UHarriette Emily Dlwedlwe Colonso (uMngane weSilo uDinuzulu)

 

Awu sukanini madoda nanso-ke indodakazi kaMfundisi uJohn William Coleso uHarriette Emily Coleso owabe engumngane omkhulu weSilo sasoSuthu iSilo uDinuzulu kaCetshwayo . Empeleni wonke nje umndeni wakwaColeso wawuyikhonze kabi iNdlunkulu yakwaZulu ikakhulukazi ngesikhathi seziNgonyama oCetshwayo noDinuzulu.
UMfundisi uJohn William Colenso uyena okwaqanjwa ngaye idolobha laseKholeso .
UHarriette Colenso wayezalelwe kwelaMangisi nokuyilapho umndeni wakhe wawuqhamuke khona . Wayezalwe ngowe 1847 ,washona ngowe 1932 nokuchaza ukuthi washona eseneminyaka engama 85 . Le ntokazi yakwaColenso yawa ivuka neSilo uDinizulu ngenkathi amaNgisi akubo esihlukumeza ,esibopha esivalela ejele singone lutho . Yiyona lentokazi kanye neNdlovukazi yaseNyokeni uNomvimbi Msweli abaqoqa imali yolukhulula iNgonyama uMamonga ngenkathi iboshiwe . Ayigcinanga lapho yaqhubeka yaloba nezincwazi izilobela umbuso waMaNgisi eNgilandi ku21 Dowinings Street ikhalaza ngokuhlukunyezwa kweNgonyama uMamonga woSuthu . Le ntokazi uHarriette yayisondelene kakhulu neNdlunkulu yakwaZulu ,isondelene futhi noNdunankulu uMankulumana owake waboshwa neSilo uMamonga.

 

INgonyama uMamonga nayo yabe iyikhonze kakhulu le ntokazi yamaNgisi kangangokuthi yaze yetha noMntwana uPhikisile Harriette kaDinuzulu igama lika’Harriette’ . UMntwana uPhikisile wayezalwa uNdlunkulu uMahombogwini kaHlokolo Ndwandwe. UHlokolo wayengumnawakhe kaNdunankulu uMankulumana bezalwa uSomaphunga Ndwandwe . Ibutho lakhe kwakunguMbonambi onduku zimbomvu igazi. Enye ingane kaSomaphunga kwakunguMgojana ibutho lakhe okwakuyiMfakuceba . UMgojana waganwa uMntwana uMbixambixa . Wasala empini yakwaNdunu nokwabe kuyiphi eyayiphakathi koSuthu noMandlakazi .UHlokolo wasala eSandlwana evikela uMbuso kaZulu ngesikhathi seNgonyama uCetshwayo . ESandlwana uZulu wadla umhlanganiso ,wawanqoba amaNgisi ize amaNgisi ayemaningi ngesibalo ngoba impi yawo yayimbandakanya neyamambuka . Enye inkosi ensundu eyanqoba amaNgisi inkosi uSekhukhune kaSikwata yabaPedi eyawanqoba ngowe 1876 ,yawanqoba impela amahlandla amaningana.Kwenye yezimpi yawanqoba eyihlanganyele namaBhunu kanye nezinye izizwe zabansundu. Kodwa ngesizathu sokuthi impi yenkosi uSekhukhune ayizange ithumbe lutho enkanjini yamaNgisi ukunqoba kwayo akuzange kuqoshwe ezincwadini zamaJiniyazi Lekhodi . UZulu yena wathumba enkanjini yamaNgisi wadla izinkomo ugologo ,ubucwebe ,imigexo nokunye .
UMntwana uPhikisile Harriette Zulu wagana iNgcithabuchopho yabaSweli uDokotela Pixly ka-Isaka Seme . Umfoka Seme wayefunde kakhulu ,wafunda naphesheya eMelika . Wawusebenzela ngokuzikhandla uMbuso kaZulu. Le nkosazana amaZulu ayeyibiza ngokuthi inguDlwedlwe

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo