Sikhakhane

Abantu bakwaSikhakhane bavele ngoSikhakha wakwaXulu. Bathi uSikhakha lona welelesa watholakala encinda odengezini olwaluncinda amakhosi akwaXulu kuphela. USikhakha yena wayengesiye owendlu yasebukhosini , ngakho wayengafanele ukuncinda kulolu dengezi . Lokhu kwakusho umbango . Ngakho-ke indlela yokumjezisa uSikhakha kwaba ukuthi axoshwe emndenini. Nangempela wahamba nabalandeli bakhe bayokwakha ngaseThalaneni bakhelana nabantu bakwaMpungose. Ukuze abantu bakaSikhakha babe nomehluko kubantu bakwaXulu wathi kababonakale ngokufaka izikhakha ezimfishane (phela isikhakha ngelinye igama elisho isidwaba).

Abantu bebona laba bantu abafake izidwaba ezimfishane base bethi ngabakwaSikhakhana, bethi ngabantu bezidwaba ezimfishane.

UKwelamana kwabakwaSikhakhane :::

USikhakha wazala uQomisamaqhele

UQomisamaqhele wazala uZombe

UZombe yena wazala uSicoco

USicoco wazala uMqhele

UMqhele yena wazala uMboma

UMboma wazala UMasela kanye noMathula

UMathula wazala uMahawukela owazala uMazwane

Izithakazelo zakwa-Sikhakhane

Mboma kaMqhele,
Mathula,
Nzimase,
Sdwaba esinembobo,
Wena sango elingezantsi,lapho besa khona imilomo,
Wena owangena nesikhuni emanzini sivutha, waphuma naso sivutha,
Wena kaMboma os’hlahla samila edwaleni,
Wena kaSoqhafuza, umlung’odla izinkobe,
Wena nyoka eyacaca emthini ingenazinyawo,
Inkomo esengelwa emeveni ngoba wayisengela ethungeni iyalikhahlela,
Wena okhishwa ngenoni emgodini,
Wena ophatha amakhosi uma esedukuzela,
Wena owahlabana ngokwehlula izinyanga nezanuse,
Wasuka lapho waxhoshiswa ngokaSenzangakhona, ngezinkomo zekhethelo,
Wakhushulwa, awabanankosi, ngoba inkosi yakho kunguNodumehlezi kaMenzi,
Mboma,wena wase Nkandla!

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo