Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

 

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Modise

AbakwaModise Isibongo sakwaModise saqambeka ngoModise indodana ka Kata ka Sefiri (Marikgwe) ka Ntsikwe ka Mare(Patsa) kaTlopo. Lesi sizwe sakwaModise singabaFokeng bakaPatsa.Phela abaFokeng bahlukaniswe kabili, kukhona abakaPatsa kanye nabakaMmutla. Indabuko yabeSuthu iyefana neyabeNguni,  isenhlanezwe lena koSudan. Lena eSudan abeSuthu kanye nabeNguni basuswa izibhamu zamaGreeki kanye nezamaArabhu. Kuthiwa isizwe sabaFokeng yisona sizwe esikhulu kunazo zonke izizwe zabeSuthu futhi yisona esafika kuqala kuleli leNgabade(Manzansi-Afrika) ngenkathi kusukwa enhla nezwe. Iqhawe elagqama kakhulu k... qhubeka ufunde »

Nzimakwe

AbakwaNzimakwe Abantu bakwaNzimakwe bangabeSuthu ngokwendabuko. Ukhokho walaba bantu bakwaNzimakwe kwakunguMachi igama lakhe, lendoda yayiphila kudala kakhulu kanti ibuye ibe ukhokho wabantu bakwaXolo,Dlezi,Phehlukwayo, Machi, Ngutshana, Sabela nabanye. Laba bantu bakwaNzimakwe babuye baziwe‎ ngok... qhubeka ufunde »

Mdleleni

AbakwaMdleleni Mbulazi Mntungwa Khumalo Mkhatshwa Zikode Mashobana Mdleleni Abantu bakwaMdleleni bangaMantungwa,baphuma kubantu bakwaKhumalo. UMdleleni okwaqanjwa ngaye isibongo wabe engumfowabo Mzilikazi, eyindodana kaMashobana njengabo oNzeni, oMzilikazi, oNgonyama oGquqgu nabanye. Imizi kaMashoba... qhubeka ufunde »

Masuku

AbakwaMasuku Abantu bakwaMasuku kusengabantu bakwaNdwandwe. Abantu bakwaNdwandwe badabuka ngasezintabeni amaGudu.Lezi yizintatshana ezengamele umfula uPhongolo.Ngakho-ke kusashiwo uma kukhulekwa kwaNdwandwe,kwaNxumalo kumbe kwaMasuku kuthiwe ”Ndwandwe waseGudu”noma kuthiwe nina base̵... qhubeka ufunde »

Mphuthi/Hlanyane

AbakwaHlanyane /Mphuthi Abantu bakwa Hlanyane bangabaNguni baseMbo ngokwendabuko ize namuhla sibathola sebekhuluma ulimi lwesiSuthu. Laba bantu ngesikhathi soMfecane (sezimpi zaseMazansi neAfrika ezaqalwa amakhosi afana nawoDingiswayo, oPhungashe,oHinsa , oZwide, oMacingwane, oMjokwane namanye. Inhl... qhubeka ufunde »

 

error: Akuvumelekile lokho !!