Incazelo ngoMkhiphampethu    ( Calpurnia aurea)

UMkhiphampethu

Nina abeSinakanaka sezincwadi ebezibhalwa nguMalamande kwabamhlophe abeLungu, iGwalagwala likaMenzi elisuke eNtumeni kwabhej’iShowe -kwabhej’iNdulinde -kwaze kwaya kwabhej’uLwandle noThukela! #ISilo sakithi oNdini leso ! ISilo uCetshwayo ka Mpande. Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade . Ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu , cha, thina sisaphila eMantungweni. Nina beSilo lo muthi eniwubonayo esithombeni kuthiwa uMkhiphampethu igama lawo lesiZulu. NgesiLungu soSosayensi kuthiwa iCalpurnia aurea . Akuwona uManxiweni lona nina beSilo , zicishe zifane. UManxiweni ubizwa nge Senna alata ngoLimi loSosayensi phelezi Botanical name. Le Nduku uMkhiphampethu nina beSilo yinhle kakhulu ekugezeni isilonda noma inxeba lesilwane , isilonda eselonakele, esesinezimpethu. Kuye kugxotshwe amacambe ale Nduku , kuthelwe amanzi afudumele , ebese kugezwa isilonda senkomo noma esanoma yisiphi isilwane. Lo muthi ubulala izimpethu esilondeni noma enxebeni. Kwesinye isikhathi kuye kugaywe amacembe womile alo muthi enzizwe impuphu eyonanyekwa enxebeni noma esilondeni sesislwane. Nezimpande nazo ziyasebenza ekubulaleni izimpethu , kuphela nje abantu basebenzisa amacembe ngoba yiwona alula ukusetshenziswa futhi awembiwa. Nazo izimpande ziyagaywa zibe upowder ofakwa esilondeni sesilwane . Le Nduku iyasebenza nakubantu , iyazipholisa izilonda inqobo nje uma kungezona ezokucushwa , ezobusokoco , ezinesilwane ngaphakathi. UPowder wezimpande noma wamacembe ale Nduku muhle nasekubalaleni izintwala zekhanda . Ubulala uze ubulale namaqanda . Le Nduku ibizwa ngokuthi yiGeelkeurboom ngesiBhunu, ibuye ibizwe nge Geelkeur ngaso isiBhunu, noma nge Natalse geelkeur ngaso futhi isiBhunu. NgesiNgisi le Nduku ibizwa ngeCommon Calpurnia , noma ngeWild laburnum.

Yini enye ebuye yenziwe yile Nduku?

Nina beSilo le Nduku ibuye ingene kwezokugeza izintwala zeNgulube. Iye igiye nemithi efana noMvuthuza , oNukani kanye neminye. Uma kugezwa izintwala zeNgulube iyagquma , iyachatha iyaphalaza . Amacembe ayo mahle nasekugezeni izinwele ezineziNkwethu. Nina beSilo amacembe aye agxotshwe enziwe eyochela ikhaya elixakwe ukwanda kwezinyoka. Wona futhi amacembe ayagquma aphinde ageze umuntu onesichitho sokungathanda , noma eseququ , umuntu oba nephunga elingelihle ngisho noma esanda kugeza . Le Nduku iyangena nasentelezini yokukhipha isilwane ekhaya , noma kumuntu . Impushana yezimpande zale Nduku iye inanyekwe emathumbeni agolozayo ukuvuthwa.


Khumu!

Niphile nina beZulu eladuma obala lapho kungeMunga kungeMtholo! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV’ ukleze kokaNondlini.

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo