Latha

UMlando wabantu bakwaDlamini [oLatha]

 

-Kubhala uDlamini Latha Elias Mziwenhlanhla :-


 

 

AbakwaDlamini babizwa ngokuthi ngaBeNguni baseMbo. Abantu bakwaDlamini bahlakazeke izwe lonke lakwaZulu ,kuze kuyoshaya kwelakwaXhosa ,naseZimbabwe imbala .Angisakhulumi ngelakwaNgwane ngoba ubukhosi baseSwazini busezandleni zabantu bakwaDlamini [AMalangeni ]Ngendlela abasabalele ngayo abantu bakwaDlamini umuntu uze acabange ukuthi laba bantu kabahlobene nakancane, kanti kakunjalo. Ngempela abanye baze bawele kulesilingo sokuthi bathathane. Kodwa inye into abayiqhakambisa kakhulu abantu bakwaDlamini, yizithopho zabo(okungamaga
ma oyisemkhulu). Ngingabala nje ngoDlamini Nkosi, Mlangeni, Lusibalukhulu, Malandela, Mzizi(amaZizi), Jama, kanjalo noSijadu,Latha kanye noNyanya. Abanye basebenzisa konke lokhu esengikubalile bekhohlwa ukuthi bangoDlamini.
Izindlu zakwaDlamini zinamagama. Kukhona eKunene, ESiphahleni, EMakhuzeni kanye neNhlangwini. Indlu kaLatha ingeyasePhangwe
ni.
1.Inkosi u-Mashwabada [umzukulu kaLatha
]Umashwabada owashwabadel’ idlebe lendlovu kwafaneleka]
2.Inkosi u Jokozela
[umagwaz’aqephuke njengempongwana]
UJokozela uzale uMphahlwa ,uNodela kanye noKhonlo .UKhondlo yena uzale uCwazibe noMaweni
3.Inkosi u-Mpahlwa kaJokozela
Izibongo zayo :-
Mphahlwa Dlamini
U Mphahlwa ophahlwe yizizwe zonke
U Nomagushede kaNomaguma
Umzaca wakithi kwaLatha onobumbu onobuphululi,
Ushaye amanzi kwaqubukudaka, izinkomo zalala zabheka phezulu.
Uhlomane lwakithi kwaLatha
Oluthe luhlezi izihlangu lwabe luzibeke emadolweni,
Kanti lukhumbule ukuyodla izinkomo zamadoda.
Weza no Mqangazana wamshaya phansi okhalweni
Wathi, Hawu! kant’akananyongo, kanamhlwehlwe.
Weza no Sijaha wakwa Nzuza
Wamshaya phansi koludumayo
Wathi ‘Hawu ! akananyongo akanamhlwehlwe
Uhulule ngesisu kwaqubuk’ umswende, zeluk’ izinkomo zakith’ePhangweni
Ubuso benkosi yakithi baqala ukululama.
Nina bakwaNxamalala tshelan’ uZwide loyo ukuth’uMphahlwa kabafun’ abaphatha isihlangu sankomonye.
Abadli bekhokhwana bayaqubuka
Imbedle yakithi kwaLatha ebhedle imizi yamadoda- yabola.
Kwakhuza uMbhabalana wakwaMagutshwa
Wathi kahle Nkosi- ubuyikhipha nje uthi iyodl’abanjani,
Ngoba iyodla bona abansiba zibuthaka.
Iqoma lakith liyathanda ukuwasibekela amanye amaqoma, ngoba liye lasibekela
UMacingwane obezalwa eNgonyameni.
Umkhuzi wezulu eliphezulu ngoba ukhuze iNguge wakhuza eLangeni.
Ingxengengxenge likaMdluli elithe ngxenge.
Wo! uyadela wena mfazi owabona uManyelela eya empini.
Ungqwashu olumabala ayizibhadu, ayiziyinge engathi abekiwe
4…Izibongo zikaMagwetshana Dlamini
UMashub’akashubi, umashub’ozishaya ishingana
Uhoho lwakith’ ePhangweni oluzithethayo
Uxam’ odl’ umsingizana
Utho olubonwe ngabafana ekwaluseni
Ubushiqeshiqe ukuzala kwebon
5..Izibongo zikaNdukuyakhe Maqobonga Leonard Dlamini
Umagxabhagxabha wensizwa
Ulinqe lizwe ngomoya ukuthi ziyemula kwaMpumuza
Nampaya siyababona bayehla bayenyuka.
6..Izibongo zikaBalaye (Mphithizeli) Peter Elliot (Piet) Dlamini
Piti Joubert, ukhahlela mbila sidl’ifutho
Umkhenethisi, akashayi uyamosa.
Izibongo zika Mduduzi Dlamini
Incwadi yakith’ePhangweni engafundeki ehlul’ izifundiswa nabafokazana
Umaqil’ozikhiphe odakeni
Umpunyumpunyu odlubulundele kuvalwe ngemigoqwane
Unkunz’emdwayidwa, emanxebanxeba ekhale
Qede kwavungam’indlu kaMashwabada yama ngezinyawo ikhuz’umhlola ePhangweni ithi izibulo likaMaMlife lizondwa nje lenzeni.
Abebetshal’ idungamuzi ePhangweni, badumele belibona libuna
Abebemfuna phansi ezintuthwaneni basala benkemile
Ilambu lakith’ePhangweni elingenamona elikhanye qede kwagudluka ubumnyama kwavel’ukukhanya.
Amathe abuyela kwasifuba ezimfamoneni
Abamzondayo bayoze bagob’uphondo bamkhothamele ngob’uqgoke isikhumba sengwe
Izithakazelo zakwaDlamini [Latha]
Khondlo,
Maweni,
Cwazibe
Jingo
MaLatha, nina bakwaNondabesinda
Nina bakwaNtshibongo kaMsezana
Nina bakwa Mfaz’owayenamabele made
Owancelis’umntwana engaphesheya komfula
Nina bakwa nkunz’egqizamashoba kwakuhle yakhaphuzela
Nina bakwazamisumquba, zelukizinkomo esibayeni.
U-Mahleza :-
Uma sibheka izibongo zikaMahleza, kuyavela futhi kuyafakazeleka ukuthi wahamba wazewayofika kwelamaThonga.UMahleza wayehamba edayisa umentshini waze wayofika kwelamaThonga. Uyena owasabalalisa umentshisi. Abantu kade besebenzisa uzwathi. Wayehamba edayisa umentshisi mase bemnika inkomo.Waze wayofika enkosini uTembe yaze yamlobolela unkosikazi wokuqala. okwathi uma ebuya nezinkomo eziningi kanye nezingane nonkosikazi amaLatha athi cha , lona ngeke azale inkosana kwabe sekuyiwa kwaNgubane wathathelwa intombi yakhona uNomlethi. Abe eseyeyamlobolela amaLatha.
Izibongo zenkosi u-Mahleza
‘Umshosholozi aze ayobuya kwelamaThonga
Uye wakhwela ngokhalo kungolwezinkonkoni
Umhloli wezinqaba zakwaZulu
Ngoba uyewahlolela abantwana bakaMpande
Wathi izwe lizokonakala, nembala lonakala’
“Ubugwaqagwaqa bezinkomo zakith’ePhangwe
ni
Ingabe kazinadlelo nje zodlaphi ngoba zavinjelwa ezas’Ekuvukeni eMachunwini
Lezonkomo zakithi azinadlelo nje ngoba zavinjelwa ezaseMnyembezini eNgome
Lezonkomo zakithi azinadlelo nje ngoba zavinjelwa ezaseNqoleni”.
Unogagaqikili, inyamazane yakithi abayibize ngomhungo
Umshosholozi aze abuye kuMathonga
Uye wakhwela ngokhalo olungelwezinkonkoni
Umhloli wezinqaba zakwaZulu ngoba uhlolele abantwana bakaMpande wathi izwe lizokonakala nembala lonakala
Ubugwaqagwaqa bezinkomo zakithi ePhangweni,
Ukube kanti azinadlelo nje zodlaphi ngoba zavinjelwa ezas’Ekuvukeni eMachunwini.
Lezonkomo zakithi azinadlelo nje zavinjelwa ezasEmnyembezini eNgome
Lezonkomo zakithi azinadlelo nje ngoba zavinjelwa ezasEnqoleni.
Kasazi kumbe sojeza ezinduneni ko Madlebhudlebhu no Mhlohleni
Umkhangu wakithi kwaLatha ondlebe zikhanyilanga
Uphephel’enqabeni wangen’enqabeni wathi uyodl’izinkomo zamadoda.
Unogwaj’ozikhundla zibili- esokuya phambili nesokuya emuva.
Uxhakatha kancengi
Umfokantshengelesho
Ibinda !
**Umuntu owagqama kakhulu ngempi yaseNcome kwaLatha uMhlakazanhlansi . Ungumzukulu wenkosi uZulu. Uyena ke okuye kuthiwa wabaqeda abelungu ngempi yaseNcome. Okusho ukuthi ezimpini zakwaZulu amaLatha ayekhona. Empini kaBhambatha amaLatha abamba iqhaza elikhulu. Ngoba ubabamkhulu wami wazalwa ngayo . Oyise babelwa belekelela inkosi uBhambatha . Isigodi sakwaLatha sincike eduze neNgome.Sahloma salekelea inkosi uBhambatha.

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo