UNgoza ka Ludaba Majozi

 

Nango-ke u-Ngoza Majozi owabe eyinduna yePhumalimi u-Somtswewu kaSonzica Majozi . Waqala ukuba induna kaSomtswewu kusukela ngemuva kwempi yaseNdondakusuka. ENdondakusuka wayelwe ngasohlangothini loMntwana u-Mbuyazwe nokwathi ngemuva kokunqotshwa kwakhe wazimbandakanya namaPhumalimi. Ibutho likaNgoza kwakuyiHlaba . Babili oNgoza emlandwini wakwaZulu,kukhona uNgoza kaMkhubuleli waseBathenjini kanye noNgoza kaLudaba wakwaMajozi. Uyise uLudaba wayenguMalume kaNyathi Mabaso ,ingakho ezibongweni zikaNyathi Mabaso kukhona umugqa othi ‘INyathi emnyama kaLudaba’.. ESandlwana lensizwa yalwa ngasohlangothini lwaMaNgisi . Abanye abalwa ngasohlangothini lwamaNgisi inkosi uGabangaye Mchunu ,inkosi uNdabayakhe Zuma namanye amakhosi.


Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo