Umlando ngeNdlovukazi yaseMkhindini , iNdlovukazi uNandi Mhlongo

uMdwebo weNdlovukazi uNandi..

Nina abakaMgengi phez’izitha kuseHlobo utshani bude buzokugabanisa! UZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela! #ISilo uShaka leso ! ISilo sakihi KwaDukuza . Nina beSilo ake sibheke umlando weNdlovukazi uNandi , uNina weSilo uShaka.

*INdlovukazi uNandi yayizalwa yiNkosi yaseLangeni , kwaMhlongo , iNkosi uBhebhe ka Nqeshe . INdlovukazi uNandi izalwa emuzini waseBozeni. *Kuthiwa wayemuhle kakhulu owaseLangeni , enguPhumalangasikothe uqobo, kuthiwa wayenganasici, eme kahle enguMyovu uqobo. Kuthiwa iNdlovukazi uNandi yazala uMntwana uShaka ngaphandle koMgcagco.Igama elithi “INdlovukazi” ngokulazi kwami ngazi ukuthi lisho umuntu wesifazane ozala iNgonyama. Queen ngesiNgisi. Kuthiwa iNkosazana uNandi kanye noMjokwana ka Ndaba (iNkosi uSenzangakhona ) bahlangana uMjokwana esakhula , engakalibusi elakwaZulu.* Kuthiwa bagcina beqe iziko , iphumela yalokho okwaba ukumumutha kweNkosazana yaseLangeni. Kuyavela ukuthi ngenkathi iNdlovukazi uNandi ikhulelwe uMntwana uShaka kwakukhona ingxenye yeNdlunkulu yakwaZulu eyayingakholwa ukuthi iNdlovukazi yayikhulelwe ngempela,eyayikungabaza ukukhulelwa kwayo. Kuthiwa babethi iNdlovukazi iphethwe yiSishaka okuyisifo esasidlange ngalezo nkathi .Kuthiwa isifo seSishaka sasikhukhumalisa umuntu wesifazane isisu,kube sengathi ukhulelwe. Kuthiwa iNdlovukazi uNandi yahlupheka kakhulu noMntwana uShaka, iwa ivuka naye . Kuyavela ukuthi ngemuva kokuzalwa koMntwana uShaka uMntwana uMudli wakhipha umyalelo owawuthi uMntwana uShaka kanye noNina mabalethwe kwaZulu ukuze uMntwana azobonwa nguGogo wakhe uMthaniya Sibiya. Kuthiwa inhlalo ayibanga yinhle KwaZulu, kuthiwa bagcina bedlulele kwaQwabe kwazise uNina weNdlovukazi uNandi uMfunda wayengowakhona kwaQwabe.Ngakho-ke iNdlovukazi uNandi yabe iyisihlobo esikhulu kwaQwabe. Bedlulela kwaQwabe nje iNdlovukazi  yabe isizale uMntwana uNomcoba , imzala naye uMjokwana ka Ndaba , okuthiwa wayeselibusa elakwaZulu ngaleso sikhathi kwazise uYise uJama wayesekhotheme. UMntwana uNomcoba  welama iLembe emhlane . Nakhona kwaQwabe kuthiwa iNdlovukazi uNandi nezingane zayo aBantwana oShaka noNomcoba abazange baphatheke kahle .Kuthiwa bagcina bedlulele kwaMthethwa , kuzokhumbuleka phela ukuthi uNomo ka Khondlo wakwaQwabe wayezalwa yiSithole sakwaMthethwa, kanti futhi kuthiwa babukhona obunye ubuhlobo phakathi kwamaQwabe naBaThethwa, ngaphandle kwalobu obokuzalwa kukaNomo kwaMthethwa. INdlovukazi uNandi ifika kwaMthethwa nje isinenye ingane yoMfana eyabe iyizale kwaQwabe noGendeyana wakhona eMthandeni. Leyo ngane kwakunguNgwadi igama layo, yelama uMntwana noNomcoba. **Yekani ukuntshontsha umsebenzi wami niyowufunda koTikTok ziNyemfu ndini!*UNgwadi nguyena okwahamba kwahamba wasoconga uMntwana uSigujana ka Senzangakhona , ephendlela uMntwana uShaka indlela eya eSihlalweni soBukhosi bakwaZulu. *KwaMthethwa iNdlovukazi uNandi kuthiwa yemukelwa kahle kakhulu futhi yaphatheka kahle.Kangangokuthi noMntwana uShaka waba yiSilomo eNkosini uDingiswayo ka Jobe eyabe ibusa aBathethwa ngaleso sikhathi. UMntwana uShaka wakhulela khona kwaMthethwa , efundiswa ngayo yonke imininingwane yezeZempi , efundiswa yiyona iNkosi uDingiswayo  kanye noNdunankulu wayo uNgomane ka Mqomboli Mdletshe. *Kuyaziwa ukuthi uMntwana uShaka wakhula waba yiSikhondlakhondla senkosi esinamandla futhi esihlakaniphile , esakha iSizwe esikhulu esinguZulu. Kuthiwa iSilo uShaka sasimthanda kakhulu uNina kangangokuthi saze samakhela noMuzi waseMkhindini , sabutha neButho elalande izinsizwa zakwaHadebe , lelo Butho iSilo uShaka salibiza ngokuthi yiZiyendane zika Nandi .INduna yeZiyendane zikaNandi kwabe kunguMakhatha wakwaHadebe . Lelo Butho labe lisekhona nangesikhathi sokubusa kweSilo uDingane. Yilona elaliqapha iNdlovukazi uNandi eMuzini wayo waseMkhindini. INdlovukazi uNandi yaxinwa ukudunguzela ngowe 1827 , yagcina ikhotheme ngoMfumfu wawo owezi 1827 . Kuthiwa iSilo uShaka salimala kakhulu emoyeni ngokukhothama kukaNina , kuthiwa iSizwe salila , sazila isikhathi eside kangangokuthi kwagcina sekuphazamiseka nezoLimo emasini.

Khumu!


Izibongo zeNdlovukazi uNandi.

USomnqeni.

UMathanga kawahlangani,

Ahlangana ngokubon’umyeni.

UGedegede lwasenhla nenkundla.

Uphoko-phalala kuMaqhwakazi,

Angibonang’uphoko ukuphalala.

UMboni wamabhuzenge uSontathi.

USontanti onjengowakwaGwazana

USontanti kayidl’inkom’ ensizwana,

Udl’ubisi lwenkom’enezimpondo,

Ukwesab’abayisengayo.

Intombi kaMbhengi weNgugu kaSoyengwase KaMaqamede.

UXebe woMhlathuze.

Mfazi ontongande zingamadoda.

Uyishaye yanyus; iSabiza.

UMathang’awahlangani,

Ahlangana ngokubon’indoda,

Abeza beluhayizana!

Ulibinda Ndlovukazi

#Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi ngamakhambi

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo