Nina abakaMakhalima akhande njengezulu lona limakhalima limandindizela! USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu!#ISilo uMpande leso , iSilo sakithi kwaNodwengu. Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade. Ngethemba basaphila abeSilo. Thina sisaphila eMantungweni.
ISiduli ( Ant Hill)
Nina beSilo iSiduli siyinto ejule kakhulu futhi esetshenziswa kakhulu ngabeLaphi beNdabuko , kanye nabo abaSokoco, abaThakathi. Ake ngiqale ngemisebenzi emihle yeSiduli. ESidulini kuyilapho kugezwa khona aManzamnyama . Njengoba ngihlezi ngichaza nina beSilo, uma kugezwa aManzamnyama kuye kube nezigaba ezimbili zokuwageza. Isigaba sokuqala kulapho iNyanga ithatha wonke amaLungu omndeni osuke uphehlwa eManzini amnyama, iphikelele nawo ehlathini .Izofika -ke iwugezele eSidulini, kudliwe imithi elwayo efana noQeduhlobo , uMantingwe(uManzamnyama) , uMviyo, iMpindamshaye, iSibhaha kanye neminye imithi elwayo. Ngalezi ziNduku kuyogezwa , kugqunywe , kukhafulwe , kuphalazwe ngayo le mithi elwayo , kuphalazelwe khona eSidulini. Uma sekuqediwe -ke kuzobe sekuphikelelwa ekhaya kuyodliwa imithi emhlophe yeDlozi . Imithi efana noNhlanhlemhlophe , oNtumbadlozi, uVumakubangoma omhlophe kanye neminye. Lesi isigaba sesibili sokugeza aManzamnyama futhi okungesokugcina. Yonke iminingwane kanye nemiyalelo isuke iqhamuka eNyangeni esuke ibizwe noma iqashwe ukuba izogeza lowo mndeni. Obunye ubuhle beSiduli ukuthi amacala amakhulu acishwa khona eSidulini, kuye kugezwe, kugqunywe , kwenziwe yonke into , yenzelwe khona eSidulini . Kusetshenziswe imithi yamacala efana noMayime , oNtuba, oCalakalithethwa, oPhunyuka kanye neminye imithi. Amanzi asuke esetshenziwe ukugeza noma ukugquma aye achithelwe emgodini osuke umbiwe kuleso Siduli, bese kuyekwa kanjalo kungagqitshiwe (umgodi) . Kuzohamba kuhambe uvaleke umgodi uvalwa uMuhlwa. Ukuvaleka kwawo kuba ukuphelela emoyeni kwecala. Kuningi okwenzelwa eSidulini nina beSilo engingakusho wukuthi yonke inhlobo yesichitho noma yebhadi isheshe igezeke uma kusetshenziswe iSiduli. Kanti nomhlabathi waso uyangena eNdukwini ecupha abaSokoco. Kanti noMame oneFindo elingafuni ukunqamuka ngenxa yobuthakathi ulashelwa khona eSidulini. Nomuntu olandelwa imimoya yabantu ababulala uyilahlela khona eSidulwini. ESidulini kulahlwa neDlozi elibi , kuningi impela okwenzelwa eSidulini. *Abathakathi nabo imikhuba yabo eminingi bayenzela eSidulini .Uma bevala umuntu ukuze angalungelwa lutho baye bathathe igama lakhe , noma isithombe sakhe , noma impahla yakhe , noma ukotini wempahla yakhe bayisebenze ngomuthi maqede bayoyigubhela eSidulwini -umgodi bawuyeke kanjalo usale uvalwa uMuhlwa. Uma uvaleka nempilo yalowo muntu osuke esetshenziwe nayo iyavaleka. Kanti nawo aManzamnyama bawaphehlela eSidulini noma eMathuneni eBusuku kwesikaBhadakazi.
Khumu!!
Niphile nina abakaNowelamuva wawoShaka! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi oluthe thuthu mayelana nemithi