Zondi

Abantu bakwaZondi bangamaNguni angamaLala ngokwezigaba zabeNguni . Abantu bakwaZondi batholokala kulo lonke leli lakwaZulu Natali nakwezinye izindawo kuleli laseNingizimu Afrika , kanye naseSwazini imbala . Lesi sibongo sinabantu abaningi futhi kunamakhosi abusayo ezabelweni zawo .

Esifundeni saseMgungundlovu kunezabelo ezimbili zakwaZondi ,Lezo zindawo noma izabelo , iNadi noMpumuza. Abantu baseNadi namuhla babuswa inkosi uSondelani ongumzukulu kaDlokwakhe owabe ezalwa uMhlola. AbakwaMpumuza bona babuswa inkosi uNsikayezwe Zondi ozalwa inkosi uBhekizizwe indodana yenkosi uLaduma Zondi .


Emandulo abantu bakwaZondi babakhelene nabantu bakwaNxamalala .Laba bantu bakwaNxamalala babakhe lapho umfula uThukela luhlangana khona nomfula iMpofana [Mooi River ] . Kunomfula osuka emagqumeni udabule kule ndawo lapho kwakkwakhe khona abantu bakwaNxamalala . Lo mfula ubizwa ngokuthi iNadi. Laba bantu ababezibiza ngokuthi bangamaNadi kwabe kungabantu bakwaZondi . Iqembu lesibili lalaba bantu bakwaZondi lalakhe enhla nesigodi somfula iMpanza, babezibiza ngokuthi bangabakwaMpumuza . Ngesikhathi sombuso weLembe lawa maqembu amabili abantu bakwaZondi ayebuswa amakhosi amabili , kuyilelo nalelo iqembu linomholi walo . Labo ababakhe bagudla umfula iNadi , ababezibiza ngokuthi bangamaNadi , babebuswa uNomagaga . Iqembu elalakhe enhla nesigodi somfula iMpanza , elalizibiza ngokuthi lingamaMpumuza, lona lalibuswa nguMaqenge.

Emuva kokunqoba abantu baseMaphephetheni impi kaShaka yawela iNadi yahlasela abantu bakwaZondi . abantu bakwaZondi babaleka bangena emahlathini .Impi yakwaZulu yaqoqa zonke izinkomo zabo , yaziqhuba , yashishinga yahamba nazo .Abantu bakwaZondi bebona le senzo sempi yakwaZulu, ihamba nezinkomo zabo , imuka nazo , baphuma emahlathini . Abanye babalekela kubantu bakwaNxamalala . Abanye bayozinikela kwiLembe . Ngesikhathi abanye beyozinikela ngaphansi kombuso kaShaka , abanye basala lapho endaweni ababakhe kuyona .Labo abasala base bebuswa uDlaba owabe esengumholi wabo emuva kokukhothama kukaYise UNomagaga

Kwathi ngesikhathi sombuso kaDingane kwelakwaZulu, iningi labantu bakwaZondi labona kufanele lilifulathele elakwaZulu . Bafuduka bahamba balibhekisa eBhodwe . Bafika eBhodwe bakha endweni ebizwa ngegama iZwartkop. Ngaleso sikhathi ngaleso sikhathi abantu bakwa uNomagaga base bebuswa uDlaba . Leli elinye iqembu elabe laziwa ngokuthi elakwaMpumuza labe selibuswa uNondaba ngesikhathi lifika kulendawo yaseZwartkop esesifundeni saseMgungundlovu.Okunye okutholakala emlandweni obhalliwe ukuthi ngesikhathi lamaqembu efuduka elibangise eningizimu , bakhona abasala kuleyo ndawo esesegodini somfula iMpanza . Leli qembu lenqaba ukufuduka, lihambe lishiye indawo yokhokho balo . Lelo qembu elasalayo labe seliholwa nguJangeni owabe eyindodana kaMaqenge. Njengoba besingichazile ukuthi lapha esifundeni saseMgungundlovu kunezabelo ezimbili zamakhosi akwaZondi .Lezi zabelo zibizwa ngamagama ahlukene , iNadi noMpumuza . Lamagama kuseyiwo ababebizwa ngawo ngesikhathi besakhe ezindaweni zabo ezabe zigudle imifula emibili , iNadi neMpanza

Isabelo saseNadi sabizwa ngomfula iNadi , ngokunjalo labo bantu bakwaZondi ababakhe lapho babizwa ngokuthi amaNadi , Isabelo sakwaMpumuza sibizwa ngalabo bantu bakwaZondi ababakhe esigobini somfula iMpanza .Labo bantu bakwaZondi babezibiza ngokuthi bangabantu bakwaMpumuza noma amaMpumuza

*Ukuqambeka kwesibongo sakwaZondi :

-Kuthiwa lesi sibongo sakwaZondi saqambeka ngesizathu sokuganga . Kwasuka omunye wesilisa wakhona emdenini waqomisa indodakazi kaNondaba .Lesi senzo samholela esigcawini sokuqulwa kwamacala . Wazithola esemi phambi kwamalunga omndeni owabe uhlangene ukuzoqula ,udingide udaba lwakhe lokuqomisa indodakazi kaNondaba

Sebequla memphenya lo mlisa bezwakala sebethi , ‘Lesi senzo sakho sibi , sikhombisa ukuthi wena uyamzonda uNondaba ‘Bamklokloma bonke bathi ‘Uyamzonda uNondaba wena ‘!Uzonda uNondaba wena !

Lawo mazwi abawaphimisayo ayethi lowo mlisa ngenxa yaleso senzo sakhe sokuqomisa indodakazi kaNondaba sikhombisa ukuthi lokho kwabe kuyisenzo esasikhombisa ukuthi uyamzonda uNondaba . Kusukela kuleso sigameko selunga lomndeni

Kusukela kuleso sigameko lelo lunga lomndeni labizwa ngokuthi linguZond’uNondaba .Ngokubizwa ngaleli gama kwaba sekuba ukuqambeka kwesibongo sakhe. Ngakho -ke bonke abazalo lwakhe babizwa ngokuthi bangabantu bakwaZondu .

Emlandweni wabantu bakwaZondi sitholile ukuthi ozalweni lukaMaqenge kukhona abangafudukanga ngesikhathi amanye amaqembu ebhekise amabombo esifundeni saseMgungundlovu .Labo abasala babeholwa nguJangeni indodana kaMaqenge. UJangeni wazala uMancinza owazala uBhambatha . UBhambatha yiqhawe lwakwaZondi elalwa namaNgisi ukuze abantu bangaphoqwa ukuthela imali yamakhanda . Lempi yalwa ngo1906, yaziwa ngokuthi yiMpi yamakhanda .UBhambatha yena owanothisa umlando wesibongo sakwaZondi

UNondaba:

UNondaba yena uzalwa endlini encane kaLuqa kaGagashe. endlunkulu kuzalwa khona uSobangwa kaLuqa kaGagashe kaNhlabathileko kaLusibalukhulu kaDlamini kaMndlovu

uNondaba yena wazala uMmangali noNomashumi

uNomashumi yena wazala uMagenge yena wazala uJangeni yena wazala

uMancinza yena wazala uBhambatha noFunizwe uBhambatha wazala

uNdabayakhe.

Zonke izindlu zakwaZondi ziphuma kuLuqa kaGagashe

Inkosi uLaduma izalwa uTeleleku
kaNobanda kaNgwane
kaMpumuza kaMakhwetha
kaSobangwa
Yena Uladuma wazala uBhekizizwe ozala uNsikayezwe.
Inkosi eyaduma kwaZondi uMhlola kaMzimba kaDibinyika kaDlaba kaNomagaga kaNsele kaSivunya kwaGwamanda
uMhlola wase yena ezala uDlokwakhe, yena wazala uSondelani okuyinkosi ebusayoyena undowendlu enkulu.

Izibongo zikaBhambatha kaMancinza :

UBhambath’imihlane yamagwala
Ulanga libomvu phuma sikothe
Kade sikothela kude emafini
Ubuhwanqa budabuka nenhliziyo
Obunye ubuhwanqa buduke nemizimba

Usephula mithi iphekiwe-endlini kwabo kwaMaPhakade
Umdludl’odl’izinkomo zikaVoyizana eMgungundlovana
Umagaduzel’owabonel’empunzini,
Usibhekuza siliqhina sibhekuzel’uDlovunga
eMgungundlovana
Umdabu zehla ngamasamaniso kuMakhalana,
eMgungundlovana
Bhambatha kaManciza

Ubheshu libomvu liyazenz’izindaba ,
Kade liwenzel’amabandla namabandlana
NoNyoniyezwe limenzele
NoGayedwa limenzele
NoDlovungana Mhlophe limenzele

Usifukufuku silukhakhayi lwengane yakwamf’ofelwayo,
Eth’izalwa kwakubikwa kuthiwa –
Ukhakhayi lushona phakathi
Bayifunel’amaqanda ezintshe noNhlangumhloshana,
Umakhathakhath’emgugudu,
Umanz’amnyama elangeni,
Phuma langa sikothe kade sikothela kude
Usidlundlulu singankomo
Ithwelw’amanz’ekhanda !

Ibinda !

Izithakazelo zakwa-Zondi
Nondaba,
Gagashe,
Mancinza,
Nhlab’shile Luqa,
Bhambatha,
Wena owancinza isoka labuyela entombini!
Bhambatha kaMancinza ..
Luqa!
Tetani!
Lusibalukhulu!
Nhlabishile kaGininda
KaNjapha kaNomaphindela
KaNokhovu kaNdokoshe
KaSidukuduku!
Gasa ngokugasel’ izizwe
Jangeni kaBhambada kaManciza
Bhambada maguduzela
Owaguduzel’ izihosha nezihoshana
Mabonwa’ abulawe njengenyamazane
Mpunyumpunyu bemphethe
Ngimfung’ uBhambad’ eseNkandla
Dudul’ amaBhunu
Shibase!

Ibinda ! 

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo