Umlando ngoMussa Bin Bique owaqanjwa ngaye iMozambique
Nina abeNkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! Ngethemba nisaphila nina beSilo.Esithombeni uMussa bin Bique okwaqanjwa ngaye izwe laseMozambique,uyena owayebusa eMozambikwe engakafiki amaPhumalimi angamaPutukezi ayeholwa nguVasco Gomes de Abreu.AmaPutukezi atheleka kuleya ndawo kulandela ukuvakasha kukaVasco da Gama owavakashela iAfrika eseMazansi ngoLwezi 1497.UVasco da Gama akaze abe nguMholi wamaPutukezi.Le ndoda yomArabhu esesithombeni yayinguMhwebi phecelezi he was a Trader.Kuthiwa le ndoda yiyona eyayikhonya laphana endaweni osekuyiMozambikwe namuhla,ibusa yonke leya ndawo yakoDalagubha,Xai Xai,Sabi kanye nazo zonke izindawo zaseMozambikwe.Kuthiwa yayicebile le ndoda iwuphethe umnotho.Ingcebo yayo yayiyakhe ngokuhweba ngezimpondo zeziNdlovu ,kuthiwa yayibuye idayise nezinongo,usawoti kanye nokushushumbisa abantu abansundu.Okusho ukuthi yayikhohlakele.Umunye umArabhu owayemise kabi abantu abansundu endulo uSeyyid Said bin Sultan owayebusa amazwe aseMpumalanga yeAfrika ezingabala kuwo iTanzania,Kenya,Uganda, kanye namanye.Ihlalankosi lakhe lalibizwa ngokuthi kuseZanzibar okuyindawo esekhona nanamuhla,le ndawo yinhle kakhulu iheha izivakashi.Umbuso ka Seyyid Said bin Sultan wagcina uphelile uqedwa amaNgisi.Ngamafuphi amaArabhu ayemise kabi abantu abansundu lapha eAfrika ngaphambi kokuba kufike amaPhumalimi.AmaPhumalimi awuqeda wonke uMbuso wamaArabhu -aqhubeka nokuhlukumeza abantu abansundu.Kuzokhumbuleka kuthi oKhokho bethu basuka lena eKhushi besusa yiwona amaArabhu.
Khumu!
