Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Umlando ngempi yaseSandlwana (22 ku -Masingana 1879)/The Battle of Sandlwana (22 January 1879) 

Umlando ngempi yaseSandlwana (22 ku -Masingana 1879)/The Battle of Sandlwana (22 January 1879) #Kuloba uKholo Khumalo iNxazonke Impi yaseSandlwana yalwa mhla zingama 22 ku Masingana 1879 . Lempi yayiphakathi kukaZulu namaNgisi, uZulu ngaleso sikhathi wayebuswa iSilo u-Cetshwayo kaMpande . Kulempi uZulu wadla umhlanganiso . Impi yamaNgisi yayiningi ngesibalo ukudlula eyakwaZulu. Imbangela yokwanda kwempi yamaNgisi kwaba ukuthi yayimbandakanya namambuka ayehlubuke uZulu ayozimbandakanya namaNgisi. Enye imbangela kwaba ukuba khona kwesizwe saBatlokwa benkosi u-Hlubi kaMotha ukuzokwelekelela amaNgisi . Kanti nabo abamhlopje bebodwa babevele bebaningi ngoba kwakuqhamuke abamhlophe ababesuka koCanada , Austria , New Zealiland , Australia, America ,AmaNdiya nabanye. Inkosi u-Hlubi yanikela ngamabutho angama 800. Lawo mabutho aba yingxenye yebutho labohlanga elalibizwa ngokuthi i-ANNC (African Natal Native Contingent) . Leli butho labohlanga i-ANNC lalibuthwe amaNgisi ayeyizelamani o-Samuel no Robert Samuelson . LamaNgisi ayebuthe cishe zonke izinsizwa zengabade ezazingahambisani nombuso kaJininindi ka Ndaba . Ngamanye amazwi leli butho labe liyibutho lamambuka. Izinduna zalo kwakungo

Umlando ngeNdlovukazi uNomvimbi Mzimela(uNina weSilo uDinuzulu) 

INdlovukazi uNomvimbi Mzimela (uNina weSilo uDinuzulu) INdlovukazi uNomvimbi (okaMsweli) Mzimela yayinguNina weSilo uDinuzulu kaCesthwayo iSilo saseMkhontweni . Kusuke kushiwo yona ezibongweni zeSilo uDinuzulu uma kuthiwa ‘Ithole lakokaMsweli elenyisa liguqile’. Uyise weNdlovukazi uNomvimbi kwakunguMsweli Mzimela owakhothamela empini yaseNdondakusuka nokuyimpi eyabe iphakathi kwaBantwana oCetshwayo noMbuyazwe bakaMpande . Wayelwe ngasohlangothini lukaMntwana uMbuyazwe nokunguyena uwehlulwa kuleyo mpi , ehlulwa ngumfowabo uMntwana uCetshwayo . Kwathi ngemuva kokudla umhlanganiso kwempi kaJininindi (uMntwana uCetshwayo) uNomvimbi wathathwa kanye  namanye amantombazane kuleyo mpi ethathwa yimpi kaJininindi kwayiwa esigodlweni saseMangweni. Kulapho uMntwana uCetshwayo wahlobonga naye khona kwazalwa uDinuzulu. Ngamanye amazwi uDinuzulu wazalwa ngenkathi uMntwana uCetshwayo engakabi yiNgonyama . Ngokomthetho wasebuNguni uMntwana ozalwe uyise engakabi yiNgonyama akabi yiNgonyama . UDinuzulu naye wazalwa ngenkathi uJininindi engakabi yiNgonyama .Ngakho-ke ngokomthetho wasebuNguni uDinuzulu kwakungamele abe yiNgonyama . Kodwa-ke ngesizathu sokuthi uyise wakhothama ngowezi 1884 kusenguDinuzulu yedwa ingane yomfana kwazise uManzolwandle wazalwa ngemuva kokukhothama kweSilo uCetshwayo . ISilo uDinuzulu saqala ukubusa sineminyaka eyi 16 ubudala

Umlando ngeNkosi uBhambatha Zondi 

Inkosi uBhambatha kaMancinza ka Jangeni ka Magenge ka Nomashumi ka Nondaba yakwaZondi  yabe ibusa abakwaZondi eMsinga ngowe 1905 . Inkosi uBhambatha yaqhopha umlando ngenkathi kuliwa impi yaMakhanda nokuyimpi eyalwa ngowe 1906. Le mpi yabe iphakathi kwengxenye kaZulu eyabe ingahambisani nokukhokhwa kwentela kaKhandampondo. Le mpi ibuye yaziwe ngokuthi yimpi kaBhambatha noma yimpi kaKhandampondo . Le ngxenye kaZulu yalwa namaNgisi ngendlela esingayichaza ngokuthi yayiwubushokobezi ngoba yayilwa ilwe ibulale amaNgisi bese ihlehla iyobhaca ehlathini laseNkandla. Le mpi kaBhambatha yaqanjwa ngaye uBhambatha ngoba wayengomunye ababehamba phambili ekuholeni le mpi ka Bhambatha noma impi yaMakhanda  . Omunye owahamba phambili yinkosi uSigananda kaZwekufa Shezi . Le nsizwa yayingukaNina weLembe futhi yayikhule nalo ,yayilibone ngawenyama. Ngakho-ke yayinolwazi oluthe thuthu kwenzempi . Ngowe 1906 nokungunyaka kwalwa ngayo impi kaBhambatha inkosi uSigananda yayisineminyaka engama 99 . Le mpi kaBhambatha yalwa ngesikhathi sokubusa kweNgonyama uDinuzulu. INgonyama uDinuzulu yayingazi lutho ngempi yaMakhanda futhi yayingahlangene nayo ize yagcina ivalelwe yona noNdunankulu wayo

