Nina abeNdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kumaHashanga #ISilo uDingane leso ! iSilo sakithi eMgungundlovu.
Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade. Ake ngiphose itshana elingatheni eSivivaneni ngoMntwana uMbixambixa ka Mpande . UMntwana uMbixambixa wayebuthelwe eButhweni loMkhandandlovu , iButho le zintombi okuyiButho futhi elalande aBantwana (Princesses) baseNdlunkulu .Leli Butho lalifana noThulwana ngoba nalo uThulwana lwalande aBantwana baseNdlunkulu, abesilisa nokho. UMkhandandlovu welama iButho uNdlovukaphendulwa , nalo okuyiButho lezintombi . Ngiyaxolisa kakhulu angikwazanga ukuthola iFodo lakhe uMntwana , ngizame ngazama kodwa lutho ithamsanqa. UMntwana uMbixambixa wayengowakwaGqikazi, wayezalwa iNdlovukazi uNgqumbazi ka Mbondi Zungu . Wayelamana naBantwana oCetshwayo no Ndabuko. *Kuye kube nokuphikisana okukhulu ngokwelamana kwaBantwana beNdlovukazi uNgqumbazi, lokho kuphikisana kuye kuqubuke uma kuxoxwa ngodaba lomlando othi “iSilo uCetshwayo sizalwa yiLembe” . Baye bethi abanye iSilo uCetshwayo asikwazi ukuzalwa yiLembe ngoba phela sona selama uMntwana uMbixambixa. Ngokwami ukuqonda nina beSilo uJininindi (iSilo uCetshwayo)wayemdala kunoMntwana uMbixambila , ngani ngoba iButho uMkhandandlovu wabuthwa phakathi kuka 1860 kuya ku1863 selukade lwabuthwa uThulwana okuyiButho okwakubuthelwe kulo uMntwana uCetshwayo . Kanti nawo uMkhandandlovu welama iNdlovukayiphendulwa , nayo eyabuthwa selubuthiwe uThulwana. INdlovukaphendulwa yayibandakanya uMntwana Ndindela okuthiwa nguyena owayenguMafungwase weSilo uMpande, abanye ababeyiNdlovukaphendulwa ngaBantwana oBathonyile, uMntwana uBekiwe , uMntwana uSigayigayi, kanye nabanye. UMntwana uMbixambixa yena wayenguMkhandandlovu , okusho khona ukuthi wayemncane kuMntwana uCetshwayo .Ngingavuma uma kuthiwa wayemdala kuMntwana uNdabuko , hhayi kuMntwana uCetshwayo…*UMntwana uMbixambixa wabuthelwa ebuthweni loMkhandandlovu ibutho lezintombi elalande kakhulu aBantwana baseNdlunkulu , esingabala kubo uMntwana uMbikose, uMntwana uNomabhunu wakwaGqikazi, uMntwana uBathabile, uMntwana uHlayisiye waseKuweleni kanye nabanye aBantwana beSilo uMpande. Womabili lamaButho uMkhandandlovu kanye neNdluvukayiphulwa kwabe kungamaButho ayande aBantwana beSilo uMpande . *UMntwana uMbixambixa wagana uMgojana ka Somaphunga Ndwandwe, owabe eyiNkosana ka Somaphunga ka Zwide Ndwandwe. USomaphunga wazinikela Mbusweni weLembe ngemuva kokunqotshwa kweNkosi uZwide ,inqotshwa yimpi yeLembe,iSilo uShaka. Kuthiwa iSilo uShaka samemukela ngezandla ezivulekile uSomaphunga ,samganisela namakhosikazi. Wazala izinsizwa oMgojana, uMankulumana(owabuthelwa ebuthweni uMbonambi wagcina eseyiNduna yalo,nguyena owalihola eSandlwana, ngaphambilini lalikade liholwa nguNtuzwa Mdlalose owagcina eseyisikhulu esiphezulu sakwaZulu), amanye amadodana kaSomaphunga kwakungoHuqeni, uMchilwana, uMpondo, uMvavana kanye nabanye . UMntwana uMbixambixa ungomunye wabantu ababeseMzabalazweni wokubuyiswa kweSilo uCetshwayo ngenkathi sidingiselwe eSiqhingini iSt Helena, lowo Mzabalazo wawuholwa nguMntwana waseZulwini uMntwana uDabulamanzi ka Mpande . Kuthiwa igoda lagcina ligqabukile phakathi koMntwana uMbixambixa kanye Mgojana , lagqabuka ngesikhathi sokubusa kweSilo sasoSuthu ,iSilo uDinuzulu. UMgojana wasala empini yakwaNdunu ,okuyimpi eyabe iphakathi koSuthu olwaluholwa yiSilo sasoSuthu,kanye noMandlakazi owawuholwa nguMntwana uZibhebhu. UMgojana walwa ngasohlangothini lukaMandlakazi……
Khumu!
Niphile nina beSilo sakithi oSuthu uMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani? Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi ngesizwe samaNguni, uphinde uthole ulwazi ngamakhambi eSintu..