Incazelo ngePhengulula

IPhengulula

Nina abeNdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga! IMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengeMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda! #ISilo uDingane leso , iSilo sakithi eMgungundlovu . Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo.

IPhengulula (uMqhumane )

Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa yiPhengulula igama layo, ibuye yaziwe ngoMqhumane .  Nina beSilo lena yiNduku enhle kakhulu kwezeMibhemiso yokubhula , kodwa enganakekile. Angasazi isihlahla sayo, thina siyithenga eFaradeyi seyembiwe. Iyisigaqa esimhlophe, kwesinye isikhathi siba mhlophe qwaba okweQhwa. Kusebenza sona isigaqa sayo ,sikhonzwe kakhulu ngabaNgoma. Sihle kakhulu eMibhemisweni yokubhula. Siba bukhali kakhulu iSangoma esidle le Nduku nina beSilo , sishaya emhlolweni , asigeji. Le Nduku iye igaywe bese ingena eMibhemisweni wokubhula, uMbhemiso odliwa yiZangoma. Le Nduku iye igiye kakhulu nabangane bayo oMkhondweni , uMoyawezwe, uNgibonisele , uNgqengendlela kanye nezinye iziNduku. UMkhondweni noMoyawezwe nazo zimandla kakhulu zenza iSangoma sisheshe siwuthole umkhondo. IPhengulula liyaphengulula livundulule konke okufihlakele. IPhengulula libuye libe uBulawu obuhle kakhulu bokugeza iZidalwa. Liyangena eGobongweni elimhlophe .Liye ligiye kakhulu nemithi efana noVumakubangoma omhlophe, uHlunguhlungu , uMhlambamanzi, iNtumbadlozi , uMadlozana kanye neminye imithi  kwenziwe uKhamba olumhlophe lokuphalaza. IPhengulula liyangena eNdukwini yokugeza iZizwe ,aMafufunyana. Lihle kakhulu nasemacaleni , baye balithake neminye imithi kanye noLimi lweMvu, le Nduku yenza uMmangali ahluleke ukukhuluma eNkantolo amane ethithiza ebamba eyeka kuze kucasuke iMantshi . IPhengulula liyangena eNdukwini yokuphalazela uBulomo,uGazi.Likhipha izindenda okuyizona kanye eziba yimbangela yokuba umuntu angathandeki. Lithandwa kakhulu yiZangoma  zilithaka noVumakubangoma omhlophe , uQhume , uBhubhubhu kanye neminye imithi yoBulomo. IPhengulula liyayihlela nemizwa uma umuntu ephalaze ngalo , liyashobingisa ,lenza umuntu alangazelele ucansi , umuntu wabo bobubili uBulili. Lihle koMame abafisa ukumumatha noma abasemkhankasweni wokumumatha. Libuye libe yiSihlambezo. Liye ligaywe libe yiMpuphu eyohlanganiswa neMpuphu yeGobolondo ( shell ) le qanda leNtshe , kuthelwe amanzi afudumele bese kuphuza umuntu osenezinyanga eziyiSithupha ekhulelwe , aphuze kanye ngeViki kuze kufike isikhathi sakhe sokukhululeka noma esokubeletha. Lesi Siphungo sinikeza ingane amandla , ikhule kakhe yehlule yonke imimoya futhi nokubeletha kube lula. IPhengulula lihle kakhulu ngoba lixosha namaphupho amabi kumuntu osuke ephalaze ngalo, ligeza nezinso, livule nayo yonke imithambo lenze umuntu alulangazelele ucansi. IPhengulula yiNduku enhle kodwa enganakiwe, iyatholakala eFaradeyi , yaziwa ngalo igama le Phengulula ize ibuye yaziwe ngoMqhumane kwezinye izindawo. Kodwa uma uya eFaradeyi kumele ufike uthi ufuna iPhengulula ngoba uma ungafika uthi ufuna uMqhumane bazosuke bakunikeze izimpande zomunye uMqhumane owehlisa amandla eHayihayi, onezithelo ezimhlophe.


Khumu!

Niphile nina bakaVezi uNonyanda. Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi oluthe thuthu.

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo