UMxhamama ka Soshaya Sibisi
Nina abakaGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbule amaGawu abebesi!Ngethemba nisaphila nina beSilo.Esithombeni umfowethu uMhlonishwa Sibisi oyiNtatheli.Ngokusho komlando obhalwe phansi abantu bakwaSibisi kuthiwa badatshulwa nguMlotshwa obuye abe uKhokho wabantu baseMancubeni.Yena uMlotshwa kuthiwa wayeluqhamukise kwelabeSuthu abaziwa ngokuthi bangaMakgwakgwa ba ha Mahlatsi abaseyingxenye yaBahlakwana.Ngokusho kwabo abakwaSibisi bathi bona bayizingxenye ezimbili.Bathi kukhona ingxenye yeZibisi zakwaButhela kanye neZibisi zakwaMahlase.Ngesikhathi sokubusa kweSilo uShaka umuntu owagqama kakhulu eZibisini zakwaButhelwa nguMtshana owabe eyiqhawe lalo iLembe.Kanti ngasohlangothini lweZibisi zakwaMahlase kwavelela uMxhamama ka Soshaya owabe eyiMbongi yeSilo uShaka.UMtshana wazala uMnqandi owazala uSishishili,uSivela kanye nabanye.UMnqandi waba yiSethenjwa seSilo uMpande kanye neSilo uCetshwayo.Nguyena uMnqandi kanye namanye amaDuna abakha isigodlo uNdi olumahlikihlikana olwahlala iSilo uCetshwayo ngemuva kokubuyiswa kwaso ekudingesweni ngoMasingana 1883.Kuzokhumbuleka phela ukuthi isigodlo sakithi oNdini sasilokhu sashiswa ngamaNgisi mhlaka 4 Ntulikazi(Julayi)1879.Isigodlo sasoNdini olumahlakihlikana sabuye sahleselwa futhi uMntwana uZibhebhu ngoNtulikazi wawo u1883,mhlaka 21,kwasala enkundleni amaDuna amaningi eSilo uCetshwayo esingabala kuwo yena uMnqandi Sibisi,uMbopha ka Hlolizibi Hlabisa(hhayi uMntwana uMbopha ka Sithayi),uGodide ka Ndlela Ntuli,uSihayo ka Xhongo Ngobese kanye nabanye.IsiZulu sithi iNzimakazi izila iLungakazi.USishishili ka Mnqandi akazange amfuze uyise.Yena ngesikhathi sakhe wembuka,wasebenzela amahlophe ngokwethembeka okukhulu.Ngasohlangothini lweZibisi zakwaMahlase umuntu owavelela kakhulu uMxhamama ka Soshaya Sibisi wayeyiMbongi yeLembe.Kuthiwa uMxhamama wayethi uma ebona amaNqe endiza emkhathini athi eSilweni uShaka “nkosi zilambile izinyoni zakho”.Wayesho phela ukuthi kwasekufanele kuphakwe impi ukuze kube khona abafayo ukuze amaNqe ezoshaya eseNtwala.UMxhamama wabulawa ngamabutho eSilo uDingane,kuthiwa wayelokhu ekhale njalo kwaDukuza ngenkathi kukhothame iLembe ethi”niyibulele inkosi yami”.Liyavela igama likaMxhamana ezibongweni zeSilo uDingane uma kuthiwa”Wamudla uMxhamama eZibisini”.
Khumu!
Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo”
