AbakwaGama eMalawi,Zambia,Zimbabwe naseTanzania

UShephered Bushiri

AbakwaGama eMalawi,Zambia,Zimbabwe naseTanzania

Nina abeNgodlamkhonto yakithi oPhindweni ithi yiwona onguMama,yiwona onguBaba,yiwona oyongilamulela!UKhawuleza Nkume yoHlanga iyasha imizi emaphethelweni!Inkosi uMalandela leyo,inkosi yakithi kwaNkomonye.Nina beSilo le ndoda eniyibona esithombeni uShephered Bushiri igama layo.Igama layo langempela uChipiliro Gama.UChipiliro igama lesiChewa elichaza ukuphikelela phecelezi “perseverance”.Le ndoda inguMzukulwana ka Zulu Gama owabe enguNdunankulu wenkosi uZwangendaba ka Hlatshwayo Jele.UZwangendaba wayesuke eHluhluwe ebalekela ulaka lweLembe ngemuva kokwehlulwa kwenkosi uZwide ihlulwa yiSilo uShaka wabaleka waphikelela enyakatho,wagcina esezakhele isizwe sakhe esikhulu.Izwe lakhe ngaphambi kokuklaywa kwemingcele iklaywa ngamaPhumalimi lalisuka eMpumalanga yezwe laseZambia ngakoChipata lihambe njalo ledlule ngasenyakatho yezwe laseMalawi endaweni ebizwa ngokuthi kuseMzimba,lihambe njalo lize liyongena lapho sekuseTanzania khona, esifundeni saseMatema.ISigodlo sakhe kuleya ndawo yaseTanzania sasakhe ngaseGqumeni iTongola Hill buqamama nezwe laBafipa kwazise vele nabo aBafipa wayesebanqobile esedle nezwe labo.UZwangendaba wayeyibambe ngasohlangothi lwenkosi uZwide,ehola ibutho laMaphela lakwaNdwandwe.UZulu Gama nguyena owabe enguNdunankulu wakhe ebuye ahole nabantu bakwaGama esibathola namuhla bethe chithi saka emazweni afana nayo iMalawi,Zimbabwe,Zambia kanye naseTanzania.EMalawi naseTanzania kukhona nabantu bakwaKhumalo njengoba sibona kukhona nomdlali weBhola waseMalawi u-Irene Khumalo odlalela iqembu lesizwe lamantombazana.Ngokomlando obhalwe phansi kuthiwa abantu bakwaGama baphuma kuMalangeni wakwaDlalami anobukhosi obukhulu eSwazini.

Khumu!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo