Incazelo ngeKlwa

 

 

Incazelo ngeKlwa:
IKlwa uhlobo lomkhonto osetshenziswa ukugwaza mahlanze. Ukudla kweKlwa kude ,kanti uthi lwalo lufushane . Lolu hlobo lomkhonto lubuye lwaziwe ngokuthi ‘yijozi’.
Incazelo esayithola ngaphambilini ithi iKlwa laqalwa iSilo sakwaDukuza iSilo uShaka ngenkathi sihlanganisa izizwe. Yebo iSilo uShaka saqala indlela yokulwa ngomkhonto owodwa nokuwukulwa ngalo iKlwa kodwa asiliqalanga iKlwa. IKlwa lalikade livele likhona ngaphambi kokuba uDlungwane kaNdaba aqale umkhankaso wakhe wokuhlanganisa izizwe zibe isizwe esisodwa . Zonke nje izikhali zazikhona ngaphambi kokuba iLembe liqale umkhankaso walo . Kulezo zikhali singabala izinhlendla , izagila, kanye nayo yonke inhlobo yemikhonto ngoba phela imikhonto le izinhlobohlobo. Kukhona iKlwa elibuye libizwe ngeJozi,kukhona iMpondo, iKhebezane,iNhl
ekwane,iSwazi njalo njalo .
Ngaphambi kokuba iLembe liqale umsebenzi walo imikhonto yayisetshenziswa kakhulu ekuzingeleni ,nasekuphathweni nje izinsizwa ngenhloso yokuzivikela ezilwaneni zasendle eziyingozi. Nesingabala kuzo izingwe amabhubesi nezinye. Empeleni kwakungaliwa nokuliwa kudala . Inkosi uNdaba eyaqala ukubutha amabutho ngenhloso yokuvikela isizwe sayo ezitheni. Ibutho layo eyalibutha kuqala lalaziwa ngokuthi ‘AMaNkankane’ . Yabuye yabutha elinye elalibizwa ngokuthi ‘uGwadle’ . INkosi uNdaba yasheshe yabona ukuthi isizwe sayo sasidinga ukuvikeleka ezitheni,yase ibutha amabutho. Kuthiwa yayihlakaniphile iNkosi uNdaba hhayi kancane. Nginesiqiniseko sokuthi iLembe lalifuze yona.
ILembe lona laqala indlela yokulwa ngeKlwa,aliqalanga iKlwa . Ubufakazi ubuqanda ikhanda wukuthi ezibongweni zeNkosi uJama kaNdaba nokwabe kunguMkhulu weLembe liyavela igama leKlwa uma kuthiwa ‘ Thina abamaKlwa siyothatha ichoba silole,……ziqhubeka zithi ‘uMabopha wakithi kwaZwangendaba ,ongibophe zabuya inhlazane’.
Obunye ubufakazi obuqanda ikhanda wukuthi omunye wodadewabo beLembe kwakunguNomaklwa igama lakhe. UMntwana uNomaklwa wayezalwa iNdlovukazi uMehlana kaNtopho Ntshangase.
Lendlela yokulwa ngeKlwa yagcina isilandelwa ngamanye amaqhawe afana nawawo Zwangendaba Jele,Mzilikazi Khumalo,Nxaba Msane,Sibindwane Mofokeng , Soshangana Nxumalo namanye . Lena kwaSoshangana nakwaMzilikazi igama leKlwa kwahamba kwahamba lagcina lishintshiwe ,kwathiwa ‘uMdikadika’
# Khumu!

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo