Izibongo zenkosi uZwide ka Langa Ndwandwe
UZwide ka Langa,
UNonkokhel’abantu bahlatshwe,
Kuhlatshw’iminyango enesisila,
Yena bangamhlabi.
Ezendleleni ufana nayiphi na?
Ufana nevundlayo.
Emithini lapha ufana namuphi na?
Ufana noMnyamathi.
Ezinyokeni lapha ufana nayiphi na?
Ufana neNyandezulu.
Isikhova sikaMkhonto noLanga!
UMashesh’afike kuMashobana,
NoYise uLanga engazange afike.
Iqili abalihlabe lishon’ilanga,
Zingahlatshwa izibhabhayiyana.
Amakhubalo adliwa ngangubo yankomo,
Adliwa ngengubo yeNgonyama.
Izibuko elimadwal’abushelelezi,
Lishelele uMalusi waseNgoleleni,
Lashelel’uDingiswayo wasoluYengweni.
Inkosi ayiqedwa!