Umlando ngeNkosi uLangalibalele Hadebe

  Inkosi uLangalibalele kuthiwa yazalwa emini libalele , ingakho yethiwa igama elithi inguLangalibalele. Unina weNkosi uLangalibalele kwakunguNtambose indodakazi yenkosi uMashoba kaMgabhi Mazibuko. Elinye igama leNkosi uLangalibalele kwakunguMthethwa. Inkosi uMashoba  yazala iNkosi uPhuthini n... qhubeka ufunde »

Umlando ngeNgwenyama uSobhuza II ka Mahlokohla 

Umlando ngeNgwenyama uSobhuza II kaMahlokohla (uMlondolozi) INgwenyama uSobhuza wesibili yiyona ezala iNgwenyama ebusa manje nokuyiNgwenyama uMswazi wesithathu ebuye yaziwe ngokuthi iNgwenyama uMakhosesive . INgwenyama uSobhuza wesibili izalwa noma ngithi yayizalwa iNgwenyama uBhunu ka Mbandzeni  ,yazalwa ngowe 1899. Elinye igama lweNgwenyama uBhunu kwakunguMahlokohla. Unina weNgwenyama uSobhuza II kwakunguLomawa Nxumalo. INdlovukazi uLomawa Nxumalo kwathi ngenkathi kuzosungulwa iNhlangano uKhongolose yanikela ngemali engama 1500 pounds nokwabe kuyimali engasukumi phansi ngaleso sikhathi . Elinye igama leNgwenyama uSobhuza II kwakunguMona .  INgwenyama uBhunu nokunguyise weNgwenyama uSobhuza II yakhothama yashiya uMntwana uSobhuza II esemncane kakhulu kwase kubamba uMalunge uyise omncane weNgwenyama uSobhuza II, wabamba esizana noGogo weNgwenyama uSobhuza II iNdlovukazi uLabitsibeni Mdluli yakwaZombode wamagugu. INgwenyama uSobhuza II babeyithanda kakhulu abantu bayo futhi nayo ibathanda ,ibazisa kakhulu. Yayiganwe ngamakhosikazi angale kweKhulu . Umuzi wayo wawubizwa ngokuthi kuseLudzidzini . Le Ngwenyama yaseLudzidzini yayingenaso isikhathi sokuthengana nezimoto zikaNokusho ,amakhosikazi ayo yawathengela ibhasi elikhulu ababehamba ngalo uma beya emicimbini nakwezinye izindawo 

INdlovukazi uMaNtantisi unina weNkosi uSigonyela 

  Nanso-ke iNdlovukazi yabeSuthu abangabaTlokwa iNdlovukazi uMaNtantisi unina weNkosi uSekonyela wodumo lwamasongo kaSigonyela . INdlovukazi uMaNtatisi yabusa abaTlokwa ngesikhathi iLembe limatasa lihlanganisa izizwe , yabusa njengeMambabukhosi ibambele indodana yalo uSekonyela owabe esakhula . Uyise kaSekonyela iNkosi uMokotjo ka Montwedi ka Motorosi  yakhothama yashiya uSekonyela esemncane, ngakho-ke uMaNtantisi waphoqeka ukuba abuse njengeBamba . Le Ndlovukazi uMaNtisi yayinesibindi esiyisimanga   , amabutho ayo kuthiwa ayehleleke ngendlela eyisimanga. Akhumbuleka kahle empini eyaziwa ngokuthi “Ntwa ya Dipitsa” nokuyimpi eyabe iphakathi kwabo abaTlokwa bakaMaNtantisi nabeSuthu beNkosi uMushweshwe . Impi yenkosi uMushweshwe yatheleka eNtabazwe lapho kwakuzinze khona abaTlokwa inethemba lokuthi iyofike izidlele amahlanga, kanti qha, iyozithela kumalunda izichome  . Basukuma abaTlokwa bazilwela , zanqikilana zaze zabukana , kwephuka nezinti zemikhonto kwagcina kujikijelwana ngamabhodwe . Kuyileso sizathu le mpi ibizwa ngokuthi “Ke Ntwa yaDipitsa” nokuchaza ukuthi “Impi yaMabhodwe noma Impi yeziMbiza” . Ngesilungu le mpi ibizwa ngokuthi yiBattle of Pots.  INdlovukazi uMaNtantisi kwahamba kwahamba yagcina isinenduku yayo yamagwala,isigibela

INkosi u-Somkhele Mkhwanazi 

  Awu sukanini nanso- ke iNkosi yaBakhwanazi madoda iNkosi uSomkhele kaMayanda kaVeyana (IMboza) okwaqanjwa ngayo indawo yakwaSomkhele. INkosi uSomkhele yayinguMshana weSilo sakwaNodwengu iSilo uMpande kaSenzangakhona. Unina weNkosi uSomkhele kwakunguMntwana uNtikili kaSenzangakhona . Ngakho-ke iNkosi uSomkhele yayithathwa njengoMntwana ngoba unina wayezalwa ebukhosini bakwaZulu. Kuyileso sizathu-ke iNkosi uSomkhele yabuthelwa ibuthweni laMamboza nokwabe kuyibutho elalande kakhulu aBantwana beSilo uMpande . Umuzi weNkosi uSomkhele kwakukwaNomathiya nokuyilapho kwazalelwa khona iNkosi uMtubatuba kaSomkhele (uFalaza) . INkosi uMtubatuba yiyona eyalandela uSomkhele esihlalweni sobukhosi . ISilo uMpande sona sasizalwa intombi yakwaHlabisa uSongiya indodakazi kaNgotsha Hlabisa . INkosi uVeyana yona yayibuye ibe ngenye yezinduna zeNkosi uDingiswayo , yayihola ibutho elalaziwa ngokuthi yiNingizimu . # Khumu!    

UNdunankulu uMankulumana kaSomaphunga

Awu sukanini madoda nango-ke u-Mankulumana kaSomphunga Ndwandwe uPrime Minister (uNdunankulu) wakwaZulu ngesikhathi seNgonyama u-Mamonga woSuthu.   Kulesi sithombe simbona ekakwe izinduna zaseMkhontweni. Leli qhawe lalibuthelwe ebuthweni uMbonambi onduku zibomvu igazi. Labuthwa ngesikhathi seNg... qhubeka ufunde »

UNgoza ka Ludaba Majozi 

  Nango-ke u-Ngoza Majozi owabe eyinduna yePhumalimi u-Somtswewu kaSonzica Majozi . Waqala ukuba induna kaSomtswewu kusukela ngemuva kwempi yaseNdondakusuka. ENdondakusuka wayelwe ngasohlangothini loMntwana u-Mbuyazwe nokwathi ngemuva kokunqotshwa kwakhe wazimbandakanya namaPhumalimi. Ibutho likaNgoza kwakuyiHlaba . Babili oNgoza emlandwini wakwaZulu,kukhona uNgoza kaMkhubuleli waseBathenjini kanye noNgoza kaLudaba wakwaMajozi. Uyise uLudaba wayenguMalume kaNyathi Mabaso ,ingakho ezibongweni zikaNyathi Mabaso kukhona umugqa othi ‘INyathi emnyama kaLudaba’.. ESandlwana lensizwa yalwa ngasohlangothini lwaMaNgisi . Abanye abalwa ngasohlangothini lwamaNgisi inkosi uGabangaye Mchunu ,inkosi uNdabayakhe Zuma namanye amakhosi.

Isibhamu sohlobo lweSigwagwagwa esenziwa amaNgisi 

Nanso-ke iSigwagwagwa uhlobo lwesibhamu olwenziwa amaNgisi ngowe 1888 ,lwasetshenziswa okokuqala ngqa empini yamaNgisi noMthwakazi ngowe 1893. (IMaxim Gun 37mm(ebuye yaziwe ngeSigwagwagwa )     ISigwagwagwa ngesiZulu saphesheya sibizwa ngokuthi yiMaxim Gun (37mm). UMthwakazi isizwe esakhiwa iqhawe lakwaKhumalo uMzilikazi kaMashobana kaZikode kaMkhatshwa kaKhumalo kaMntungwa . Lesi sizwe namuhla sitholakala eNingizimu yezwe laseZimbabwe . Sinomhlaba ongama 48 000 000 acres kanti abantu bona bangama 7 million . Ngesikhathi amaNgisi akha lolu hlobo lwesibhamu uMthwakazi wawubuswa indodana yeSilo uMzilikazi iSilo uLobhengula Khumalo. Kuyamangaza ukuthi iSilo uLobhengula sasiwazonda amaNgisi singafuni nokubona lapho ehambe khona ,kodwa uyise uMzilikazi yena wayewakhonze kakhulu. ISilo uMzilikazi sawathanda ngesizathu sokuthi sasikhonze kakhulu uMfundisi uRobert Moffart owayenguMngisi eluqhamukise eScotland . Amabhunu sasiwanyanyisa okwendle! ISilo uLobhengula sona amabhunu sasiwakhonze kakhulu kangangokuthi yiwona asifundisa ukusebenzisa induku yamagwala. ISigwagwagwa sadala umunyu esizweni saBathwakazi mhla ibambene phezulu empini eyalwa izikhawu ezine ngowe 1893. Isikhawu sokuqala salwa enqabeni yamaNgisi i-Fort Victoria nosekuyiMasvingo khona namuhla. Impi

error: Akuvumelekile lokho !!