INdlovukazi uNomvimbi Mzimela (uNina weSilo uDinuzulu)
ISilo uDinuzulu saqala ukubusa sineminyaka eyi 16 ubudala . Ngakho-ke kwadingeka ukuba sithole izeluleko nokwesekwa unina uNomvimbi Mzimela .Nempela uNomvimbi wayeseka indodana yakhe ewa evuka nayo . Kwathi nangenkathi iSilo uDinuzulu sidingisiwe eSt Helena iNdlovukazi uNomvimbi kanye noyise beSilo oShingana noNdabuko baqoqa imali engangoPondo abayi 18 ngenhloso yokuyokhulula iSilo uDinuzulu . Kwahamba kwahamba nabo oYise bagcina bedingiselwe khona eSt Helena . Ngakho-ke kwaba yiNkosikazi okaMsweli okwakubikwa kuye okwakwenzeka kwaZULU ngenkathi iSilo uDinuzulu noYise baso bedingiselwe eSt Helena . Ngamanye amazwi iNdlovukazi okaMsweli yiyona eyayibusa esifundeni sasoSuthu ngokugcwele kusukela ngoNhlangulana ka1888 kwaze kwaba sekubuyeni kwaso iSilo uDinuzulu ngowe 1898. Ezinye izingane zeNdlovukazi uNomvimbi kwakungo Beyisile , uSililo , uSiyela , uSimiso , uSiyela , uNomadlambi, kanye noSabhede . Izintombi zodwa .
USomakoyisa
Owakoyis’abafazi namadoda!
USonkosi nene!
Inkosi yomfazi!
USisu sinesono
KwabakwaZulu
Phakathi koSuthu noMbelebele.
UMfaki wathusi
Ongalifakiyo uzolihawukela
UMginqika njengebhece
UNgqukumbana uyazihluph’izinqola
namakalishi
UMcabe wezikhombo
Engasekuyizikuzihlala
Ziyakuhlalwa nguKwitshi kaMthombeni
UNyoni zakhal’ekuseni kuDlova kaVubela
Izinkomo zayithwal’imilenze
UMqhathi wempi ebiyesatshwa uZulu
Ibiyesatshwa uSikhobo
Ezalwa uMabhabhakazana ebaQulusini
Yesatshwa uMagunya kaNtanjana ebaQulusini
Yesatshwa uSithambi kaMasiphula kubaQulusi
Yesatshwa uNdabankulu kaLukwazi
Yesatshwa uMankulumana kaSomaphunga
INdlovukazi iyesabeka
Ngokuziyela empini
Yesatshwa yizinduna zakwaZulu
Sibonge umlando omuhle kangaka; yendela nini koyisemkhulu indlovukazi
Ngingasenga ezimithiyo Qhawe