Sokhela

Abantu bakwaNzuza bafika kwelakwaZulu bephuma ezweni laseLesuthu . Babehamba bezifunela indawo yokwakha . Kuthiwa inkosi uSenzangakhona , yayifuna ukuqinisa impi yayo ngoba amanye amakhosi afana noPhungashe wakwaButhelezi , oMacingwane waseMachunwini ayehlezi eyinqoba kalula uma elwa nayo . Ngenhlanhla laba bantu baseLesuthu babeyizinyanga ezinamandla , ayezidinga okaJama. Labo bantu kwabe kunguMgidi nendodana yakhe uNondumo kanye nomnawakhe uMqalane .Ngesikhathi befika kwaZulu babengabizwa ngesibongo sakwaNzuza. Kuthiwa inkosi uSenzangakhona yamsebenzisa uMgidi ekuqiniseni impi yayo kodwa umuntu owaba nezintelezi ezinamandla kwaba indodana kaMgidi uNonduma .Izintelezi zikaNondumo phela ezenza ukuba inkosi uShaka inqobe inkosi uZwide yabakwaNdwandwe .Ngokuphumelela kwayo inkosi uShaka ekunqobeni inkosi uZwide yabe isimklomelisa uNondumo ngokumnika indawo yokwakha ezinkawini zomfula uMfule . Ngokuthola le ndawo uNondumo wazibiza ngokuthi usenguNzuza ngoba phela ezuze izwe ngenxa yemithi yakhe enamandla . Nabantu bakhe babizwa ngokuthi sebengabantu bakwaNzuza.

Uyaqhubeka umlando usitshela ukuthi yikulesi sibongo sakwaNzuza okwaphuma kuso isibongo sakwaSokhela . Kuthiwa emndenini wakwaNzuza kwabe kunomnunzane owabe enomsebenzi omkhulu emphakathini wokuphehla uzwathi . Uzwathi phela izinkuni ezazisetshenziswa emandulo uma kuzobaswa umlilo. Kwakuthathwa ukhuni oluncane lushuthekwe embotsheni eyabe yenziwe kolunye ukhuni olukhudlwana kunalolo . Ukhuni oluncane lwalushuthekwa kuleyo mbobo kuze kugqamuke izinhlansi ziwele otshanini obomile bese kokheleka umlilo uvuthe. Abantu baleyo ndawo babethola ukusizakala lapho kubantu bakwaNzuza ngoba babeya khona ukuyokokhela ukuze bakwazi ukubasa umlilo emakhaya abo, bakwazi ukupheka nokotha uma kumakhaza . Kwakuye kuthi uma abantu beya khona kwaNzuza , bebuzwa ngabanye ukuthi bayaphi , baphendule ngokuthi :’Sokhela kwaNzuza’.Ababebuzile uma bethola leyo mpendulo babethi nje bona : ‘O! niya kwaSokhela !’ Bagcina sebephendula ngalamazwi ”Yebo siyakwaSokhela ! Ngokuhamba kwesikhathi lowo muzi wagcina usubizwa ngokuthi kukwaSokhela . Ngakho-ke nabantu bakhona kulowo muzi babizwa ngokuthi ngabantu bakwaSokhela . Bonke bozalo lwalowo Nzuza owayephehla uzwathi babizwa ngesibongo sakwaSokhela .


Izithakazelo zakwaSokhela :

Nzuza
Mahlobo
Mshazi
Nozishada kaMaqhoboza
Owaqhobozela izinkomo zamadoda
Wena owapheka amadumbe avuthwa ngoLwesihlanu .
Wena owahlaba iso leSilo ngomuso wahlaba eleNgonyama

Umuntu owanothisa umlando wabantu bakwaNzuza futhi owaduma ngokulwa izimpi ezabe ziliwa kuleyo minyaka kwaba nguNozishada indodana kaMaqhoboza .Iqhawe lakwaNzuza

Izibongo zikaNozishada kaMaqhoboza:

Umziqomela ,njengesilwane
Unqamul’abant’amaqambi
UGebhuz’izulu
Ungongo zabantu nezinkomo
Umahlungulu-ngodweni
Umali wendima kant’uyazalela
Usehla ngendawana yakhe yedwana
Umgwazi weziqananazana
Unyawo lungendlu yakwabo,kwamaSicazana
Umanqe bathi ‘Adlani ngalapha kwaleziya zintaba?’
Adl’abantu bakaNozishada kaMaqoboza

UChakid’ozikhohlokhohlwana
UNtak’oduke namhlambi
Ngob’uduke nezakwaMzilikazi
UNomphanda mthombo wezinsele
Untamo kayidinwa iziqu
Njengabo bonke zibadinile

Ubehlangabez’uZulu eMaqongqo
Kwaze kwabuz’uNdlela kaSompisi
Wathi: Uzawuhamba yiphi na?
Mfana kaMqhoboza na?
Wathi -ke ‘Nansi eyami,
Engizawuhamba kuyo’
Wayesethi-ke yena:’Kepha ngiyakhala
Ngoba ngibona nje iNkosi isiletha abafana
Angiboni engizakulwa nabo
Ngibona abafana bodwa

Ibinda !

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo