Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

UNdunankulu uMankulumana kaSomaphunga

Awu sukanini madoda nango-ke u-Mankulumana kaSomphunga Ndwandwe uPrime Minister (uNdunankulu) wakwaZulu ngesikhathi seNgonyama u-Mamonga woSuthu.   Kulesi sithombe simbona ekakwe izinduna zaseMkhontweni. Leli qhawe lalibuthelwe ebuthweni uMbonambi onduku zibomvu igazi. Labuthwa ngesikhathi seNg... qhubeka ufunde »

UNgoza ka Ludaba Majozi 

  Nango-ke u-Ngoza Majozi owabe eyinduna yePhumalimi u-Somtswewu kaSonzica Majozi . Waqala ukuba induna kaSomtswewu kusukela ngemuva kwempi yaseNdondakusuka. ENdondakusuka wayelwe ngasohlangothini loMntwana u-Mbuyazwe nokwathi ngemuva kokunqotshwa kwakhe wazimbandakanya namaPhumalimi. Ibutho likaNgoza kwakuyiHlaba . Babili oNgoza emlandwini wakwaZulu,kukhona uNgoza kaMkhubuleli waseBathenjini kanye noNgoza kaLudaba wakwaMajozi. Uyise uLudaba wayenguMalume kaNyathi Mabaso ,ingakho ezibongweni zikaNyathi Mabaso kukhona umugqa othi ‘INyathi emnyama kaLudaba’.. ESandlwana lensizwa yalwa ngasohlangothini lwaMaNgisi . Abanye abalwa ngasohlangothini lwamaNgisi inkosi uGabangaye Mchunu ,inkosi uNdabayakhe Zuma namanye amakhosi.

Isibhamu sohlobo lweSigwagwagwa esenziwa amaNgisi 

Nanso-ke iSigwagwagwa uhlobo lwesibhamu olwenziwa amaNgisi ngowe 1888 ,lwasetshenziswa okokuqala ngqa empini yamaNgisi noMthwakazi ngowe 1893. (IMaxim Gun 37mm(ebuye yaziwe ngeSigwagwagwa )     ISigwagwagwa ngesiZulu saphesheya sibizwa ngokuthi yiMaxim Gun (37mm). UMthwakazi isizwe esakhiwa iqhawe lakwaKhumalo uMzilikazi kaMashobana kaZikode kaMkhatshwa kaKhumalo kaMntungwa . Lesi sizwe namuhla sitholakala eNingizimu yezwe laseZimbabwe . Sinomhlaba ongama 48 000 000 acres kanti abantu bona bangama 7 million . Ngesikhathi amaNgisi akha lolu hlobo lwesibhamu uMthwakazi wawubuswa indodana yeSilo uMzilikazi iSilo uLobhengula Khumalo. Kuyamangaza ukuthi iSilo uLobhengula sasiwazonda amaNgisi singafuni nokubona lapho ehambe khona ,kodwa uyise uMzilikazi yena wayewakhonze kakhulu. ISilo uMzilikazi sawathanda ngesizathu sokuthi sasikhonze kakhulu uMfundisi uRobert Moffart owayenguMngisi eluqhamukise eScotland . Amabhunu sasiwanyanyisa okwendle! ISilo uLobhengula sona amabhunu sasiwakhonze kakhulu kangangokuthi yiwona asifundisa ukusebenzisa induku yamagwala. ISigwagwagwa sadala umunyu esizweni saBathwakazi mhla ibambene phezulu empini eyalwa izikhawu ezine ngowe 1893. Isikhawu sokuqala salwa enqabeni yamaNgisi i-Fort Victoria nosekuyiMasvingo khona namuhla. Impi

UHarriette Emily Dlwedlwe Colonso (uMngane weSilo uDinuzulu) 

  Awu sukanini madoda nanso-ke indodakazi kaMfundisi uJohn William Coleso uHarriette Emily Coleso owabe engumngane omkhulu weSilo sasoSuthu iSilo uDinuzulu kaCetshwayo . Empeleni wonke nje umndeni wakwaColeso wawuyikhonze kabi iNdlunkulu yakwaZulu ikakhulukazi ngesikhathi seziNgonyama oCetshwayo noDinuzulu. UMfundisi uJohn William Colenso uyena okwaqanjwa ngaye idolobha laseKholeso . UHarriette Colenso wayezalelwe kwelaMangisi nokuyilapho umndeni wakhe wawuqhamuke khona . Wayezalwe ngowe 1847 ,washona ngowe 1932 nokuchaza ukuthi washona eseneminyaka engama 85 . Le ntokazi yakwaColenso yawa ivuka neSilo uDinizulu ngenkathi amaNgisi akubo esihlukumeza ,esibopha esivalela ejele singone lutho . Yiyona lentokazi kanye neNdlovukazi yaseNyokeni uNomvimbi Msweli abaqoqa imali yolukhulula iNgonyama uMamonga ngenkathi iboshiwe . Ayigcinanga lapho yaqhubeka yaloba nezincwazi izilobela umbuso waMaNgisi eNgilandi ku21 Dowinings Street ikhalaza ngokuhlukunyezwa kweNgonyama uMamonga woSuthu . Le ntokazi uHarriette yayisondelene kakhulu neNdlunkulu yakwaZulu ,isondelene futhi noNdunankulu uMankulumana owake waboshwa neSilo uMamonga.   INgonyama uMamonga nayo yabe iyikhonze kakhulu le ntokazi yamaNgisi kangangokuthi yaze yetha noMntwana uPhikisile Harriette

INkosi uMtubatuba yaBakhwanazi 

  Nanso-ke iNkosi u-Mtubatuba yaBaKhwanazi . Ibutho layo kwakuwuFalaza ,kanti elikayise u-Somkhele kwakungaMamboza/uThulwane . NgokweZazimlando kuthiwa ayikho inkosi eyabusa kahle abantu bayo njengeNkosi u-Mtubatuba . Kuthiwa yayidume ngokwephana,inogazi kubantu bayo futhi icebe kakhulu inezinkomo ezibulala inyoka,uchibidolo uqobo . Kanti kwake kwaba khona isikhathi lapho inkosi u-Mtubatuba yafuna ukuthenga khona isitimela kodwa abelungu badlala ngayo ,bamane beyishonisa lena nalena . Kuthiwa kwakuthi nxa isigebengu sonile esikhundleni sokuthi isijezise yona yayivele isixoshise ngomhlambi wezithole nenkunzi yazo bese ithi esigebengwini ‘Nazi izinkomo ungaphinde futhi wone’ . Kuthiwa kwathi ngenkathi kuzokwakhiwa kabusha isikole sokuqala kwaZulu.     Inkosi u-Mtubatuba ka Somkhele (esesithombeni)     Amazimtoti asasishe sangqongqa kwacelwa abantu ukuba baqoqe imali yokwakha leso sikole. Kwakukhishwa u25p umuntu emunye kodwa yona inkosi u-Mtubatuba yavele yadedela ikhulu lezinkomo . Isikole Amanzimtoti manje sibizwa ngokuthi yiAdams College .Inkosi u-Mtubatuba yabusela emzini kayise wakwaNomathiya nokwathi ngokuhamba kwesikhathi waguqulwa igama wabizwa ngokuthi kukwaNkomokayixoshwa ngesizathu sokuthi kwakuthi uma inkomo

Umlando ngoMntwana uBhokwe kaZibhebhu Zulu 

Incazelo ngeKlwa 

     

Uhla lwezibongo ezaqambeka ngamagama abantu

Uhla lwezibongo ezaqambeka ngamagama abantu(ucwaningo olusaqhubeka) Kuloba INtungwa lasenhla kwaSokhumalo: MTHETHWA UMthethwa kwakuyindodana ka Nyambose kaKhubazi . UMthethwa wayebuye abizwe ngoMbekane .Yena wazala uNdunakazi owayebuye aziwe ngelikaNdlovu kepha ongeyena oKhokho wabakwaNdlovu . UNdun... qhubeka ufunde »

Izisho nezincazelo

1 .Ukuzithela kumalunda uzichome Lesi sisho sichaza ukuphaka impi noma ukuphuma uyolwa ngethemba lokuthi uyofike udle umhlanganiso kulowo osuke uyolwa naye, bese leso sitha sakho sizilwela ,nishayane nize nibukane , noma ugcine kuhlehle wena ophake impiĀ  Ukuzithela kumalunda uzichome -ke lokho . Is... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!