Umlando ngesibongo sakwaSiwela
Nina abakaMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani?USomkhanda wakithi eMkhontweni okhande abezindlu nabezindlwana abezindlu bayikhexa imilomo!ISilo sakithi oSuthu leso,iSilo uDinuzulu ka Cetshwayo.Ake sibheke umlando wabantu bakwaSiwela nina beSilo,ngamafuphi nje.Abantu bakwaSiwela baphuma kubantu bakwaMazibuko.USiwela okwaqanjwa ngaye isibongo sakwaSiwela wayeyindodana yenkosi uPhuthini kaMashoba Mazibuko eyayakhe eNgcaka.USiwela wayeyinkosana yenkosi uPhuthini.Kuthiwa inkosi uPhuthini yaphila isikhathi eside kangangokuthi uSiwela wagcina eyiphoqa ukuba imsikele indawo yokwakha kanye nezinkomo.Enye ingxenye yendawo ayeyifuna kwakungeyaMaHlubi ayebuswa inkosi uLangalibalele ka Mthimkhulu.Kuzokhumbuleka ukuthi inkosi uLangalibalele yayizalwa khona kwaMazibuko izalwa uNdlunkulu wenkosi uMthimkhulu uNtambose ka Mashoba udadewabo wenkosi uPhuthini.Okusho ukuthi uSiwela wayengumzala wenkosi uLangalibalele.Kuthiwa uSiwela wazama ukudla indawo yaMaHlubi kodwa wahlaselwa wabaleka wasingisa amabombo kwaShabalala enkosini uMathe Shabalala.Udaba lukaSiwela lwagcina lubikwe eSilweni uDingane esingazange simchithele sikhathi,esasheshe sambulala.Uzalo lukaSiwela namuhla lwaziwa ngokuthi lungolwakwaSiwela.AbakwaSiwela abaseZimbabwe abanye babo baphuma kwaKhumalo,basewuzalo lukaSiwela ka Gasa owazala aMantungwa aseMaNdlovini,oNdlangamandla,oMphazima ka Langa.Abanye oSiwela abaseZimbabwe akubona abakwaKhumalo,bangomunye uSiwela okuthiwa uphuma kwaSoshangane.
Khumu!
