Hlongwa

Isibongo sakwaHlongwa sengesinye sezibongo ezinkulu kwelikaMthaniya. Kulesi sibongo kuphuma ezinye izibongo ezifana nesibongo sakwaKhawula , esakwaJeza , esakwaKhuluse , esakwaShozi , esakwaMaluleka  esakwaLange nezinye izibongo . Abantu bakwaHlongwa emandulo  babakhe eMzumbe , abanye bakhe eMzimkhulu .Abantu bakwaHlongwa bangaMalala Nguni ngokwezigaba zabeNguni .

Abantu bakwaHlongwa bagqama kakhulu emva kwempi yaseNcome okuyimpi eyayiphakathi kukaZulu [ngaphansi kweSilo saseMgungundlovu] namaQadasi. Emva kwempi yaseNcome umngisi  uHenry Francis Fynn owabe kade eyingxenye yamaBhunu wabuyela emuva  eMzimkhulu. AmaHlongwa akubona ukuthi kuyingozi ukuzihlanganisa nalomuntu weNgwadi , anquma ukuzihlukanisa naye . Kwathi sekubusa iSilo sakwaNodwengu[ISilo uMpande] kwaZulu ,lawo maHlongwa abuyela kwabakubo eMzumbe eseholwa nguJoli indodana kaMjulela.

UJoli kaMjulela wayekhona empini eyaziwa ngokuthi yimpi eyaseManqongqo  eyabe iphakathi kweSilo uMpande neSilo uDingane . Yena wayengasohlangothini lweSilo uMpande. Kwathi emveni kwaleyo mpi uJoli wabuyela kwabakubo wathola uyise esekhotheme kwaphoqa ukuba athathe ubukhosi . AmaHlongwa asendlunkulu wona ehlela emfuleni iMaHlongwa ,eNingizimu yaseBhodwe . Wona ayeholwa nguZwebu kaMlanjana . Babengaphansi kwabelungu ngaleso sikhathi ngoba iBhodwe yabe isibuswa ngabeNgwadi [abelungu]. Inkosi uZwede walandelwa yinkosana yakhe uMjulela  yena walendela nguJoli . AMaHlongwa ayeseMzimkhuku wona abuswa nguSifana kaLanga owayebuye aziwe ngelika Zukela 


Amakhosi akwaHlongwa :

-Indlu kaMlanjana :

-uMlanjana wazala uZwebu

-uZwebu wazala uLanga

-uLanga wazala uZukela [uSifana] , uMjulela , uShozi noNgavu

-uNzukela wazala uMjulela noGabhisa

-uMjulela wazala uJoli noMpunzi

-uJoli wazala uMthamo

-uMthamo wazala uNgqungqushe

-uNgqungqushe wazala uNdlomothi

-uNdlomothi wazala uZiphamandla

-uMpunzi yena wazala uNomagqeba


AmaHlongwa akwaKhawula :

-Gabhisa wazala uHlola

-uHlola wazala uSotubu

-uSotubu wazala uNkumbi

-uNkumbi wazala uMchithwa

-uMchithwa wazala uDingezweni

-uDingezweni wazala uCalalabakubo ozala inkosi uBhekamahlongwa ,uMtomuhle u,Nhlanhla ,nabanye



Indlu yaseMalangeni kaMjulela kaZukela :

-Bona-ke babuye baziwe ngokuthi abakwaLange. Bona bazalwa nguMjulela  kaNzukela wasendlini encane  yakwaHlongwa . Babakhe laphaya phakathi kwaseMvoti  nakwaHlimbithwa . Inkosi yabo kwabe kunguNdaba eyakhothama behlaselwa uGasane lukaNdaba [inkosi uShaka ] . Isizwe sakhe sabe sesibalekela ngaseNingizimu yezwe . Ngaleyo nkathi babeholwa nguBabe indodana kaNdaba . Babaleka baze bayokwakha ngakoMziwezitho [eMzinto] . UBabe yena wabe esezala uMangcengeza kodwa hhayi owakwaMbatha.


Indlu yakwaMaluleka : EkaZwebu kaMlanjana :

Bona-ke abakwaMaluleka baphuma endlini enkulu yakwaHlongwa nokwabe kuyindlu kaZwebu . Sibathola ekuqaleni laphaya eMvoti nokulapho babeholwa khona nguKhondlo . Naye uKhondlo wakhathama njengoNdaba emva kokuhlaselwa yiLembe . .Babaleka baze bayokwakha eMzimkhulu . Nakhona abahlalanga ngoba babuye bedlulela laphaya ngasemfuleni iFaye . Lapho basebeholwa nguSisinde indodana kaKholo .USisinde lona wabuye wadingiswa abaengwadi laphaya ezweni lakhe


AbakwaKhuluse : Indlu kaMpunzi noMjulela :

Baphuma esendeni lika Mjulela wasendlini encane yakhona kwaHlongwa . Bona-ke sibathola bebuswa nguNomagqeba kaMpunzi ka Joli kaMjulela


AbakwaJeza : Indlu yaseKunene :

Laba bantu babuye baziwe ngokuthi abakwaNkabinde kodwa hhayi oNkabinde baseMacuseni. Bona sibathola bakhe  laphaya empumalanga nakwaHlimbithwa kuze kuyoshaya kwaMaphumulo . Bona baphuma ozalweni lukaZwebu wakwaHlongwa . Nabo-ke baba neshwa futhi lokuhlaselwa uGasane lukaNdaba ,inkosi uShaka kaSenzakhona .
Ngaleyo nkathi yokuhlaselwa kwabo babaleka bayongena ehlathini beholwa nguNyamuza kaSidwaba ,yena okwathi lapho behlaselwa wavele watha isihlenga sakhe  wayongena ehamba nendodana yakhe okwabe kunguLuhlaba .

Babaleka ngesihlenga leso balibhekisa  eNingizimu nezwe . Kwathi abasala lapho  bona bagcina sebefudukele eMsunduze maphakathi nomfula uMlazi nako Edendale . USidwaba wazala uNyamuza owazala uLuhlaba  noMacweba. UMacweba wazala uNgolela .



AbakwaShozi : Indlu kaShozi


Bona -ke baphuma kuShozi kaLanga kaZwebu kaMlanjana wakhona kwaHlongwa . behlukana kabili , abanye bazithakazela ngoMthiya kaNdawombi ,abadla imofi bethi badla inyamazane . Besekuba ngabazithakazela ngoGidela .Hlongwa . Umuntu esiqala ukzwa ngaye nguShenge kaNdaba kodwa hhayi owakwaButhelezi . UShenge lona wakha ihlalankosi lakhe wathi kuseMangangeni . Lo Ndaba obuye wazala uKhondlo  abaphuma esendeni likaZwebu . UShenge lona wazala amadodana amabili okunguShozi 11 noMdunge. Kungathi njengoba babezinze  koMahlabathini basuka khona balibangisa ngakoMaphumulo , bebalekela izimpi . Bathe sebefikile khona kwaMaphumulo izwe labo bathi kuseMangangeni , babelokhu bengalishiyi igama lehlalankosi yabo . Bafike kwaMaphumulo sebeholwa  ngamadodana kaMagalela kaMdingi kaMajolo . Lawo madodana kaMagalela kwakungoManzini [inkosana[] nomnawakhe uNdengezi . . Leliya zwe balifica linngenamuntu kodwa ekhona umnumzane  uMatingwana wakwaHlophe  .Inkosi uManzini yaganwa yindodakazi yakhe uMatingwane . Ngaleyo ndlela abantu bakwaHlongwa bazithjolela nonkosikazi kubantu bakwaHlophe. Namanje leliya zwe laseMangangeni kwaMaphumalo lingaphonsi lingaphansi kombuso wakwaShozi nakuba inkosi yesizwe skhona nengxenye yabantu bakhona babuye basuka khona bailibhekisa eNingizimu nezwe . Bahamaba baze bayokwakha laphaya eBhiyafu ngaseThekwini . Babuye basuka bayozitholela izwe laphaya ngasePhayindane[Pinetown ]

Leya ndawo bathola kukhona uMnu: Linda owabe eyibonda futhi ehlonishwa kuyona . Namanje bukhona ubukhosi bakwaShozi kuleyo ndawo bese kuthi ingxenye yaseMangangeni kwaMaphumulo yona  ibe ngaphansi kwenduna ebabhekele leliya zwe .

Amakhosi akwaShozi :

-uNdaba uzale uShenge

-uShenge wazala Somangele 

-uSomangele uzale uZwide hhayi owakwaNdwandwe

-uZwide uzale uMagojolo

-uMagojolo uzale uMdingi

-uMdingi uzale uSogodi noMagalela

-uMagalela uzale uManzini noNdengezi [ilokishi elethwe ngaye]

-uManzini uzale uLokothwayo

-uManzini uzale uManzolwandle [uTimothy]

-uManzolwandle uzale uNkosenye [uThomas]

-uNkosenye uzale uBhekamanganga[Emmanuel] obusayo

Zonke lezi zindlu ekade zishiwo kugcine izibongo kuzona . Isibonelo , Mlangeni [Lange]  Maluleka , Khuluse , Nkabinde [Jeza] Shozi nezinye



Izithakazelo zakwa-Hlongwa

Khuluse,
Gence, Shozi,
Gabhisa, Mtumasela,
Langa, Mbasha,
Wena owehla ngomzungulu wasala wabola,
Khawula!


Izithakazelo zakwa-Khuluse

Hlongwa,
Gabhise,
Mtumaseni, Khawula,
Mdindela !
Nina enehla ngomzungulu wasala wabola

#Ibinda

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo