Isibhamu sohlobo lweSigwagwagwa esenziwa amaNgisi

Nanso-ke iSigwagwagwa uhlobo lwesibhamu olwenziwa amaNgisi ngowe 1888 ,lwasetshenziswa okokuqala ngqa empini yamaNgisi noMthwakazi ngowe 1893.

(IMaxim Gun 37mm(ebuye yaziwe ngeSigwagwagwa )


 

 

ISigwagwagwa ngesiZulu saphesheya sibizwa ngokuthi yiMaxim Gun (37mm). UMthwakazi isizwe esakhiwa iqhawe lakwaKhumalo uMzilikazi kaMashobana kaZikode kaMkhatshwa kaKhumalo kaMntungwa . Lesi sizwe namuhla sitholakala eNingizimu yezwe laseZimbabwe . Sinomhlaba ongama 48 000 000 acres kanti abantu bona bangama 7 million . Ngesikhathi amaNgisi akha lolu hlobo lwesibhamu uMthwakazi wawubuswa indodana yeSilo uMzilikazi iSilo uLobhengula Khumalo. Kuyamangaza ukuthi iSilo uLobhengula sasiwazonda amaNgisi singafuni nokubona lapho ehambe khona ,kodwa uyise uMzilikazi yena wayewakhonze kakhulu. ISilo uMzilikazi sawathanda ngesizathu sokuthi sasikhonze kakhulu uMfundisi uRobert Moffart owayenguMngisi eluqhamukise eScotland . Amabhunu sasiwanyanyisa okwendle! ISilo uLobhengula sona amabhunu sasiwakhonze kakhulu kangangokuthi yiwona asifundisa ukusebenzisa induku yamagwala.
ISigwagwagwa sadala umunyu esizweni saBathwakazi mhla ibambene phezulu empini eyalwa izikhawu ezine ngowe 1893. Isikhawu sokuqala salwa enqabeni yamaNgisi i-Fort Victoria nosekuyiMasvingo khona namuhla. Impi yaBathwakazi eyabe iholwa nguMgandane kaLoyiswayo Dlodlo kanye noManyevu kaMqengana Ndiweni yathunywa yiSilo uLobhengula ukuba iyolanda izinkomo ezazebiwe amaNgisi , kanti iyozithela kumalunda izichome kweyaMangisi . UMqengana wabe eyiNduna yaseMadibeni. Isikhawu sesibili kwaba yimpi yaseLalaphansi nokuseyimpi eyodwa neyakwaBhonko. Esesithathu kwaba yimpi yaseGadade nokuseyimpi eyodwa neyaseMbembesi . Esokigcina kwaba yimpi yasePupu nokuyimpi lapho kwanyamalala khona iNkosi uLobhengula waMawaba.
#Khumu !

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo