Izisho nezincazelo

1 .Ukuzithela kumalunda uzichome
Lesi sisho sichaza ukuphaka impi noma ukuphuma uyolwa ngethemba lokuthi uyofike udle umhlanganiso kulowo osuke uyolwa naye, bese leso sitha sakho sizilwela ,nishayane nize nibukane , noma ugcine kuhlehle wena ophake impi  Ukuzithela kumalunda uzichome -ke lokho .
Isiboniso – Izolo uMakhanda usuke ethi uyolwa noMavondo , kanti uyozithela kumalunda azichome kuMavondo   .
2.Ukuhlekisana ihlomelene .
Lesi sisho sichaza isimo lapho abantu beshaya  sengathi konke kuhamba kahle kanti phakathi kwabo kukhona othukuthelele omunye ,osambophela amaqhinga okugadla. Uyoze agadle ngelinye ilanga kube ima kucaca khona ukuthi kwakuvele kungekho ukuzwana .
Isiboniso – Kungimaze kakhulu ukwethukwa umnewethu uMbamba ngezinhlamba ezingaka,engikhumbuza ngengakwenza kuye ngaphambilini ekubeni ngangicele uxolo. Kuyacaca ukuthi ibihlekisana ihlomelene.
3.Ukufihla induku emqubeni
Lesi sisho sichaza lapho abantu esikhathini esining ababili bebophelana khona amaqhinga ngasese . Ngokuvamile lesi sisho sivame ukusebenza kakhulu kubantu abayizimbangi,ngisho nasebholeni imbala. Ebholeni-ke leyo nduku esuke ifihliwe kuvame ukuba umdlali uyingozi noma kube uhlelo noma iqhinga elinye iqembu liyosebenzisa kulowo mdlalo.
Isiboniso- Kungimangazile ukubona umgadli weNkomo FC uGodo  eqala umdlalo ekubeni iqembu lakhe belibike ukuthi akazukudlala ngenxa yokulibala .Kusobala ukuthi belifihle induku emqubeni .
5. Ukuphathisa into okwezikhali zaBeNtungwa
Lesi sisho sichaza ukuphatha kahle into ethile ,uyiphathe kahle impela hhayi ngobudedengu. Sisebenza ezintweni eziningi  ,siyasebenza nakubantu ikakhulukazi abathandanayo,siyasebenza nasemalini njalo njalo . Kuthiwa endulo aBeNtungwa babeziphatha kahle izikhali zabo ,beqinisekisa ukithi abalimazani ngazo. Akulona into ukuthi lesi sisho sakheka sokwentula izikhali kwenkosi u-Mzilikazi ngebkathi isuka kwaZulu ngemuva kwengxabano yayo neLembe. Lokho akulona iqiniso ngoba abantu baseMantungweni kwabona babengabakhandi bemikhonto . Indlu kaMtotobi kaNkumba Mabaso yiyona eyayikhandela inkosi u-Mzilikazi izikhali ngathi izinze lapho sekuseNorth West khona namuhla. Kuleyo ndawo inkosi u-Mzilikazi nesizwe sayo yazinza noma ngithi yahlala iminyaka engale kwengama 15 ilwa izimpi . Kulezo zimpi kukhona neyazilwa namabhunu kaHendrick Poitigitier ,kanti kwenye yalezo zimpi inkosi u-Mzilikazi yawanqoba amabhunu . Leyo mpi yaziwa ngokuthi yimpi yaseVegkop lapho impi yenkosi u-Mzilikazi yathumba khona izingane zamabhunu.   Yayingeke iwanqobe amabhunu ngezikhali ezishodayo. Kanti nomkhonto nawo akusona isikhali esasisetshenziswa ngabaNguni kuphela. Zaziningi izizwe ezazisebenzisa umkhonto nesingabala kuzo  isizwe sasebuPedi senkosi uThulare ,esasebuVenda senkosi uThoyando , nabeTswana nabo babesebensiza isikhali abaNguni ababesibiza ngokuthi “yiNgqamu” esikhandiswe okomkhonto . Kwakukhona nabaNguni bakwaMabhoko ababakhelene nesizwe senkosi uMzilikazi nabagcina sebengaphansi kwaso  .Labo baNguni namuhla bazibiza ngokuthi bangaMaNdebele , nasiya isizwe eMpumalanga
Isiboniso . We mntanami le mali oyinikwe nguyihlo ngicela uyiphathise okwezikhali zaBeNtungwa
6.Ukungagqizi qakala
Lesi sisho sichaza ukungabi nandaba , ukungazihluphi,ukukhombisa ukuthi into ethile ayutho kuwe iwubala nje .
Isiboniso – Kade ngangizama ukumexwayisa umfoka Ndonda ngobugebengu bakhe kodwa wakhombisa ukuthi iseluleko sami akasigqizi qakala . Bheka manje useboshiwe!
7. Ukubamba ithambo
Kuchaza ukuxhawula
Isiboniso –  We mfoka Ndwandwe ake ubambr ithambo ntanga yamashinga kade sagcinana.
8. Ukufunda kwezakho
Kuchaza ukuzibonela ukuthi izinto azimile kahle.
Isiboniso – Wathi lapho engibona uGundane wavela wabaleka . Wafunda kwezakhe ukuthi ngangimzothela umshiza ngento ayeyenze kumfowethu ngayizolo.
9.Ukufakana imilomo
Kuchaza ukuxoxa
Isiboniso – Izinsizwa zaseHostla zifakana imilomo zibonisana ngesiteleka sakusasa
10. Ukucela empunzini
Kuchaza ukubaleka
Isiboniso -UJohane uthe uma ebona ukuthi impi yakhe nabafana bakwaDlamudlumu isingenhla kwakhe wavela wacela empunzini
11.Ukufunda kwezakho
Kuchaza   ukuzibonela wena ngokwakho ukuthi izinto azimile kakhle
Isiboniso- UGundane wathi lapho ebona izinsizwa zakwaDondolo zitheleka emzini wakhe zihlomile wavele wafunda kwezakhe ukuthi zabe zize ngempi.Wase ebaleka .
12. Ukuphatha emehlweni
Kusho ukukhohlisa umuntu
Isiboniso . USobadli wathi wayethembise ukuthi uzonginika imali uma kuphela inyanga,kodwa nanku isiphele kwaze kwagamanxa enye. Kusobala ukuthi wayengiphatha emehlweni.
13.Ukuhlaba ngozipho
Ukwexwayisa umuntu ngengozi engahle imehlele
Isiboniso – UZitha wasinda  ezitheni zakhe ezazimalele uyendle ngoba ngamhlaba ngozipho.
14. Ukuza nendlebe
Ukulalela okushiwoyo
Isiboniso – Woza nendlebe wemngane wami woza nendlebe ngikoxoxele engikuzwe ngaseSitolo.
15. Ukusina ngethambo lo muntu
Kuchaza ukuhlekisa ngomunye umuntu kwabanye abantu .
Isiboniso -Uma uhamba ulokhu uxoxela abantu ngehlupheko kaSibindi, lokho kuwusina ngethambo lakhe nje.
16. Ukuthatha ngozwane
Ukuntshontsha
Isiboniso – Ungalokothi umshiye yedwa endlini yakho uVela , ngoba ungumuntu othatha ngozwane
17. Ukubamba amanzinyo
Ukuhlalela ovalweni
Isiboniso- Izingane zaseMahlubi High School zisabambe amanzinyo njengoba zingakayitholi imiphumela yokuhlolwa kwazo .
18. Ukuthwala emehlo
Ukuba yiqhalaqhala noma ukungabi namahloni  futhi ungabi nambeko .
Isiboniso – UMbuzi bamchithile lapho abekade eyofuna khona umsebenzi ngenxa yokuthwala kwakhe amehlo.
19. Ukuhlalwa yilahle emhlane
Ukulandela ukuhlupheka okungapheli
Ngokulahlekelwa kwami umsebenzi ngazithola sengihlalwe yilahle emhlane ngoba kungasekho mali enganayo eBhanga lami
20. Ukusenga umuntu
Ukuncenga umuntu umcela ukuba akutshele okuyimfihlo.
Isiboniso – Ngathi lapho ngizwa amahemuhemu ngokuya eNyuvesi kukaSibindi ngaqonda kuMama wakhe ,wafike ngamsenga waze angitshela lonke iqiniso .
21. Ukubuyela kunina nona Ukuzilahla kunina
Ukushona kwelanga
Isiboniso – Mhla ngiya esigodini sakwaMphuphe ngahamba usuku konke ngaze ngafika ilanga seliyozilahla kunina .
22.Ukusika kwamancane
Ukuba nesihawu nozwelo
Isiboniso-Kwasika kwamancane kimina mhla ngizwa ngokushona komyeni wakhe engozini yemoto
23. Ukubeka isandla
Ukushaya umuntu
Isiboniso –  Ngendlela afike angidelela ngayo nami ngizethuke sengimbeke isandla.
24.  Ukubeka izandla
Ukuthandazela
Wayegula kabi uMasidu kwafika amakholwa ambeka izandla waphila .
25. Ukuhlala emadevini
Ukukhuluma lapho omunye esaqhubeka ngenkulumo yakhe , ungamniki ithuba lokuqhubeka .
Isiboniso – Ngithe ngisathi ngiyamchazela uZamvolo wavele wangihlala emadevini angabe ngisaqhubeka
26.  Ukuhlahla amehlo
Ukuvula amehlo kakhulu .
Isiboniso -Ngabona ngokuhlahla kwakhe amehlo ukuthi kukhona ayekuntshontshile
27 .  Ukubeka amazwi
Ukukhuluma lapho kuhlangenwe khona.
Isiboniso  – Kusuke isidumo emhlanganweni angabe ngisawabeka amazwi ebengifisa ukuwabeka .
28.Ukudla umhlanganiso
Ukunqoba
Isiboniso – Kwakuvele kwacaca zisuka nje ukuthi iqembu lebhola laseMpangeni iSokhulu FC izodla umhlanganiso kulo mcintiswano we Rob Cup
29. Ukuhlaba emhloleni
Ukubeka iqiniso njengoba linjalo
Isiboniso- Isangoma sakwaNgoti sivele sahlaba emhloleni ngenkathi siyobhula kuso .
30. Ukuhlala lubhojozi
Ukuhlalela ovalweni usaba ingozi engahle ikwehlele.
Isiboniso – Selokhu baphuma umbulali kaSigodo umndeni wakhe usuhlezi lubhojozi
31. Akusensuku zatshwala
Kusuke sekusondele isikhathi sokuthi kwenzeke into ethile okulindilwe ukuba yenzeke.
Isibonelo- Akusensuku zatshwala ukuba kube uKhisimusi
32. Ukubamba umoya
Ukudla kancane nje
Isiboniso- Akukho yini ukudla okuncane lapha ekhaya ke ngibambe umoya? Ngifile indlala.
33. Ukucela indlela
Ukuvalelisa
Isiboniso- Cha kuhlwile bakwethu ake ngicele indlela
34. Buchitheka bugayiwe
Kuyenzeka ukuthi lapho into ethile iyalunga, ivele yonakale ingaphindi ilunge
Isiboniso-  Impela buchitheka bugayiwe ngoba kwathi iGoduso yakhe yavele yaboshwa sekusele izinsuku ezimbalwa nje ukuba bashade .
35. Ukufunda iqatha
Ukudla iqatha lokuqala
Isiboniso –  We Mqobi wenyama ake ufunde phela iqatha ogqokweni ukuze nathi siqale ukucosha amaqatha asogqokweni
36.  Kukwadlula wafa lapha
Ibhokile indlala  , akukho kudla , akukho manzi , akukho lutho nje
Isibonelo-  Siyaxolisa mntanami ukuthi usuyohamba angazange ufake lutho emlonyeni , kukwadlula wafa lapha ekhaya
37. Ukuhambela kude njengelanga lasebusika
Ukugwema ukuhlangana nomuntu othile onesazelo ngaye
Isiboniso –  UMayezi selokhu weboleka imali yami usehambela kude njengelanga lasebusika.
38. Ukudinda isililo
Ukukhala kakhulu umemeze
Umuzi wonke wadinda isililo ngenkathi uzwa ngokushona kukaYise
39.  Ukudinda ngenduku
Ukushaya ngenduku
UMavaka wayidinda wayidinda ngenduku indodakazi yakhe  kodwa phinde iyeke ukuba uSimukanandwendwe
40. Ukuba ngozi makhaza
Ukuba ngcono ekuguleni noma engozini ngenxa yokulimala
Isiboniso- Nakuba esegule isikhathi eaide kangaka sinethemba lokuthi sekuyoba ngozi makhaza
41. Ukuba uZinyobulala
Ukuba ingane eyodwa vo ekhaya, zingabikhona ezelamayo noma eziyelamayo.
Isiboniso- UZicubu uyatotoswa kubo ngoba enguZinyobulala
42. Ukusithwa yisithupha
Ukungaliboni iqiniso noma okuthile okungahle kube yingozi kuwe.
Isiboniso –  Ukungasebenzi kwakhe kuyasho nje ukuthi usithwe yisithupha ,uyoze abone ngoba esengene shwi ezikweletini.
43. Ukucweba kweziziba
Ukuthuleka kungabi khona okushiwoyo mayelana nodaba oluthize olusezithebeni
Isiboniso –  Sekuphele unyaka manje kwabulawa indodana kaMantshisi kodwa namanje kusacwebe iziziba mayelana nokuboshwa kwababulali.
44. Ukugwinyeka kwensizwa
Akushiwo ukuthi umuntu wesilisa muhle,kuthiwa uyabukeka . Uma engabukeki akushiwo ukuthi mubi,kuthiwa uyagwinyeka
Isiboniso –  Nakuba uMazolo ebukeka , kodwa ukugwinyeka kwamadodana akhe kuyababazeka .
45. Akusele mgobo ehawini
Konke sekuphelele noma sekumi ngomumo , akukho okungekho kwalokho okudingekayo .
Isiboniso-  Seaingawuqala manje umcimbi ngoba akusele mgobo ehawini
46.  Ukuhlaba umxhwele
Ukuthokozisa . Uma into ethize noma isenzo esithize sikuthokozisa uthi sikuhlaba umxhwele.
Isiboniso –  Indlela izingane zaseMandleni High School ezicule ngayo ingihlabe umxhwele
47 . Ukwenza umuntu isilo sengubo
Ukumlimaza ngokubabazekayo
Isiboniso – Ungalokothi uthinte izingane zami ngoba ngizokwenza isilo sengubo
48. Ukwehlela ngezansi
Uma niphikisana ngento ethile kuwumqondo omuhle ukuthi omunye wenu asale esevuma konke okushiwo ngomunye ukuze lokho enisuke niphikisana ngakho kwedlule .
Isiboniso –  Ngafica oNkungwini noMavoko bephikisana ngodaba lwenkomo ezazingene emasimini.Kwathi lapho zombili izinhlangothi sezingilandisile ngoba lwazo ngase ngicela uMavoko ukuba ehlele ngezansi
49. Ukuphunga imikhonto
Uma izinkomo sezibuya inhlazane sezimile ziphumule okhalweni, ukuma kwazo kuthiwa ziphunga imikhonto.
Isiboniso- Ngadabula okhalweni lukaMpande ngabona izinkomo zabanumzane ziphunga imikhonto.
50 .  Ukuwa kwensika
Kusho ukulamba
Isiboniso – Ngemuva kohambo olude ngezwa ukuthi insika isiwile, ngakho-ke ngaphambukela emzini wokuqala ngafika ngasho ukuthi insika isiwile.
51. Ukulala ubatha
Ukucothela noma noma ngabe yini umuntu angenayo njengosizo  oluthile adinga ukuluthola komunye umuntu noma kwabanye abantu
Isiboniso – Ukuze ngithole ukuqashwa kulomsebenzi wasefemini yakwaSikhulile ngizohlala ubatha kuMjikijelwa ukuze ngibe owokuqal ayomtshela uma kuvela isikhala somsebenzi
52. UKuhlaba inhlali
Ukuthula ungakhulumi
Isiboniso – Ngezwa ukuthi imoto yakhe yebiwa uJikelele kodwa  ngahlaba inhlali lapho kuxoxwa leyo ndaba.
53. Ukukhotha imbenge yomile
Lesi sisho sisetshenziswa uma kukhona osongelwayo , etshelwa ngomphumela omubi azowuthola ngenxa yezenzo zakhe.
Isiboniso – Ngiyazi ukuthi uMaboko owebe izingubo zami ocingweni,lapho ngiyombona khona uyoyikhotha imbenge yomile.
54. Ukuthwala ngeqoma
Ukulindela lukhulu kumuntu othile ikakhulukazi emdlalweni .
Isiboniso – Akashaya ngisho nelilodwa igoli umdlali weZinyathi FC obethwelwe ngeqoma
IZISHO EZIPHATHELENE NEZILWANE :
1.Ukusenga ezimithinyo
Ukukhuluma amanga nje odwa
Isiboniso –  Ungalokothi uyikholwe into oyitshelwa  uSicabha ngoba ungumuntu osenga ezimithiyo .
2 . Ukubona amehlo esibungu
Kusuke kufungwa  . Kufungwa ukuthi into ethile ayisoze yenzeka
Isiboniso- Iqembu leZigqoza alisoze lanqoba okhethweni lulazwelonke. Ungabona amehlo esibungu .
3.Ikati lilele eziko
Kubhoke indlala , akukho lutho oluya ngasethunjini
Isiboniso- Ngafika kwaMehlo ikati lilele eziko, ngalala ngiphuze amanzi
4. Ukuqhuba intwala ngewisa
Ukwedelela okukhulu, omubabazekayo
Isiboniso- Akadeleli akadeleli umfoka Khuni uqhuba intwala ngewisa
5. Ukuchatha ubukhuphe
Ukufunga. Uma ingaba khona impumelelo ekwenzeni into ethile kuyobe kuyobe kwenzeke isimanga esinzima
Isiboniso – Uma leli su lakhe elisebenzisa njengoba ekhuluma , liphumelele uyobe uyakwazi ukuchatha ubukhuphe
6.Ukuzalelwa yinja endlini
Ukuhlangabezana nenkinga enkulu,noma ukubhekana nnohlupho
Isiboniso –  Iqembu lebhola laseMlaza belizalewe yinja endlini njengoba lehlulwe ngamagoli ayishumi eqandeni emdlalweni wanamuhla.
7. Ukucela emvini
Ukuba mkhulu ngesingenhla bese uba mncane ngesingezansi  ube nemicondo
Isiboniso – Nakuba iyinhle intombi kaFudu kodwa icela emvini ngemilenze yayo
8.Ukucela empuzini
Kuchaza ukubaleka njengoba bese sichazile ngenhla
9. Ukuthwala umsila
Ukuzikhukhumeza, uziphakamise futhi uzazise
Isiboniso- Abazali bakhe banele bathenga umuzi esilungwini waqala ukithwala umsila
10. Ukuthela umuthi enkomeni
Ukuphuza noma ukugalela kakhulu etshwaleni usho ukubuminya ngesiqubi esisodwa
Isiboniso – UMavondo ngamnika isiceke sami sotshwala sokugcina, wavela wathela umuthi enkomeni ngasala ngomile .
11. Ukufinya ngolimi njengenkomo
Ukweswela noma ukuhlonga izinto eziyizidingo zempilo ,uhlupheke kakhulu
Isiboniso- Ngingayithenga ngani imoto njengoba ngifinya ngolimi njengenkomo nje?
12. Ukugodla iqhude
Ukulimala engalweni ,uyigodle
Isiboniso – UNgonyama uhlanganyelwe izinsizwa zakwaMpukane zamshaya zamgodlisa iqhude.
13. Ukuba inkomo enombala
Kusuke kushiwo umuntu osedume waziwa ngabantu bonke endaweni ngezenzo zakhe ,noma ngimikhuba yakhe
Isiboniso – Njengoba kugqekezwe umuI kaDlathu nje akufuniselwa ,kuyaziwa ukuthi kugqekeze uZamvolo phela nguye yedwa osaba yinkomo enombala kule ndawo
14. Ukushaya ingede ngoju
Ukubuyisela ngobubi kumuntu okusize ngandlela thize
Isiboniso-  UMavondo ngamsiza ngamkhokhela ukuze angaboshwa.Kodwa namuhla sengizithola sengiyingede eshaywa ngoju
15.  Ukondlela impuku eweni
Ukusiza umuntu ongeke akusiza ngalutho ,noma ukwenza into engeke yakubuyisela lutho .
Isiboniso – Ukumkhokhela kwami imali yezifundo zakhe kuwukondlela impuku eweni
16.  Ukomela othini njengentethe
Ukuhlupheka kakhulu ungalutholi usizo
Isiboniso -Angisitholi isixazululo sale nkinga engibhekene nayo . Sengize ngomele othini njengentethe
17. Ukukhetha iphela amasini
Ukwenza okuhle okwenzela kuphela lowo omthandayo noma oyisihlobo sakho , bese abanye abangezona izihlobo noma abangane ungabasizi ngalutho .
Isiboniso –  Uma uqasha abantu emsebenzini ungalikhethi iphela emasini, uboqasha nalabo ongabazi
18. Ukubophela umuntu amanqina enyathi
Ukubeka umuntu icala angalenzanga
Isiboniso – Akuyena uMmemezi owagqekeza umuzi wakwaSivalo ,bambophela amanqina enyathi
19.  Ukukhula ngemilenze njengenkukhu
Kushiwo umuntu  kumuntu onengqondo encane, athi emdala enze izinto zobungane
Isibonelo –  Ngeke aze aphumelele uNkomiyodwa, ngoba ukhule ngemilenze njengenkukhu

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo