Nanso-ke iNdlovukazi yabeSuthu abangabaTlokwa iNdlovukazi uMaNtantisi unina weNkosi uSekonyela wodumo lwamasongo kaSigonyela . INdlovukazi uMaNtatisi yabusa abaTlokwa ngesikhathi iLembe limatasa lihlanganisa izizwe , yabusa njengeMambabukhosi ibambele indodana yalo uSekonyela owabe esakhula . Uyise kaSekonyela iNkosi uMokotjo ka Montwedi ka Motorosi yakhothama yashiya uSekonyela esemncane, ngakho-ke uMaNtantisi waphoqeka ukuba abuse njengeBamba . Le Ndlovukazi uMaNtisi yayinesibindi esiyisimanga , amabutho ayo kuthiwa ayehleleke ngendlela eyisimanga. Akhumbuleka kahle empini eyaziwa ngokuthi “Ntwa ya Dipitsa” nokuyimpi eyabe iphakathi kwabo abaTlokwa bakaMaNtantisi nabeSuthu beNkosi uMushweshwe . Impi yenkosi uMushweshwe yatheleka eNtabazwe lapho kwakuzinze khona abaTlokwa inethemba lokuthi iyofike izidlele amahlanga, kanti qha, iyozithela kumalunda izichome . Basukuma abaTlokwa bazilwela , zanqikilana zaze zabukana , kwephuka nezinti zemikhonto kwagcina kujikijelwana ngamabhodwe . Kuyileso sizathu le mpi ibizwa ngokuthi “Ke Ntwa yaDipitsa” nokuchaza ukuthi “Impi yaMabhodwe noma Impi yeziMbiza” . Ngesilungu le mpi ibizwa ngokuthi yiBattle of Pots. INdlovukazi uMaNtantisi kwahamba kwahamba yagcina isinenduku yayo yamagwala,isigibela neNjomane. Kuthiwa yayinemba ngenhlamvu, ishaya indoda ikude le. Yayifana ncamashi noMntwana uDabulamanzi naye okwakunzima kuye ukugeja kunokunemba . Kuthiwa iNdlovukazi uMaNtantisi amabutho ayo yayiwaqinisa ngobisi lwayo, kuthiwa amabele ayo ayehlezi ephuma ubisi . Laba baTlokwa empeleni bangabakwaMolefe ngesibongo . Ulibo lwabo lude kakhulu lusuka kubaKgatla . Nabo baphuma kuyena impela uMokgatla njengabo abaKgatla .
Ake sibalamanise abaTlokwa
UMokgatla wabaKgatla wazala uLegabo owazala Pogodi owazala uBotlolo owazala Tabane owazala Kgwadi owazala uSekhukhune wokuqala .USekhukhune wokuqala wazala uMohoeshe owazala uSekhukhune wesibili owazala uMokhalaka owazala uMolefe okwaqanjwa ngaye isibongo sakwaMolefe .
UMolefe wayenamadodana amathathu nokungoMolatadi inkosana , uSebedi noSebidinyana. Uzalo lukaSebidi nokuwuzalo lwaseKhohlo yilo lolu olwagcina luzinze eNtabazwe (Harrismith) nokuwuzalo lapho kuphuma khona uSigonyela wodumo lwamasongo kaSigonyela . UZalo lweNkosana uMolatadi lona ubukhosi balo nabuya eLesotho kwelikaMushweshwe. Uzalo lukaSebidinyana lona luseNorth West . USebidi wazala uMakoro owazala uMotorosi owazala uMontwedi noMontwetsana . UMontwedi wazala oMokotjo noQoku. Abantu bakwaMokotjo baphuma kuye uMokotjo , kukhona nomdlali webhola ophuma kulo lolu zalo . KuMontwetsana kwabuye kwadaleka ubunye futhi ubukhosi nabo obabuzinze khona eNtabazwe. Inkosi eyayibusa kulobo bukhosi ngesikhathi seLembe kwakunguHanesi kaLebusa ka Montwetsana ka Motonosi. Inkosi uHanesi yake yahlaselwa yiqhawe lakwaKhumalo uMzilikazi kaMashobana owabe engenye yezinduna zeLembe ngaleso sikhathi . Kusuke kushiwo yona iNkosi uHanesi ezibongweni zeNkosi uMzilikazi uma kuthiwa ” Inqina akhaphezwe yiMbozisamahlanga edlinza eyambhadama engaqhathile uHanesi kubeSuthu ” . Kulokho kuhlasela uMzilikazi wadla uChibidolo kaNyonikayiphumuli iningi lawo elagcina lingasafikanga kwaBulawayo esihodlweni seLembe .
Inkosi uMokotjo yiyona eyazala inkosi uSekonyela yona yazala uLeboto noLehana. Kwathi ngenkathi esekhule ngokwanele uSekonyela unina uMaNtatisi washenxa esikhundleni,kwabusa yena uSekonyela. Uyakhumbuleka uSekonyela ngenkathi entshontshe izinkomo zenkosi yaMaHlubi uLangalibalele ngesikhathi seNgonyama uDingane. Yathukuthela tathelwa ngamanzi iNgonyama uDingane ngenkathi izwa ngezindaba zokwebiwa kwezinkomo zeNkosi uLangabalele ka Mthimkhulu,yagcina ithumele amabhunu ukuba ayozilanda . Ngempela oPiet nethimba lakhe baphikelela eNtabazwe bayozilanda izinkomo. Kuthiwa bafika bephethe oZankosi bafike bakhohlisa iNkosi uSekonyela ngokuthi labo Zankosi kwakungamasongo okuhlobisa izihlakana, kanti bamshaya ngemfe iphindiwe, empeleni kwakuyisu lawo lokumbopha okaMaNtantisi. Ngempela bamubopha bahamba naye baya naye kwaZulu bayomethula eNkosini uDingane. Kuze kube namuhla oZankosi babuye baziwe ngokuthi ngangamaSongo kaSigonyela. ISilo uDingane sagcina simthethelele uSekonyela sangamubulala,kodwa izinkomo sazithatha saziphindisa eNkosini uLangalibalele. Kuthiwa ezinye zalezo zinkomo ezabe zinguNyonikayiphumuli azintshontsha amabhunu angazethula kuMbomboshe omnyama . Inkosi uSekonyela yagcina ihlaselwe okwesibili ihlaselwa yinkosi uMushweshwe yagcina ibalekile ezweni layo yaphikelela eMangaung . Imbijana yabantu bayo basala bebuswa nguHlubi umnawa weNkosi uSekonyela owabe ezalwa nguyise omncane uMmotha . Kwathi ngesikhathi sikaJininindi omnyama amaNgisi asikela inkosi uHlubi kaMmotha indawo yokwakha eSinquthu seSilo uJininindi ngenhloso yokuphazamisa iMbuso weSilo uJininindi . Inkosi uHlubi yaba ngenye yamakhosi ayeyizimaku zamaNgisi , yayisebenza kanye nezinye izimaku zamaNgisi ezifana nenkosi uZibhebhu kaMaphitha ,uMntwana uHhamu kaMpande(kaNzibe) , inkosi uYamela kaPhangandawo Shange , uNgoza kaLudaba Majozi nabanye . Zonke izimaku zamaNgisi zazihlonyiswa ezibhamu zihlonyiswa amaNgisi . Ubukhosi bukaHlubi wayeyiKhohlo kwaMolefe namanje busekhona eNquthu .
Inkosi uSekonyela ngaphambi kokuba ihlaselwe yinkosi uMushweshwe nayo yake yahlaselwa inkosi uMzilikazi ngenkathi inkosi uMzilikazi yakha uMbuso wayo wabeThwakazi . Kulokho kuhlaselwa impi kaMthwakazi yathumba umhlambi wezinkomo kanye nabantu . Labo bantu uzalo lwabo lusatholakala nanamuhla kwaMthwakazi ize lungasasikhulumi isiSuthu ,kodwa lusekhona.
Liyavela igama lenkosi uSekonyela ezibongweni zeSilo uMzilikazi uma kuthiwa ” INhlikinhlikane yenhlinini yebhidi elimathetha ,lisobozele uSigonyela ezwa kuMaNtantisi, lasobozela uSibeko ezwa kuBaNgwaketsi “
USibeko okukhulunywa ngaye inkosi uSebego yabaTswana bohlobo lwabaNgwaketsi . Nasiya isizwe endaweni yaseKanye eBotswana.
Khumu!
Kulobe u-Kholo Khumalo INxazonke