UNdunankulu uMankulumana kaSomaphunga

Awu sukanini madoda nango-ke u-Mankulumana kaSomphunga Ndwandwe uPrime Minister (uNdunankulu) wakwaZulu ngesikhathi seNgonyama u-Mamonga woSuthu.

 


Kulesi sithombe simbona ekakwe izinduna zaseMkhontweni. Leli qhawe lalibuthelwe ebuthweni uMbonambi onduku zibomvu igazi. Labuthwa ngesikhathi seNgonyama u-Mdayi. Leli qhawe laba uNdunankulu wakwaZulu ngesikhathi seNgonyama u-Mamonga woSuthu. Lawa livuka noMamonga , ehlukunyezwa ngamaNgisi nalo lalilokhu liseduze kwakhe limeseke njalo. Kwathi ngemuva kwempi yaMakhanda iSilo u-Mamonga noNdunankulu waso u-Mankulumana baboshwa beboshelwa icala lokuvukela umbuso . Kwathi lapho umngane weSilo u-Mamonga uNkosikazi Harriette Colenso (umNgisi) eseqoqe imali eyayingompondo abalishumi yokukhipha u-Mankulumana wanqaba u-Mankulumana wathi angeke aphume ejele ashiye iNgonyama yakhe ibhadla ejele . Kanti nangempi yaseSandlwana walwa ngokuzikhandla u-Mankulumana esiyisekela likaNtshingwayo kaMahole ekididiyeleni impi kaZulu. UNkosikazi Harriette wayebathanda kabi abantu abakwaZulu ,eyithanda iNgonyama u-Dinuzulu futhi nayo imthanda imazisa kakhulu kangangokuthi yaze yetha indodakazi yayo uMntwana u-Phikisile Harriette Zulu ngaye(u-Harriette Colenso) . UMntwna u-Phikisile wagana iNgcithabuchopho yakwaSeme uDokotela Pixly ka-Isaka Seme wayefunde eMelika eNyuvesi yaseKholombiya. UMntwana u-Phikisile wayezalwa uNdlunkulu u-Mahambogwini kaHlokolo Ndwandwe.
Enye yamadoda kaSomaphunga nguMgojana (iMfakuceba) owayeganwe uMntwana u-Mbixambixa kaMpande . Kwahamba kwahamba uMgojana wamlaxaza uMntwana u-Mbixambixa wayozimbandakanya noMandlakazi ngesikhathi uMntwana u-Zibhebhu emise kabi uSuthu. UMgojana wasala empini yakwaNdunu ngoNhlangulana 1888. .
Khum

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo