi

Kanti ezakoNomsebedwana
Ziyalubungazela
Qatha langima
Nkomo zakwaNobandile

Kawukhawule Bhokotshiki
Ukutshikizela izinkomo
Zamadun ‘akini kwaZulu

Mhlanganiso kayibalwa
Ingani ‘eyaMamboza
Iyabalwa koDamushe

UMloyiswa kaNdaba
Okade babemloyisa
Beth ‘ akasayikufa
Akasayikumbelwa
UMagasa kaNdaba !

#Ibinda !

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo