Mdlalose

AbakwaMdlalose:

Inzalabantu yalesi sizwe sakwaMdlalose kwabe kunguDikane owazala uNhlaka,uGada, uZililose[intombazane] kanye noNjomela,
Abantu bakwaMdlalose bagqama kakhulu ngesikhathi sebephethwe uNhlaka indodana kaDikane..Izwe lika Nhlaka lisuka eMziyathi kuze e Utrecht kuqonde eMbilane ngaseHlabane kuqonde ePhondwane kuhambe kwehle ngoMnyathi kwehlele eLenjane . Lonke-ke leli ngelakwa Mdlalose lika Nhlaka.
uNhlaka wahlasela (nge Negisa) ehlasela aMangwane okuyiwona ayebusa leli lakwa Mdlalose engakanikwa uNhlaka.
Impi ka Nhlaka yaqhamuka ngesikhala seNhlangwini yahlangabezana phesheya kweShoba, Wayichitha eyaMangwane uNhlaka. UNhlaka wakhe umuzi wakhe wase Kubalekeni kwaNtholwane eShoba……

Amadodana Ka Nhlaka::

USekethwayo
UNtuzwa
UThondolozi
USiyaphi
UMgulugulu
UMbenge
UXanyana
UMabubale (Inkosazane)
Ihubo elika Nhlaka
“Babeyihlaba ebesuku amabaadla
kwathi ekuseni kwangena inengisa yesuka”
Izibongo zika Nhlaka:
Umkhonto othengwa bgembuzi kwaButhelezi, (koPhungasshe)
Ubhuqu’ kuwisa wawohlahlosssse
UNonjela kulala uhlangothi lumbovu
Umanxeba anganxuluma
Umbambo zinamfa, umagutshwa angayikufa.
Uhlanganyela umuntu noNudu
Ugaqa limbomvu nasekuphathweni.

Izinsizzwa zika Nhlaka ezasala empini KaZibhebhu kaMaphitha Ondini eyango 1883-1884.:
uSekethwayo kaNhlaka
uMakhayiyana kaGomba
uMahuluhulu kaThinta
Sekethwayo kaNhlaka::

Amadodana kaSekethwayo:::

uZidunge Unokhenke
uMleshe Umthisazwe
uMswazi Umpunga
uNozokoza Umpunga
uMalumbala Ukhandempemvu
uZithoyathoye Ukhandempemvu
uMantantane Umthisazwe
uGininiza Ingomamakhosi
uQolwane Ifalaza
uZicukwana Ufalaza
uMzimuni Ufalaza

Izibongo zika Sekethwayo::

Ugubhazi emhlophe weNengisa
uGubhazi weminga nemisesane
ububulandaba namhla engenandaba
uMhlane usophela, Inqaba yakwaBheje
Isiphiqa siphila abakoBheje.
Inkunzi abayihlaba ephondweni
Uphondo ukwendulelisa
Unobanda ngomsasana
Umuthi owamila enkomeni
usanda ‘makhongwana
uNcede wawo Mthece…..
IHubo lika Sekethwayo
“Ho-o-o-o (Hoyiya Ho)
O-Songubo abasamazi”

Imizi ka Sekethwayo::

ENengiseni
ENkwibizeni
EZizweni
Ekudubekeni
KwaMkhumbi
KwaNkambule
EMakhwatheni
OCezwini
EKutetemeni
EMashiyaneni
EMambatheni
ESithangameni
EKungenieni
EKukhophozeni

Amakhosikazi kaSekethwayo::

Oka Zulu, OkaMkhazana
Oka Buthelezi
Oka Mdlatshe
Oka Magwaza
Oka Phakathi
Oka Zulu

Thondolozi kaNhlaka kaDikane::

Amadodana kaThondolozi

uMadlangampisi (Inkosana) Udududu
uMpiyakhe (Ikhohlwa) Ingomamakhosi
uMpiyenzani Ingomamakhosi
uMganu Ingomamakhosi
uNsukumbili Ufalaza
uDosi Ufalaza
uMtoli Ufalaza
uMgwala Ufalaza
uvalelisa Ufalaza
uSibhalo Ufalaza
uNsukunganye Uve
uNozishina Uve
uMjilingwane Uve
uWekwana Uve
uMubi uve
uKhende Ukhandempemvu
uHhawini Umthisazwe
uNtwili Ikwenkwe
uMagolokoqa Ubhewula
umadlanga Uve
uMgwaqana Uphefeni
uMuntuwani Uphefeni
uQabukane Uphefeni
uMakhanjana Uphefeni
uNkunzi Uphefeni
uNanko Uphefeni
uNjajana Uphefeni
uBoya Ufelaphakathi
uKhiphayiphi Ufelaphakathi
uBomvana Ufelaphakathi
uQondokwakhe Ufelaphakathi
uMthi Udakwa

Izibongo zikaThondolozi::

UJenefane bakusika amahawu
UNogwaze ‘buku ‘Zulu
Uphaphe lwensingizi elibika izulu lakwazulu ukuduma
USihlangu ukubatshazwa omunkengane
UKhwelela abantu entabeni.
UMqobela ‘bantu esweni
UNyawothi emnyama usomfimfithwayo
UMabamba kayeki kanjengodlawu labamba lubayekethisa
Sehla nohololo umuntungantombi wawomlotha
Intabe’nameva phakathi kweNcome noMzinyathi
Umathondo onjengakaThayi……

Imizi ka Thondolozi::

Ekuvileni
Emayeni
Kwangubo
Ozulaleni
Engwavuma
Embuluze
Egemfini
ENkondlwaneni
Ekuthethisaneni
KwaPhelayela

Amadodakazi kaThondolozi::
uNozingela
uHawukile
uMsamuni (owangana isilo uDinuZulu)
uNtombiyaphansi
uMandovo
uKhalala
uZenzile
uMbikose
uNtombiluthi
10. uPhathekile
11. uNobelungu
12. uNoqhina
13. uNomakhwayi
14. uNokhuluma
15. uZimuhle
16. uNobesuthu
17. uNeziduli
18. uNoziqeohu
19. uNokusa
20. uNokwabela
21. uNozinduku
22. uPenesi
23. uNobathakathi
24. uZenzani
25. uThathani
26. uNomathophi
27. uNogazi
28. uNondede
29. unosixi
30. uPotokele

Ntuzwa kaNhlaka kaDikane:

Amdodana ka Ntuzwa::
UChabifa
UZinyo
uThongo
uNkolongwane
uKhambi
uMajozana
uZwelinjani
uSibomu
uMandulo
10. uNolida
11. uFiyane
12. uMafikelela
13. uMuthi
14. umahabishana
15. uMapulazi

Izibongo zika Ntuzwa::
UMxhakaza’ phande
UPhangela ko Bhongo
UPhangela ko Qhoqhoqho
UMashwabadela oshwabadele inkudla yakwa yakwaMguni
kwazamazama ezweni
Umashwabadela osshwabadele ezikwaBizobi
Kwathi ezakwa mngani waziyekela..
UDalala wesika, uzagila zinomfutho
UMahlokohloko cvela kwaMthelwane
Inhlamvu ebizela amawombe….
Izibongo zika Mgulugulu kaNhlaka:
uNsangulo zabeSuthu
umnyezane owengame izizba
undengezzzi zimashumi…
uQomondo olumashiya lukaNhlaka.
izibongo zikaMbenge kaNhlaka kaDikane:::
uNoqongaza wezimbemba
imbenge kanhlaka eguge ngesinqe
yasala amahla
uBantu bafa bebheke ekufinyeni
uMahamba lwengubo kanswinswinswi

Izibongo zika Qwangubana::

Umpatsha awadla omunye umpatsha
Ishungu elimtshambili lika mgulugulu
Ingwazi eyagwaza kuqala etshaneni
Umasabalala onjengelanga.
izibongo zika Mankanyiyana kaGomba kaDikane:
Umphangula Jozi, uNogqiza ngumawisa
Umnumzane ozihlabanalayo.
Inkonjane ezihuqe odakeni
Izilo ziyalwa kofabase.

Izibongo zikaZidunge kaSekethwayo:

uSigqoko samuka nemishu yezulu
umavuba ovube kubo kwaNjomela
uMadubula phansi kwetshana
uphalane ocele ‘tshaneni
umfuyi wezinkomo eziafnayo
umdakoziqulu, umdaka ungaze ungoma
Ucombela kwelezolo…
Izithakazelo zakwa-Mdlalose
Nyanda wephahla,
Khwenta,
Madlula,
Mgabashe
Bhudukuziwisa,
Phangakufa,
Dikane,
Wena wephahla elinhloko-nhle,
Sphungulo say’Ongoye,
Magutshwa laph’engefekhona,
Wena kanhlangothi zibomvu amanxeba,
Wena webhaca elithanda impi ngoba ladla uDayi kaSkhova!
Ubukhosi bakwaMdlalose buseVryheid, OThaka

Uyaqhubeka>>>>>>>>>>

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo