Umlando ngeNkosi uBhambatha Zondi

Inkosi uBhambatha kaMancinza ka Jangeni ka Magenge ka Nomashumi ka Nondaba yakwaZondi  yabe ibusa abakwaZondi eMsinga ngowe 1905 . Inkosi uBhambatha yaqhopha umlando ngenkathi kuliwa impi yaMakhanda nokuyimpi eyalwa ngowe 1906. Le mpi yabe iphakathi kwengxenye kaZulu eyabe ingahambisani nokukhokhwa kwentela kaKhandampondo. Le mpi ibuye yaziwe ngokuthi yimpi kaBhambatha noma yimpi kaKhandampondo . Le ngxenye kaZulu yalwa namaNgisi ngendlela esingayichaza ngokuthi yayiwubushokobezi ngoba yayilwa ilwe ibulale amaNgisi bese ihlehla iyobhaca ehlathini laseNkandla. Le mpi kaBhambatha yaqanjwa ngaye uBhambatha ngoba wayengomunye ababehamba phambili ekuholeni le mpi ka Bhambatha noma impi yaMakhanda  . Omunye owahamba phambili yinkosi uSigananda kaZwekufa Shezi . Le nsizwa yayingukaNina weLembe futhi yayikhule nalo ,yayilibone ngawenyama. Ngakho-ke yayinolwazi oluthe thuthu kwenzempi . Ngowe 1906 nokungunyaka kwalwa ngayo impi kaBhambatha inkosi uSigananda yayisineminyaka engama 99 .

Le mpi kaBhambatha yalwa ngesikhathi sokubusa kweNgonyama uDinuzulu. INgonyama uDinuzulu yayingazi lutho ngempi yaMakhanda futhi yayingahlangene nayo ize yagcina ivalelwe yona noNdunankulu wayo uMankulumana kaSomaphunga Ndwandwe beboshelwa yona le mpi kepha iNgonyama eqinisweni yayingazange iyiphake. Abantu nje abaziphakela bebodwa ngoba benyanyiswe ukuhlukunyezwa ngamaNgisi ayelokhu ebahlukumeze njalo .
Abantu babenyanyiswe kakhulu isimemezelo sikaNgqongqoshe wezezimali (Minister of Finance) kaHulumeni wamaNgisi wangaleso sikhathi uCharles Smythe owayememezele ukuthi uZulu kwakudingeka akhokhe imali yentela ewu R2 wangaleso sikhathi indoda iyinye . Eqinisweni le ntela yayizoba eyesithathu ngoba ngoba uZulu wayezevele ekhokha intela yelawu nenja ngayinye. UHulumeni wamaNgisi wawudinga ukwenza imali ngendlela eyayishesha ngoba ngonyaka owandulela  impi kaBhambatha nokungunyaka we 1905 kwakune imvula eyayiphelezelwa isiqhotho yakhukhula wonke amabele nazo zonke izitshalo emasimini ikhakuljkazj kwawamaNgisi . Ngakho-ke uNgqongqoshe uCharles kwakundingeka ukuba aqhamuke nesu lokwenza imali ngokushesha . Wase eqhamuka nalelo elalizoqola uZulu ,kanti lizogcina libe yimbangela yempi kaBhambatha noma ngithi eyaMakhanda .
Wathukuthela wathelwa ngamanzi uBhambatha ngankathi ezwa ngaleso simemezelo sikaCharles. Wayengayedwa wayenamanye amaqhawe esingabala kuwo inkosi uSigananda , iNgobamakhosi uMehlokazulu kaSihayo Ngobese ,uMntwana uMbilini waseSwazini ,uChakijana kaGezindaka Sithole nabanye . Inkosi uSgananda noMehlokazulu kanye noMntwana uMbilini babewazonda ukufa amaNgisi ,futhi babelwe ngobukhulu ubuqhawe eSandlwana lapho uZulu azidlela khona amahlanga emaNgisini ngoMasingana ngowe 1879. Kwakusabusa iNgonyama uCetshwayo kaMpande ngaleso sikhathi .
Lempi kaBhambatha nozakwabo yaliwa ngobushokobezi njengoba besengishilo ngaphambilini. Kwahamba kwahamba inkosi uSigananda yabanjwa ibanjwa ngamaNgisi ,ayihlukumeza kakhulu ngaphambi kokuba ayivalele ejele laseNyukhasela . Kwenzeka isimanga ngenkathi inkosi uSigananda ivalelwe , yavuka ikhotheme ngobusuku obabandulela usuku eyayizolengiswa ngalo . Akwaziwa ukuthi kwaba yini imbangela yokukhothama kwayo.
Impi kaBhambatha nayo njengeyaseSandlwana yayande kakhulu amabhuka ayelwa ngasohlangothinj lwamaNgisi . Kulawo mambuka singabala uSilwane kaGabangaye kaPhakade Mchunu uyise uGabangaye wayesale kweyaseSandlwana ethwa phansi izinsizwa zakwaZulu ngoba yena wayevive kweyamaNgisi . Amanye amambuka kwakungoNongenjeni Zuma umfowabo omcane wenkosi uNdabayakhe Zuma ,inkosi uNjengabantu ka Sobuzwa ka Myoli ka Nyoniyezwe kaMawele ka Somahhashi ka Matomela ka Ndlovu ka Ngcukumane ka Myaluza ka Ngubane naye yabamba elikhulu iqhaza empini kaBhambatha ilekelela amaNgisi. Ziningi izizwe ezelekela amaNgisi ,singabaka esakwaMajozi ,Shange nezinye
Inkosi uBhambatha yayingumshana waseMachunwini ,yayizalwa yindodakazi yenkosi uPhakade Mchunu . Ingakho ezibongweni zayo kune zinhlamvu ezithi ‘ uSephula mithi iphekiwe endlini kwabo kwaMaPhakade’

Akwaziwa ukuthi yaphelelaphi inkosi uBhambatha ngoba yavele yanyamalala ngemuva kwempi kaBhambatha . AmaNgisi akhipha umkomelo omkhulukazi owawuyonikwa lowo owayeyosho lapho kwakubhace khona inkosi uBhambatha kodwa kwanhlanga zemuka nomoya. Iqhawe lakwaNgobese uMehlokazulu owabe eyibutho le Ngobamakhosi yena wasala kweyaseMome nokuyingxenye noma ngithi isikhawu sokugcina sempi kaBhambatha ngawo owe 1906


Izibongo zenkosi u-Bhambatha kaMancinza.

UBhambatha imihlane yamagwala
Ulanga libomvu phuma sikothe
Kade sikothela kude emafini
Ubuhwanqa badabuka nenhliziyo
Obunye ubuhwanqa buduke nemizimba
Usephula mithi endlini kwabo kwaMaPhakade
Umdludl’odl’izinkomo zikaVoyizana eMgungundlovu
Umagaduzel’owabonel’empunzini
Usibhekuza siliqhina sibhekuzela uDlovunga eMgungundlovana
Umdabu zehla ngamasamaniso kuMkhalana eMgungundlovana
Ubheshu libomvu liyazenza izindaba
Kade liwenzela amabandla namabandlana
NoNyoniyezwe limenzele
NoGayedwa limenzele
NoDlovungama Mhlophe limenzele
Usifukufuku silukhakhayi lwengane yakwamf’ofelwayo
Eth’izalwa kwakubikwa kuthiwa
Ukhakhayi lushona phakathi
Bayifunela amaqanda ezintshe noNhlangumhloshana
Umakhathakhatha emgugudu
Umanzi amanyama elangeni
Phuma langa sikothe kade sikhothela kude
Usidlundlulu singankomo
Ithwele amanzi ekhanda
#Ulibinda Nkosi

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo